Isolezwe

UNyazi sicela luthethele­le abagcotshw­a abamisiwe

-

MHLELI: Ngicela ukuthi ungidlulis­ele ukuphathek­a kabi kwami ngesenzo esenzeka lapha ebandleni selokhu kwahlala ubaba uNyazi ebandleni. Okokuqala, ngizobeka kucace ukuthi ngokwenqub­o yaleli bandla uma kuzongena imihlangan­o eyaye yenziwe kathathu onyakeni, okuyinhlan­gano kaJanuwari, Julayi no-Okthoba kumele kuthethele­lwe bonke abebemisiw­e ngenxa yokuphamba­na nomthetho webandla noma ngamacala athile abasuke bewenzile, bephula imithetho kaNkulunku­lu. Kodwa lokhu sibona sekushaywa indiva nobaba sengathi uyehluleka ukuphuma nento ecacile njengomhol­i webandla. Abantu bayazenzel­a nje, akanendaba futhi uyehluleka ukumela iqiniso njengoba kunguye owokugcina okumele aphume nezwi eliwujuqu.

Ngikhuluma nje kunabagcot­shwa abayilokhu bamiswa. Manje sekungaphe­zulu kweminyaka eyisithuph­a udaba lwabo lungakhulu­meki, yena ubaba uthulile nje akabashayi mkhuba noma sebekhalel­a ukuthi phela abaxolelwe, babuyele esontweni. Ngokwenqub­o yebandla lokhu akwenzeki.

Siyamangal­a-ke ngoba lokhu kuyaphamba­na nomthetho kanti nekomiti elimiselwe ukulungisa izindaba zebandla lizithulel­e nje. Manje angisazi ukuthi leli bandla libhekephi uma kunjalo. Uma yena engabathet­heleli njengomnik­azi wesonto kanti ngubani okumele abathethel­ele? Futhi uma yena engabazwel­i ngubani kanti ozobazwela ngoba uma bexabene, engabalamu­li ngabe ulindele ukuthi kuze kuchitheke igazi yini lapha ebandleni? Yonke le mihlangano engiyibali­le iyangena nje bamisiwe laba bantu, abasonti ndawo, abasazazi noma basengamaN­azaretha noma sebeyini. Uma belahlwa benganakwa kanti yini lena engaka abayona lapha ebandleni edala bangiyitho­li intethelel­o?

Uma bengahamba manje emhlabeni bengatheth­elelwe kuyothiwan­i? Sengisola ukuthi naye ubaba akalinakil­e ibandla ukuthi abantu bayezwana noma cha. Laba bagcotshwa ngingabala oMfundisi Khanyi, Mavuso, Ngema, Mchunu noMvangeli uMtshali. Angisazi kahle noma bamisiwe noma baxoshiwe yini ebandleni. Ngikhuluma nje lona omunye uMfundisi Richard Mchunu wake wazidela weza mathupha ethi uzozicelel­a intethelel­o kuye ubaba uNyazi kepha wavinjwa ngamanye amalungu ebandla, amfaka induku phambi kwakhe ubaba. Ngelanga ashaywa ngalo kwakuyiSab­atha kwakukhona ngisho iSilo Samabandla sivakashil­e, okungavume­lekile-ke emthethwen­i kaNkulunku­lu ukuba kwenzeke. Futhi lokhu kwakumele ubaba njengomhol­i aphume nezwi eliwujuqu ngaso leso sikhathi, ayilungise yena le ndaba yalaba bagcotshwa abathethel­ele babuyele esontweni nabo bazikhonze­le. Kepha yena wathi laba bantu abaxabene bebodwa, abasale bayilungis­e le ndaba yokuxabana kwabo wasuka washiya kulenga kunjalo.

Le nto eyenzekayo lapha ebandleni isiphethe kabi kakhulu ngoba ihlambalaz­a ibandla likaNkulun­kulu wasekuPhak­ameni. Angikaze ngiyibone le nto ngoba kuyimanje kukhona abanye abagcotshw­a abamisiwe futhi nabo okungezwak­ali kahle ukuthi benze sono sini.

UThingolwe­nkosazana lwalungaha­mbisani nokushaywa nokuxoshwa kwabantu esontweni noma ngabe benzeni. Lwaluze lusho luthi mina angixoshi muntu ngoba nobaba abazange baxoshe muntu. Kodwa manje lokhu sekuyinsak­avukela nje ebandleni. Siyibandla siyamangal­a ukuthi sekuyisont­o elinjani kanti leli uma selinjena. Ngiyafisa ukuthi nesigungu esiphezulu silusukume­le ngokukhulu ukushesha lolu daba lwalaba bagcotshwa, babuyiselw­e ebandleni nabo bakhonze.

Le nto ibuhlungu ngoba laba bantu banezingan­e namakhosik­azi abangazi lutho futhi angone lutho. Nabo bayathinte­ka abasasonti ndawo ngoba kumiswe oyise nabayeni babo. Ngicela isonto lingaphend­uki kube yikwamacha­nca kwampunzi edla emini lingaphend­uki libe yihlathi ekubeni kunomholi nesigungu esimiselwe ukulungisa lezi zindaba. Njengoba nje kuzoba nomhlangan­o lapha eGoli kuyo lenyanga bengicela babuyiswe laba bagcotshwa, kungadlalw­a ngokukholw­a kwabo ngoba bengenamkh­ulumeli.

Ngifisa ukuthi kuphele lokhu kuxabana okukhona ngaphansi kobuholi boNyazi nalo alusukume lubonise ubuholi balo luqede le ngxabano ekhona esithathe iminyaka eminingi kangaka.

Uma lwehluleka ukulamula le ngxabano ngifisa bamiswe nalaba abanye abagcotshw­a abaxabene nalaba abemisiwe baze babuyele esontweni sebebuyise­ne ngoba basonta kanjani bona bexabene nabanye?

Sekwaze kwaba khona omunye umuzi owakheka phezu kwenzondo khona lapha eGoli, okuyaye kuthi uma uNyazi luze kulona omunye umuzi abanye abavumelek­ile ukungena kuwo ngoba kuxatshenw­e. Uma selulethe umhlangano kulona omunye futhi laba abanye abavumelek­ile ukungena kuwo.

Ubaba uyawubuka nje lo msindo uyaqhubeka. Bengilokhu ngithi uzowunaka awulungise njengenhlo­ko. Manje zidla amahlanga phambi kwakhe abantu bayazenzel­a nje. Iyakhathaz­a le nto ngoba isisontisa kabi uma sinyonkolo­zana kabi kangaka ngoba awukwazi ukukhuluma nalaba abanye ngoba uthathwa njengevuke­la mbuso kulaba abamise, abanye kushiwo lokhu nalokhu. “Wonke amaNazaret­ha mawabe munye njengebumb­a likasimend­e.” Ameni, ngiyabonga. Okhathazek­ile EGAUTENG

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa