Abaholi enkantolo ngenyanga ezayo
BAZOBUYELA ngenyanga ezayo enkantolo abaholi be-IFP abakade beboshwe ngempelasonto ngoba besolwa ngokuzama ukubulala nokulimaza.
IKhansela uSakhayedwa Siyaya, Khansela Absolom Mbatha noMnuz Emanuel Danisa, uNobhala we-IFP ebaQulusini, badedelwe ngebheyili kaR2 000 umuntu ngamunye inkantolo yaseVryheid ngoMsombuluko.
Bobathathu bazinikela emaphoyiseni ngoMgqibelo emuva kokuba kudutshulwe amalungu omphakathi nezingane zesikole zalimala ngoLwesihlanu.
Ngesikhathi kudutshulwa bekukade kutholene phezulu amalungu omphakathi abeholwa ngabaholi be-IFP bendawo uMnuz Smanga Zwane noMnuz Politiki Mtshali nawe-IFP abeholwa yisigungu sikazwelonke seqembu.
Abebehola umphakathi bebezomashela izidingo zentuthuko kanti laba besigungu sikazwelonke bebemashela i-ANC abayisola ngokufuna ukuthatha omasipala babo ngale kokhetho.
Okhulumela amaPhoyisa esifundazweni, uLT Colonel Thulani Zwane, uthe amaPhoyisa asilawulile isimo okuholele ekutheni abanye bavele enkantolo.
“Phezu kokuba izinhlangothi zombili bezikhona enkantolo kodwa aluzange lube khona udlame. Bonke abebekhona bahlakazeke ngokuthula. Abamangalelwa badedelwe ngebheyili. Bazobuyela enkantolo ngoMashi 25,” kusho uZwane.
Imashi igcine isiphenduka inkombankombane phakathi kwe-IFP ne-ANC. Umkhulumeli we-ANC, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu usole i-IFP ngokuba nodlame nokuhlukumeza umphakathi obuzimashela ngokuthula.
Ngakolunye uhlangothi umkhulumeli we-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ukhombe ngenjumbane i-ANC ngokubachukuluza nokususa uthuthuva.
Uthe bebemasha ngokuthula kodwa i-ANC yafika yabahlasela yashaya nezingane zesikole.
UMnuz Smanga Zwane, obehola imashi yomphakathi waseDinuzulu nobesebuholini be-IFP eBhekuzulu, uthe uhlela isithangami nabezindaba ukuze achaze ngokwenzekile.
Uthe uphatheke kabi ngokuthi kugcine kuchitheka igazi ngale ndlela.
Ababoshiwe bebesohlangothini lwemashi ebiholwa uMnuz Nhlanhla Msimango noMnuz Blessed Gwala abebethi bona bebevikela omasipala beNkatha kuKhongolose.