Abanamazisi ngenxa kanina owakokotela
ZIKHALA ziyazithulisa izelemani zakwaCebekhulu eNdwedwe, zithi unina washaya izitifiketi zomgunyathi efuna imali yeqolo manje azisakwazi ukushaya omazisi.
UMnuz Khumbulani Cebekhulu (36) uthi usehambe kwaze kwaguga izicathula ezama ukutholela izingane zakubo izitifiketi zokuzalwa.
Uthi unina uNkk Mazwe ShaziCebekhulu bathola eseshonile ukuthi ubenezingane ezintathu ezibhalwe ngaphansi kwegama lakhe ezingekho. Ngaphambi kokuthi ashone ngo-2006 babecabanga ukuthi uholela izingane zakubo ezincane.
“Ngangazi ukuthi umama uhola imali yeqolo ngicabanga ukuthi uholela lezi zingane ezingelamayo .Ngangingenalo ulwazi olwanele lokuthi umama onjani oholayo ngangicabanga ukuthi bonke bayahola. Ngishaywe yibhomu ngo-2010 sebeshone bobabili abazali ngiye kosonhlalakahle ngiyocela isibonelelo sikahulumeni ngithi ngifunela izingane zakithi ezingelamayo ngoba bese ziyizintandane. Osonhlalakahle bathi kunokushayisana phakathi kwamagama ezingane zakithi namagama akhona kwikhompyutha.
“Bangithumela eMnyangweni wezaseKhaya nakhona ngatshelwe okufanayo. Kwathiwa izingane ezintathu ezizalwa umama ngezakwaMajola, ayikho ingane yakwaCebekhulu engaphansi kwegama lakhe yize kuvela ukuthi ushadele kwaCebekhulu. Zayima emthumeni ukuthi le nto ngizoyilungisa kanjani. Ngakolunye uhlangothi othisha ezikoleni bafuna izitifiketi,” kusho yena.
Uqhube wathi kwayena akekho ngaphansi kwegama likanina kwikhompyutha yoMnyango wezaseKhaya.
“Ngithole ukuthi umama wabenza ubugebengu wahola imali okwakungafanele ayihole ngoba ubaba wayesebenza kwaSharks Board. Angazi ukuthi wayekwenzelani kodwa ngiyacabanga ukuthi wayefuna imali ngoba ubaba wayecwile ezinkambeni zikaFaro, imali engayihambisi kahle ekhaya. Ngiyazi ukuthi akwenza kwakukubi, isenzo sakhe sisishiye obishini lokuthi thina sifana nabantu abangekho. Umfowethu ofundayo ngihlale ngitshelwa ukuthi akabhaliwe emabhukwini esikole uncikisiwe ngoba akanaso isitifiketi. Sicela noma ngubani ongasisiza, umnyango asiwubeki cala, icala likuye umama.”
Okhulumela uMnyango wezaseKhaya uMnuz David Hlabane uthe lolu daba uzoluhambisa ophikweni olufanele.