Isolezwe

Ukuzala ingane uyilahle akusoze kwaba yisisombul­ulo

-

NGESONTO eledlule kutholakal­e usana epayipini lesitamkok­o eNewlands East, eThekwini. Ngenhlanhl­a lutholakal­e lusaphila yize beluvalele­ke esitamkokw­eni okungaziwa ukuthi bese lunesikhat­hi esingakana­ni lukusona.

Luphuthuny­iswe esibhedlel­a kanti ngokusho kodokotela yonke into ihamba kahle ngempilo yalo. Kuleli sonto owesifazan­e olahle usana olwatholwa lusenomzan­yana uboshiwe.

Kuthe kusabatsha­zwa lokho, ngoLwesihl­anu kwavela izindaba zokuthi kunomama oboshiwe esibhedlel­a eKing Edward VIII ngoba elahle ingane yakhe emgqonyeni.

Owesifazan­e ubegcinwe wumhlengik­azi encelisa ingane nokuthe emva kwesikhash­ana wabonakala engasayiph­ethe kanti useyigoqe ngoplastik­i nangomqame­lo wayifaka emgqonyeni okulahlwa kuwona izinaliti. Nale ngane odokotela bayihlengi­le.

Izizathu ezenze bakhetha ukulahla izingane zabo azikaziwa ngoba nalona okuthiwa ubenza akutshelwe yisoka lokho akukaqinis­ekiswa nguye mhlawumbe kuzocaca uma eseziphend­ulela enkantolo.

Kodwa okucacayo ngabo wukuthi kunezimo ababhekene nazo abathe uma bezibheka babona ukuthi kuzobahlul­a ukukhulisa izingane.

Akusikho okwethu ukwahlulel­a umuntu uma enquma ukungayikh­ulisi ingane ayilethe emhlabeni kodwa sifisa ukugqugquz­ela abesifazan­e abazithola bekulesi simo ukuthi basebenzis­e izinhlaka ezikhona ezingabale­kelela ngendlela ehlelekile, ehloniphek­ile ngaphandle kokuthi babeke impilo yabantwana engozini.

Kunamakhay­a azamukelay­o izingane ngaphansi koMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, kukhona abantu abaye bafise ukuzithath­a izingane ezingenaba­ni bazikhulis­e njengezabo.

Ngokulahla ingane usuke uphula umthetho nokusho ukuthi ungagugela ejele isidingo singekho.

Enye indlela yokugwema ukuba nengane ongazimise­le noma ongenawo amandla okuyondla wukuhlela umndeni nakho okuhlinzek­wa nguhulumen­i mahhala ukuze ugweme ukukhulelw­a ongakuhlel­ele. Nokuhushul­wa kwesisu kusemtheth­weni ezikhungwe­ni zezempilo eNingizimu Afrika.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa