Isikole esifaka ugqozi lobuthishela
BAGQOKA ngendlela ezokwenza ukuthi umfundi afise ukuthi naye abe nguthisha, othisha baseWindy Heights Primary, eseMalukazi.
Uthishanhloko wakulesi sikole, uNksz Thembekile Makhanya uthe ukhuthaza ukuthi othisha bagqoke izimpahla ezihloniphekile ezizokwenza ukuthi ubuthisha bube nesithunzi.
“Angisho ukuthi uthisha akaye esitolo ayokhithiza ingqephu kodwa ngithi uthisha akagqoke ngendlela ehloniphekile, ezomenza angafani nanoma ngubani ongena esikoleni. Akubonakale ukuthi yena unguthisha,” kusho uNksz Makhanya.
Uthe ufike ngo-2013 ezoba ngumphathi walesi sikole esihambisana nezinhlelo zokufunda ezibekwe wumnyango kodwa baba nesigaba esithile abazibekele sona ukuthi bafuna ukufika kuso beyisikole.
“Uma uCaps ethi umfundi kaGrade R kumele akwazi ukubala agcine ku-20, thina sithi umfundi kaGrade R akakwazi ukubala agcine ku-50. Senzela ukuthi uthisha ofundisa ibanga elilandelayo naye afundise abe ngaphezulu komgomo obekiwe, ukuze izingane zikwazi ukuphuma ziphekeke kahle,” kusho yena.
Lesi sikole sigubha iminyaka ewu-30 sasungulwa kulo nyaka.
UNksz Makhanya uthe sakhiwa umphakathi wamaNdiya owawuhlala endaweni. Kodwa manje sekufunda zonke izinhlanga. Abafundi abaningi sekungabamnyama.
Abafundi bakulesi sikole bangu1 626, othisha bangu-43 kodwa abasebenzi besikole bebonke bangu-66, uma sekubalwa nabasebenza ekhishini, abasebenza ehhovisi nonogada.
Lesi sikole siyi-quintal 2, akukhokhwa kuso, abafunda khona bayadla. Kungenwa ngo-7:30. Kodwa uthishanhloko uthi uthisha wokuqala ufika ngo-6, ekuseni ngoba bazibekela umgomo wokuthi akekho uthisha ozofika sekudlule isikhathi.
“Kunezinto singothisha esazibeka ukuthi sifuna ukuthi abafundi bethu bazibone kithina, njengokufika ngesikhathi esikoleni. Angazi ukuthi yini ukufika ngemuva kwesikhathi ngoba cishe bonke abasebenzi bala ekhaya bafika ngemuva kancane kwehora lesikhombisa yize isikole singena ngo-7:30,” kusho yena.
Abafundi bakulesi sikole badlala ibhola lezinyawo, elomqakiswano, i-table tennis, i-volley ball , i-rugby, i-cricket, i-chess nokubhukuda.
Kulesi sikole ayikho i-swimming pool. UNksz Makhanya uthe bavumelana nabazali ukuthi kuhlanganiswe imali ukuze abafundi bayozilolongela ukubhukuda eSiphingo.
“Besiqala ukubhukuda nyakenye kodwa ngiyabona ukuthi singene kwezwakala njengoba sibuye nazo izindodo ezimbalwa. Kulo nyaka sifuna ukwenza kangcono kakhulu,” kusho uNksz Makhanya.
Uthe ngenxa yezinhlelo eziningi abazisungulile sebeyashoda ngamakilasi. Umthelela walokho uthe ukuthi amakilasi ayenzelwe ukuthi kufunde abafundi abangu-30 kuya phansi ekilasini kodwa abafundi abakhona baningi.
“Indlela isikole esasakhiwe ngayo esiphoqayo ukuthi ikilasi lihlale abafundi abayisibalo esithile. Asikwazi ukuhlalisa abafundi abangu-50 ekilasini ngoba amakilasi ayakhiwe aba mancane, sigcina sesiba noGrade R ehlukaniswe kane, kunciphe amakilasi okumele ngabe senzela kuwo izinhlelo zokuthuthukiswa kwamakhono. Ngiyakholelwa ekutheni ikhono kumele livukuzwe ingane isencane, ukuze ikhule nalo,” kusho uNksz Makhanya.
Amakhono athi bafuna ukuwathuthukisa kubafundi awokuthunga, awokunitha nokwenziwa kwengadi.
“Okwamanje asikwazi ukuwenzisa la makhono ngoba asinawo amakilasi esingenzela kuwo la makhono ngoba amakilasi agcwele. Okunye esikwenzayo ukufundisa izingane zethu i-chess ngoba sikholwa ukuthi yenza ukuthi umfundi ahlale ecabanga.
Okwamanje iyadlalwa kodwa sifuna ukuthi bonke othisha bayifunde bese beyifundisa emakilasini ukuze izingane zihlale zicabanga, ingabi wumdlalo,” kusho uthishanhloko.
Lesi sikole siyingxenye yezikole ezingu-20 ezisohlelweni loMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, lokucobelelana ngamakhono okuphatha kothisha abasezikhundleni zokuphatha izikole. Uthe kulo nyaka bahlele ukuthi kube nomncintiswano phakathi kwalezi zikole.
“Siyakholwa ukuthi njengoba sikulolu hlelo kumele sibe nendlela yokubheka ukuthi yini esesiyifundile. Lokho sizokubona ngokuthi sibe nomncintiswano,” kusho uNksz Makhanya.
Ngaphakathi esikoleni othisha abenze kahle bathola izindondo, kuzona kukhona neyokufika ngesikhathi esikoleni neyenhlanzeko, okusuke kubhekwa kuyo ukuthi uthisha ulinakekela kangakanani ikilasi lakhe.
UNkk Smangele Sikhakhane ofundisa uGrade1 usedle umhlanganiso kulo munxa kusukela ngo-2016.
UNkk Sikhakhane kuthiwa ngaphambi kokuthi kuvulwe isikole uye acele kuthishanhloko ukuthi afike azovuselela i-vanish ekilasini lakhe. Uma sekuphume isikole uyazihlanzela ikilasi lakhe alipholishe.
Uthe lokhu ukwenzela ukukhuthaza abafundi ukuthi bahlanze.
“Angikwenzi lokhu ngoba ngikhuthele kakhulu kodwa angizwani nokusebenzela endaweni engcolile, ngenxa yokwenza kwami abafundi bami nabo bahlale behlanzekile. Akekho olenga amafinyila. Uma bephuma ekhefini kade bedlala futhi bedla babuya bageze izandla bese bengena ekilasini.”
UNksz Makhanya uthe okunye akwenzayo ukukhuthaza abafundi ukuthi bavuleleke kwamanye amakhono ukuthi isikole sibe nobudlelwane nabadlala i-Ochestra nababhali bezincwadi.
Lesi sikole sinezitebhisi, uNksz Makhanya athi bafuna ukuzibhala izinombolo namagama ukuze abafundi bathi bedlala kuzo bebe befunda.