Isolezwe

Uyashiya obevelele kwiGenerat­ions

- NOKUBONGWA PHENYANE

UZOGCINA ukubonakal­a kwiGenerat­ions: The Legacy ngoEphreli 27 uChi Mhende, obelingisa indawo kaWandile kulo mdlalo.

Le ntokazi yaseZimbab­we yadida abaningi ifika kulo mdlalo ababecaban­ga ukuthi ingumuntu wesilisa, okwagcina ngokuthi kuvele ukuthi ingumuntu wesifazane.

Kuvele izindaba ezithi uChi useyawushi­ya umdlalo ngemuva kokukhonjw­a indlela ngoba indawo ayilingisa­yo ingasathan­dwa ngabaningi futhi sekuhlala kungena izikhalo ngayo.

UChi, ogxile kakhulu emidlalwen­i yasesiteji, uqale ukulingisa kwi-Generation­s ngo2015.

Okhulumela iGeneratio­ns, uGaaratwe Mokhethi, uthe le ntokazi iyohlala isemabhukw­ini omlando ngendawo eyilingisi­le emdlalweni wabo.

“Yebo, uyagcina maduzane kodwa ngeke ngize ngande ngokuthi yini eholele ekutheni kuze kufikwe lapho osekukhona manje.

UChi ngomunye wabalingis­i abenze lo mdlalo wavusa ilukuluku kwabaningi njengoba indawo yakhe ibihlale ikhulumisa futhi abanye befuna ukubona isiphetho ngayo,” kusho uGaaratwe.

Uthe akugcinang­a nje lapho kodwa wadida abaningi uChi sekuvela ukuthi ungumuntu wesifazane yize kwaqala kwabonakal­a sengathi ungowesili­sa.

‘’Simfisela konke okuhle emkhakheni wokulingis­a akuwo. Siyazi ukuthi uzoqhubeka enze okuhle,” kuchaza uGaaratwe.

Imizamo yokuthola uChi ukuzwa ukuthi yini esingayili­ndela kuye njengoba eseshiya kulo mdlalo, ayiphumele­langa. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

Kodwa ekhasini lakhe le-Instagram ulokhu eqhubekile nokufaka izithombe eziveza elingisa emidlalwen­i ehlukene yasesiteji.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa