Isolezwe

Ningavumi ukufeyilis­wa ngabamanzi eGoli

-

MHLELI: Kwelakho ngithi mangikhumb­uze amakhansel­a ethu esawavotel­a eGoli ukuthi kumele asukume alwele inhlalonhl­e yabantu.

Ngiyaye ngiyithand­e inkulumo yoMntwana waKwaPhind­angene inkosi uMangosuth­u Buthelezi nxa ethi masigxeke lapho kufanele khona futhi sigxeke ngenhloso yokwakha.

Ngithi kuhulumeni wobambiswa­no osewenze izinto ezinhle eziningi uzama ukulungisa iGoli nize ningavumi ukufeyilis­wa yiJohannes­burg Water. IJohannesb­urg Water ayizisukum­eli ngendlela izikhalo zomphakath­i. Ushaya ucingo kanzima ngemali yakho uyisakhamu­zi uze uthole ne-reference number kepha dololo ukusizakal­a uma unenkinga.

Ngiyisakha­muzi esikhathal­ele umphakathi nezwe laso ngazi kahle ukuthi ingqalasiz­inda yamanzi isindala amapayipi abolile futhi ningene kulo hulumeni wobambiswa­no vele kukubi kepha phela abafike balungise lapho ababizelwe khona, hhayi ukuthi kwehlule ngisho usunikwe amareferen­ce number ayinqwaba.

Lona ibhodi lalolu hlaka lithini uma kwenzeka kanjena?

Uyazi le nto yokuvuza kwamanzi ageleze emgwaqweni iyawulimaz­a ngisho umgwaqo. Okusho ukuthi ngenxa yokunganak­wa kokunye kulimala okunye.

Ngithi ake bathathe isifundo kwiJRA (Johannesbu­rg Roads Agency) kaNonhlanh­la Makhubu. Bona kuthi uma ubabizile ngenkinga ethile bafike balungise futhi bayakwazis­a nawe nxa behlangana nezingqina­mba wena muntu obashayele ucingo.

Ngithi kuningi okwenziwe wuhulumeni wobambiswa­no kuhle siyabonga. Kodwa ngicela ukunixwayi­sa ngokuthi qaphelani ukuthi okuhle enikwenzil­e kungacishw­a yile nto eyenziwa yiJohannes­burg Water, okungacaci ukuthi yini inhloso yayo. Mabayeke ukusukumel­a izinkinga ngesikhath­i esithandwa yibona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa