Kunzima konesimila esesihlule odokotela
INZIMA impilo kowesilisa waseNseleni, eMpangeni, onesimila esingapheli nosechithe izindodla zemali ezama ukusilapha njengoba ekhala ngokuthi usephenduke umgodi onganukwanja.
UMnuz Thulani Lumbela (38) usengumuntu ozihlalela yedwa njengoba engasakwazi ukuthola ozomchithisa isizungu nathi usola lesi simila esikhula esilevini sakhe. ULumbela uqale ukuba nalesi simila ngo-2012, uthi wabona ngento engamaqhubu sengathi kwenziwa ukushefa. Uthe wabona kukhula, waphuthuma kodokotela, bazama ukumlapha kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. “Kumanje ngichithe imali engaphezu kukaR20 000 ngizama ukuzelapha kodwa akwenzeki. Ngiyile kodokotela, bangihlinza okokuqala, sakhula, baphinde bangihlinza okwesibili, sakhula futhi isimila. Kumanje sisakhula siya phambili ngiyabona ngizogcina ngokuvaleka umlomo. Okubuhlungu kakhulu ukuthi nabesifazane abasangibheki. Uvele ashiye phansi owesifazane uma ebona ukuthi angisizakali kulesi simila. Noma ngithi ngiyazibika kowesifazane, ngishela, uvele abone isimila bese edla phansi ebaleke,” kusho uLumbela.
Uthe noma ngubani ongamsiza angajabula ngoba ngisho nezinyanga uzihambile lutho ukusizakala.
“Ngiyile ezinyangeni zaseMozambique, zaseZimbabwe, Malawi nezakuleli kodwa angisizakali ndawo.
“Inyanga ifike ithi ifuna imali, mhlawumpe R1 500, ngiwukhiphe ithi iyakwazi ukulapha lesi sifo kodwa isimila silokhu sikhona,” kusho uLumbela.
Uthe odokotela abazimele bathi uma engathola ukwelashwa okuthiwa yiLazer Operation lapho sizoshiswa lesi simila kungaba ngcono.
“Manje ukushiswa kwesimilo kuzongibiza imali enguR50 000 kuya kuR60 000. Anginayo leyo mali njengoba ngisebenza njengonogada. Ngidinga noma ubani ongakwazi ukungisiza ukuba angenelele. Noma udokotela ngisho nenyanga imbala. Ngiphila kanzima,” kusho uLumbela.
Uthe yize lesi simila singekho buhlungu kodwa siyaluma, uma enwaya kuvuza igazi. Udokotela useze wamnikeza umyalelo wokuba angashefi ngoba uma kwenzeka nje, wopha inyanga yonke kulesi simila.