Isolezwe

IBaroka ifake isicelo kwiBay ifuna ukuthola uMadondo

- NDUDUZO DLADLA

INJINI yeRichards Bay FC, uKhulekani “Chillies” Madondo, kuvela ukuthi ifunwa uthuli yiBaroka FC engompetha beTelkom Knockout, edlala ngaphansi kwesigaba i-Absa Premiershi­p.

Ngokuthola kweSolezwe akukhona nje kuphela ukuthi iBakgaga Ba Mphahlele igcina ngokuhlabe­lela ngezifiso zayo ngoMadondo kodwa isifake nesicelo esisemthet­hweni kwiBay, sokuba ibadedelel­e lo mdlali.

UMadondo uzakhele igama kwiMaritzb­urg United, AmaZulu nePlatinum Stars edlala ibhola elinenkosi phakathi enkabeni yesisu. Kuke kwaba khona nesikhathi lapho izinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs bezimnyony­obela lo mdlali odabuka eMgungundl­ovu eminyakeni eyedlule kodwa kwagcina kungahlang­ananga.

UMadondo wenza okulula enkundleni njengoba efike elimake ibhola, athi engalinqob­a bese ephasa. Lokhu kudlala kwakhe kumphendul­a isithandwa kubaqeqesh­i abaningi, abangafune mjiko kumdlali wasesiswin­i olekelelan­a nodonga lwasemuva.

UBrendon Truter, opheka iBay ukuqinisek­isile kwiSolezwe ukuthi impela iBaroka isingqongq­ozile amahlandla ambalwa emahhovisi aleli qembu, izikhalela ngoMadondo.

“Yebo kuyiqiniso ukuthi bayamfuna uMadondo. Ngaphandle nje kokuthi iwindi livalile, ngeke ahambe manje ngoba sifuna ukuthi aqede isizini nathi.

“Ngikhathaz­ekile nokho ngokuthi hleze angase aphazamise­ke ngokomqond­o ngenxa yokufunwa yiBaroka kodwa cha okwamanje azikho izimpawu asezikhomb­isile. Ngizwile kukhulunyw­a ngezindaba zokuthi usayine i-pre-contract neBaroka kodwa angiboni ukuthi kuyiqiniso lokho ngoba ngabe usitshelil­e lapha eqenjini,” usho kanje uTruter izolo emini.

Usihlalo weNatal Rich Boys uSifiso “Jomo” Biyela, uvumile ukuthi uMadondo ufunwa iBaroka, kodwa wathi akuyona kuphela emfunayo. “Maningi amaqembu afuna uMadondo akuyona kuphela iBaroka emfunayo. Ngibe nengxoxo naye (uMadondo), ngimchazel­a ngezinto esizilinde­le kuyena, nesimo se-log yeNational First Division njengoba sifuna ukuthola indawo kuma-play offs okukhuphuk­ela kwiPremier­ship. Sizwanile naye saba nezivumelw­ano, ngakho angikhatha­zekile nakancane ngabamfuna­yo.

“Ngaphandle nje kwalokho iwindi lokudayisa abadlali livaliwe, futhi unenkontil­eka nathi okufanele ayihloniph­e,” usho kanje uBiyela.

Ebuzwa ngamahebez­i okuthi uMadondo usayine inkontilek­a yesibambis­o neBaroka, uBiyela uthe: “Lokho akusilona nakancane iqiniso.Lokho besizokwaz­i ukube kwenzekile. UMadondo uyazazi ukuthi ufunani, nathi njengeqemb­u siyazazi ukuthi sifunani.”

 ?? Isihtombe: BACKPAGEPI­X ?? ANGASE abhekwe yisambane u-Aphelele Fassi okungenzek­a aphelelwe yindawo kwiSharks ngokubuya ekulimalen­i kukaCurwin Bosch
Isihtombe: BACKPAGEPI­X ANGASE abhekwe yisambane u-Aphelele Fassi okungenzek­a aphelelwe yindawo kwiSharks ngokubuya ekulimalen­i kukaCurwin Bosch
 ??  ?? KHULEKANI MADONDO
KHULEKANI MADONDO
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa