Isolezwe

Ufisa ukukhula emculweni uDJ Chofy

- NOKUBONGWA PHENYANE

UNETHEMBA lokuthi ngelinye ilanga umculo wakhe uzonakwa ngisho emisakazwe­ni emikhulu uSmangele Mbatha odume ngelikaDJ Chofy ezindaweni zobumnandi.

Ngesonto eledlule ingoma yale ntokazi eyikhiphe ngonyaka odlule ethi Asiyindawo idlale okokuqala ezinhlelwe­ni zomculo esiteshini sakwaDStv.

UDJ Chofy uthe uma kukhulunyw­a ngobunzima bokungena endimeni yobumnandi yinto ayazi kahle leyo.

“Le ngoma ngiyikhiph­e ngonyaka odlule kodwa kwaba nzima satshe ukuthi ingene emsakazwen­i ukuze idlalwe. Angiphelan­ga amandla bengizama ukuthi la ngihamba khona ngiyiphush­e yaze yaduma ezindaweni zobumandi nozakwethu bangixhasa. Ngawo unyaka odlule ngibone kungcono ukuthi ngenze i-video yayo yize bengingena­themba lokuthi izodlalwa nangempela kwenzeka lokho kodwa ngazitshel­a ukuthi ngeke ngiyeke. Ngiyihambi­sa bangitshel­a ukuthi ngeke besayithat­ha ngoba sekuqala isikhathi samaholidi izingoma ezintsha bazozithat­ha uma kuqala unyaka,” kuchaza uDJ Chofy.

Uthe ukuyibona le ngoma idlala kumenze wabuyelwa yithemba njengoba ekupheleni kukaMashi ezokhipha enye ingoma ethi Shampompo.

Uthe le ngoma eyesine njengoba elokhu aqala ukuzikhiph­a kusukela ngo-2014.

“Ngiyafisa ukukhula nami kodwa kukhona konke akukho okudlula ukusebenza kanzima. Ngiyafisa ukusebenza nabantu abafana noBlack Coffee, Black Motion, Mpumi kulo mkhakha ukuze ngikhule.”

Uthe esinye isifiso sakhe wukuthi abe nestudiyo lapho ezoqopha khona abantu besifazane futhi abasize ekuthuthuk­iseni umculo wabo njengoba ebonile ukuthi akulula.

 ??  ?? UDJ Chofy uthi unesifiso sokusiza oDJ besifazane abancane njengoba kungelula ukungena endimeni yobumnandi
UDJ Chofy uthi unesifiso sokusiza oDJ besifazane abancane njengoba kungelula ukungena endimeni yobumnandi
 ??  ?? UCHI Mhende, olingisa kwiGenerat­ions uzogcina ukubonakal­a kuyo kwazise usekhonjwe indlela
UCHI Mhende, olingisa kwiGenerat­ions uzogcina ukubonakal­a kuyo kwazise usekhonjwe indlela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa