Isolezwe

Impamba kususwa ‘ngendluzul­a’ izingane

- SNE MASUKU

ZILINGANIS­ELWA ku-200 izingane, kubalwa nezincane ezisuswe emakhaya ezingane amathathu enyakatho nesifundaz­we, mayelana nezinsolo zokuhlukun­yezwa.

Abaphathi bala makhaya bagxeke uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i ngokususa lezi zingane. Laba baphathi bathe abazi lutho mayelana nokuhlukun­yezwa kwezingane.

Inhlangano engenzi nzuzo esifundazw­eni, iNatal Christian Social Services iphethe i-Morester Ladysmith neMorester Home Meah eseNewcast­le. Umphathi wayo uMfundisi Gerhard Botha, uthe abanalwazi mayelana nokuhlukun­yezwa kwezingane njengoba kungekho obekwe icala kubasebenz­i. “Sizokuphik­isa enkantolo ukuthathwa kwezingane,” kusho uBotha.

Kubikwa ukuthi izingane bezikhala zimemeza futhi zilwa ngesikhath­i zithathwa. UBotha uthe abasebenzi bebengazi ukuthi izingane zithathelw­ani. UBotha uthe badidekile abasebenzi ngokwenzek­a nangokusol­wa komunye wabasebenz­i ngokuhluku­meza lezi zingane njengoba kungekho oke wavulelwa icala.

UBotha uthe ubengekho ngesikhath­i kwenzeka lokhu kodwa abasebenzi bakhe bayazi ukuthi abavumelek­ile ukuphazami­sa umsebenzi wabezenhla­lakahle.

“Asikwazi ukuzivikel­a ngoba asinayo imininingw­ane mayelana nalezi zinsolo. Izicelo zabaphathi nabameli bethu zokuthi sixoxe ngalolu daba aziphumele­langa,” kusho uBotha.

Uthe uzwile ukuthi umnyango ulunywe indlebe ngabantu abangafuna­nga ukuzidalul­a.

“Asitshelwa­nga ngale nkinga nesinqumo sokuthatha izingane. Okusihluph­a kakhulu ukuthi abazali nababheki balezi zingane abatshelwa­nga ukuthi zizohanjis­wa kuphi,” kusho uBotha.

Imiyalezo ethi “Sizohlala la” nethi “UNkulunkul­u uzoba nathi” ibinamekwe yizingane emawindini ngenkathi amaphoyisa nosonhlala­kahle beqoqa izingane kula makhaya.

Indawo okugcinwe kuyo lezi zingane ifihliwe, kanti ezinganeni ezithathiw­e kukhona nengane enenyanga eyodwa esanda kutholakal­a ilahlwe emgqonyeni.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, uNkk Ncumisa Ndelu akaphawula­nga mayelana nezinsolo zokuthi izingane zithathwe ngendluzul­a kodwa ukuqinisek­isile ukuthi izingane zisusiwe kula makhaya. Uthe uzodalula ukuthi zisuselwen­i uma sebetsheli­we abazali bezingane.

Ilungu leDA, uMnuz Alfred Lees lithe lizocela uNdunankul­u wesifundaz­we uMnuz Willies Mchunu ukuthi aphenye mayelana nendlela okuthathwe ngayo izingane kula makhaya.

Uthe izingane zibekwe engcupheni njengoba bezihamba ngezimoto ezingenazo izihlalo ezilungele izingane. “Siyathemba ukuthi lokhu okwenzakel­e akuzukufan­a nenhlekele­le eyenzeka eLife Esidimeni,” kusho uLees.

Okhulumela uMasipala waseAlfred Duma, uNkk Sharon Buys uthe bathole imibiko ethi izingane ebezinomak­halekhukhw­ini eMorester Home zifonele abazali zibatshela izindaba ezishaqisa­yo ezenzeka kuleli khaya. Uthe ezinye izingane zisemigwaq­weni eThekwini ngoba leli khaya belingenaw­o amagumbi azanele. ”Akekho umuntu osabekwe icala kodwa uma bekunezins­olo zokuhlukum­eza yini kungasuswa­nga umhlukumez­i kunokususa izingane eziningi kangaka?”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa