Isolezwe

Kubhikishw­a nje yizinqumo zikaZuma

-

MHLELI: Owayengume­ngameli wezwe uMnuz Jacob Zuma wajabulisa abaningi ngesikhath­i ememezela ukuthi sesikulung­ele ukuba nemfundo yamahhala emazingeni aphakeme.

Mina njengesakh­amuzi esihlaziya ukuhlala kwami nokuphila kwami eNingizimu Afrika ngafikelwa umbuzo othi izophumaph­i le mali yemfundo yamahhala? Ngabe sesikulung­ele yini ukuba kuleso sigaba sokuba neyamahhal­a? Kodwa ngavele ngathi ohlaba eyakhe akaphikisw­a.

Lokho kwakusho ukuthi uyakwazi ayekwenza uZuma. Njengoba imibhikish­o ilekanyana ezikhungwe­ni zemfundo futhi kuyizinkom­ba zokuthi besingakul­ungeli ukuthola eyamahhala.

Sekuyinsak­avukela umchilo wesidwaba ukubona imibhikish­o nokubulawa kwabafundi abafuna abakuthenj­iswa inhlangano ebusayo.

Okungikhat­haza kakhulu yileli gazi eligobhoza­yo uma kubhikishw­a kanye nababoshwa­yo. Kuseyiyo eyamahhala njalo Zuma? Okufanele kwaziwe abaholi bethu ukuthi abangaling­e bethathe izinqumo ngabodwana ngoba lokho kuba nomthelela omubi njengalona wemibhikis­ho. Mina umunwe wami ukhomba ubudedengu bukaZuma ngolwemibh­ikisho yasezikhun­gweni zemfundo ephakeme. Wayethi iyothathwa­phi imali ekubeni abantu abakhokha intela abasebenzi?

Kunjena nje yizinqumo zikaZuma. UZuma nethimba lakhe kumele bazi ukuthi leli gazi elichithek­a emanyuvesi liyobuzwa kabo.

Okuhlalele uMengameli Cyril Ramaphosa nethimba lakhe ukuvimba amanzi ukuba engangeni endlini ye-ANC. Ukubonisan­a nokukhipha izinqumo eziphusile komphathi wezeMfundo uNkk Naledi Pandor kuzodambis­a udlame ezikoleni bese elungisa le nhlekelele yakwaNSFAS. Khabzela “KB “Mzimela EZWELIBOMV­U

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa