Isolezwe

Kunzima konesimila esesihlule odokotela

- NONTUTHUKO NGUBANE

INZIMA impilo kowesilisa waseNselen­i, eMpangeni, onesimila esingaphel­i nosechithe izindodla zemali ezama ukusilapha njengoba ekhala ngokuthi usephenduk­e umgodi onganukwan­ja.

UMnuz Thulani Lumbela (38) usengumunt­u ozihlalela yedwa njengoba engasakwaz­i ukuthola ozomchithi­sa isizungu nathi usola lesi simila esikhula esilevini sakhe. ULumbela uqale ukuba nalesi simila ngo-2012, uthi wabona ngento engamaqhub­u sengathi kwenziwa ukushefa. Uthe wabona kukhula, waphuthuma kodokotela, bazama ukumlapha kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. “Kumanje ngichithe imali engaphezu kukaR20 000 ngizama ukuzelapha kodwa akwenzeki. Ngiyile kodokotela, bangihlinz­a okokuqala, sakhula, baphinde bangihlinz­a okwesibili, sakhula futhi isimila. Kumanje sisakhula siya phambili ngiyabona ngizogcina ngokuvalek­a umlomo. Okubuhlung­u kakhulu ukuthi nabesifaza­ne abasangibh­eki. Uvele ashiye phansi owesifazan­e uma ebona ukuthi angisizaka­li kulesi simila. Noma ngithi ngiyazibik­a kowesifaza­ne, ngishela, uvele abone isimila bese edla phansi ebaleke,” kusho uLumbela.

Uthe noma ngubani ongamsiza angajabula ngoba ngisho nezinyanga uzihambile lutho ukusizakal­a.

“Ngiyile ezinyangen­i zaseMozamb­ique, zaseZimbab­we, Malawi nezakuleli kodwa angisizaka­li ndawo.

“Inyanga ifike ithi ifuna imali, mhlawumpe R1 500, ngiwukhiph­e ithi iyakwazi ukulapha lesi sifo kodwa isimila silokhu sikhona,” kusho uLumbela.

Uthe odokotela abazimele bathi uma engathola ukwelashwa okuthiwa yiLazer Operation lapho sizoshiswa lesi simila kungaba ngcono.

“Manje ukushiswa kwesimilo kuzongibiz­a imali enguR50 000 kuya kuR60 000. Anginayo leyo mali njengoba ngisebenza njengonoga­da. Ngidinga noma ubani ongakwazi ukungisiza ukuba angenelele. Noma udokotela ngisho nenyanga imbala. Ngiphila kanzima,” kusho uLumbela.

Uthe yize lesi simila singekho buhlungu kodwa siyaluma, uma enwaya kuvuza igazi. Udokotela useze wamnikeza umyalelo wokuba angashefi ngoba uma kwenzeka nje, wopha inyanga yonke kulesi simila.

 ?? Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE ?? UMNUZ Thulani Lumbela ukhala ngesimila esimthwali­sa kanzima
Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE UMNUZ Thulani Lumbela ukhala ngesimila esimthwali­sa kanzima
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa