UNyazi sicela luthethelele abagcotshwa abamisiwe
MHLELI: Ngicela ukuthi ungidlulisele ukuphatheka kabi kwami ngesenzo esenzeka lapha ebandleni selokhu kwahlala ubaba uNyazi ebandleni. Okokuqala, ngizobeka kucace ukuthi ngokwenqubo yaleli bandla uma kuzongena imihlangano eyaye yenziwe kathathu onyakeni, okuyinhlangano kaJanuwari, Julayi no-Okthoba kumele kuthethelelwe bonke abebemisiwe ngenxa yokuphambana nomthetho webandla noma ngamacala athile abasuke bewenzile, bephula imithetho kaNkulunkulu. Kodwa lokhu sibona sekushaywa indiva nobaba sengathi uyehluleka ukuphuma nento ecacile njengomholi webandla. Abantu bayazenzela nje, akanendaba futhi uyehluleka ukumela iqiniso njengoba kunguye owokugcina okumele aphume nezwi eliwujuqu.
Ngikhuluma nje kunabagcotshwa abayilokhu bamiswa. Manje sekungaphezulu kweminyaka eyisithupha udaba lwabo lungakhulumeki, yena ubaba uthulile nje akabashayi mkhuba noma sebekhalela ukuthi phela abaxolelwe, babuyele esontweni. Ngokwenqubo yebandla lokhu akwenzeki.
Siyamangala-ke ngoba lokhu kuyaphambana nomthetho kanti nekomiti elimiselwe ukulungisa izindaba zebandla lizithulele nje. Manje angisazi ukuthi leli bandla libhekephi uma kunjalo. Uma yena engabathetheleli njengomnikazi wesonto kanti ngubani okumele abathethelele? Futhi uma yena engabazweli ngubani kanti ozobazwela ngoba uma bexabene, engabalamuli ngabe ulindele ukuthi kuze kuchitheke igazi yini lapha ebandleni? Yonke le mihlangano engiyibalile iyangena nje bamisiwe laba bantu, abasonti ndawo, abasazazi noma basengamaNazaretha noma sebeyini. Uma belahlwa benganakwa kanti yini lena engaka abayona lapha ebandleni edala bangiyitholi intethelelo?
Uma bengahamba manje emhlabeni bengathethelelwe kuyothiwani? Sengisola ukuthi naye ubaba akalinakile ibandla ukuthi abantu bayezwana noma cha. Laba bagcotshwa ngingabala oMfundisi Khanyi, Mavuso, Ngema, Mchunu noMvangeli uMtshali. Angisazi kahle noma bamisiwe noma baxoshiwe yini ebandleni. Ngikhuluma nje lona omunye uMfundisi Richard Mchunu wake wazidela weza mathupha ethi uzozicelela intethelelo kuye ubaba uNyazi kepha wavinjwa ngamanye amalungu ebandla, amfaka induku phambi kwakhe ubaba. Ngelanga ashaywa ngalo kwakuyiSabatha kwakukhona ngisho iSilo Samabandla sivakashile, okungavumelekile-ke emthethweni kaNkulunkulu ukuba kwenzeke. Futhi lokhu kwakumele ubaba njengomholi aphume nezwi eliwujuqu ngaso leso sikhathi, ayilungise yena le ndaba yalaba bagcotshwa abathethelele babuyele esontweni nabo bazikhonzele. Kepha yena wathi laba bantu abaxabene bebodwa, abasale bayilungise le ndaba yokuxabana kwabo wasuka washiya kulenga kunjalo.
Le nto eyenzekayo lapha ebandleni isiphethe kabi kakhulu ngoba ihlambalaza ibandla likaNkulunkulu wasekuPhakameni. Angikaze ngiyibone le nto ngoba kuyimanje kukhona abanye abagcotshwa abamisiwe futhi nabo okungezwakali kahle ukuthi benze sono sini.
UThingolwenkosazana lwalungahambisani nokushaywa nokuxoshwa kwabantu esontweni noma ngabe benzeni. Lwaluze lusho luthi mina angixoshi muntu ngoba nobaba abazange baxoshe muntu. Kodwa manje lokhu sekuyinsakavukela nje ebandleni. Siyibandla siyamangala ukuthi sekuyisonto elinjani kanti leli uma selinjena. Ngiyafisa ukuthi nesigungu esiphezulu silusukumele ngokukhulu ukushesha lolu daba lwalaba bagcotshwa, babuyiselwe ebandleni nabo bakhonze.
Le nto ibuhlungu ngoba laba bantu banezingane namakhosikazi abangazi lutho futhi angone lutho. Nabo bayathinteka abasasonti ndawo ngoba kumiswe oyise nabayeni babo. Ngicela isonto lingaphenduki kube yikwamachanca kwampunzi edla emini lingaphenduki libe yihlathi ekubeni kunomholi nesigungu esimiselwe ukulungisa lezi zindaba. Njengoba nje kuzoba nomhlangano lapha eGoli kuyo lenyanga bengicela babuyiswe laba bagcotshwa, kungadlalwa ngokukholwa kwabo ngoba bengenamkhulumeli.
Ngifisa ukuthi kuphele lokhu kuxabana okukhona ngaphansi kobuholi boNyazi nalo alusukume lubonise ubuholi balo luqede le ngxabano ekhona esithathe iminyaka eminingi kangaka.
Uma lwehluleka ukulamula le ngxabano ngifisa bamiswe nalaba abanye abagcotshwa abaxabene nalaba abemisiwe baze babuyele esontweni sebebuyisene ngoba basonta kanjani bona bexabene nabanye?
Sekwaze kwaba khona omunye umuzi owakheka phezu kwenzondo khona lapha eGoli, okuyaye kuthi uma uNyazi luze kulona omunye umuzi abanye abavumelekile ukungena kuwo ngoba kuxatshenwe. Uma selulethe umhlangano kulona omunye futhi laba abanye abavumelekile ukungena kuwo.
Ubaba uyawubuka nje lo msindo uyaqhubeka. Bengilokhu ngithi uzowunaka awulungise njengenhloko. Manje zidla amahlanga phambi kwakhe abantu bayazenzela nje. Iyakhathaza le nto ngoba isisontisa kabi uma sinyonkolozana kabi kangaka ngoba awukwazi ukukhuluma nalaba abanye ngoba uthathwa njengevukela mbuso kulaba abamise, abanye kushiwo lokhu nalokhu. “Wonke amaNazaretha mawabe munye njengebumba likasimende.” Ameni, ngiyabonga. Okhathazekile EGAUTENG