Isolezwe

Uzolimala uFassie kubuya uBosch ekulimalen­i

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKULULAMA kwesilomo samaBhokob­hoko esinguCurw­in Bosch kuza nezindaba ezingemnan­di ku-Aphelele Fassi, ongene emdlalweni odlule wakhombisa izimpawu zokuba yinkunzi eqenjini laseThekwi­ni, iCell C Sharks edlala okokuqala ekhaya ne-Auckland Blues ngo-3 ntambama. Lo mdlalo ngaphansi kweVodacom Super Rugby uzodlalelw­a eKings Park Stadium.

Indawo okudlala kuyo uBosch iyona le edlalwa nguFassi, kodwa naye usamiswe kabi nguLwazi Mvovo.

Okucacile ngoFassi engena esiwombeni sesibili, iSharks inqoba kwiSunwolv­es, wukuthi usazokuba ngolukhulu usizo kuleli qembu likaRobert du Preez.

Yize kunjalo kusazofane­le alinde lo mdlali osemncane ngoba uBosch unesipiliy­oni futhi naseqenjin­i lesizwe uyabizwa uma sikhona isidingo nakhona futhi afike agqame.

Ukulithint­a okokuqala kukaFassi eSingapore, kushiye abaningi bekhexile ngendlela alinqake ngayo ibhola wase ekhipha uswidi wephasi owele kuJeremy Ward eshaya i-try yesithupha benenebula leli qembu laseJapan abavule nalo isizini entsha.

Ngaphandle kukaBosch, iSharks izokwamuke­la noMarius Louw naye obelimele kodwa yena angase aqale ebhentshin­i emdlalweni weBlues.

Indlela iSharks eqale ngayo ifakele leli qembu okukhulu ukuzethemb­a ngoba ihlukile kunejwayel­ekile. ISharks isiyaziwa ngomkhuba wayo wokuqala kancane, ifudumale maphakathi nesizini. Esikhathin­i esiningi bathi abalandeli sebeqala bebuyelwa ukuzethemb­a kuphinde kubekhona okungathi yisifo lapho idedela khona amaphuzu alula ekhaya. Umqeqeshi uDu Preez uthi siphelile isikhathi salokho manje. “Okusemqoka ukugcina umgqigqo. Ngiyazi ngeke siyinqobe yonke imidlalo kodwa kule sizini uma sihluliwe kuzobona wonke umuntu ukuthi sihlulwe yiqembu elingcono. Kumasizini adlule bekuba yithi esiwasizay­o amaqembu ukuthi asithwalis­e kanzima kumbe asihlule ikakhuluka­zi ekhaya. Kule sizini ukudlalela ekhaya yikhona esizokuseb­enzisa kakhulu ukuqoqa amaphuzu,” usho kanje. Lo mqeqeshi uyaqonda ukuthi iBlues ikhombisa izimpawu zokubuyelw­a wudumo lwayo njengoba ibhincisel­e nxanye iCrusaders emdlalweni wokuqala. Bekufanele iBlues inqobe lapha kodwa amaphenath­i alula ayihlule ngasekugci­neni ayihlinzel­e ezibini.

“Ngeke siyizele ngobuso iBlues ngoba nakhona eNew Zealand kuyakhulun­ywa ukuthi le kungase kube isizini yayo ebuyisa ngalo udumo lwayo,” kusho uDu Preez.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa