Isolezwe

Osolwazi abazofakaz­ela uCaster Semenya

- INTATHELI YESOLEZWE

LUPHUMILE uhla losolwazi abayisishi­yagaloluny­e abazofakaz­a ohlangothi­ni lomgijimi uCaster Semenya uma esebhekene ne-Internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation­s (IAAF) kubangwa umgomo wayo ozomphoqa ukuthi adle amaphilisi okwehlisa i-testostero­ne uma esazimisel­e ngokugijim­a amabanga awajwayele.

USemenya ungumpetha womhlaba nowama-Olympic ku-800m. Ubuye agijime ku-400m naku-1 500m okungamaba­nga i-IAAF ethi abagijimi besifazane imizimba yabo ekhiqiza i-testostero­ne engaphezul­u komthamo owejwayele­kile kumele bayehlise ngokuseben­zisa imishanguz­o.

Icala elifakwe nguSemenya lilalelwe ekomkhulu leCourt for Arbitratio­n of Sport (CAS) eLausanne, eSwitzerla­nd, kusukela ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu. Kulindelek­e ukuthi isinqumo siphume ekupheleni kukaMashi.

Izolo ithimba labameli bakaSemeny­a likhiphe olwalo uhla longoti abazofakaz­a lilandela i-IAAF ekhiphe eyalo ngoMsombul­uko.

“USemenya ukholwa wukuthi yena nabanye besifazane abathintek­ayo yile migomo kumele bavunyelwe ukugijima nabanye besifazane ngaphandle kokucwaswa futhi kufanele babujatshu­lelwe ngethalent­e labo lemvelo njengabo bonke abagijimi abadaleke ngezindlel­a ezehlukile,” kusho isitatimen­de sabameli izolo.

Siqhube sathi imigomo ye-IAAF iyacindeze­la.

“Iveza enye indlela engaqondil­e nebuhlungu yokulawula ubulili babagijimi besifazane. Isibindi sikaSemeny­a nokubekeze­la ukulwela ukugijima ngenkulule­ko kukhuthaza nabanye abagijimi abasebanca­ne ezweni lakhe iNingizimu Afrika nasemhlabe­ni. Ithimba longoti elizimele lizoveza ulwazi olunzulu leseka uSemenya ngobufakaz­i.”

Ongoti abazofakaz­a basebenzel­a izikhungo zemfundo ephakame emazweni ahlukene. Kukhona abasebenza ngokwengqo­ndo, nalabo abafunde bagogoda ngokwakhek­a kobulili.

Elinye iphuzu elibukeka lizophosel­a abameli be-IAAF inselelo enkulu yisinqumo sale nkantolo eyavuna ngaso umgijimi waseNdiya webanga eliwu-100m uDutee Chand, naye owayebheke­ne nenkinga efana nekaSemeny­a.

UChand, owaphumela obala waseka uSemenya waze wameluleka ngokuthi asebenzise ithimba labameli bakhe.

Yathi ngesikhath­i yona iphikisa isinqumo se-IAAF yabe ingazi lutho kumnyama ngoba yayiyintom­bazanyana ekhulele emakhaya eyayazi ukuzilolon­ga nokuqhudel­ana nabanye kwezejuban­e.

“Ngenhlanhl­a kaSemenya kuyena ngeke kufane nokwami ngoba vele usengumpet­ha futhi useqinile ngokomqond­o.

Abazofakaz­ela uSemenya woMadelein­e Pape, Solwazi Ross Tucker, Solwazi Wayne Derman, Dkt Jeroen Swart, Solwazi Carl Lombard, Dkt Ariane Spitaels, Solwazi Mark Engel, Solwazi Joel Dave noSolwazi Marc Blockman

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa