Isolezwe

Ubona uzoba nzima umdlalo wabo neChippa uNcikazi

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUQINE idolo kwiphini lomqeqeshi weLamontvi­lle Golden Arrows, uMandla Ncikazi ngaphambi komdlalo awuchaze njengozoba ngeminye yenzima aseke abhekana nayo kwazise umelwe ukweqa ngomqondo umuntu abazana naye ukusuka nokuhlala, uClinton Larsen weChippa United.

I-Arrows izovakashe­la amaChilli Boys emdlalweni we-Absa Premiershi­p ozokuba seNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth, ngoLwesihl­anu ngo-8 ebusuku.

Kusukela efikile kwiChippa uLarsen, leli qembu likhombisa izimpawu zokuvuka emaqandeni. Kwenzeka lokhu nje, iGolden Arrows ilokhu isondele njalo kwi-Top 8 kwazise yenza kahle kusukela ethathe izintambo uSteve “Mphathi” Komphela. IChippa isendaweni yesine uma usuka emsileni ngamaphuzu angu-19 kanti i-Arrows inamaphuzu awu-24 endaweni yeshumi.

UKomphela uthathe lo msebenzi kulandela ukuvumelan­a kukaLarsen ne-Arrows ukuthi ucu alusahlang­ani entanyeni. Njengoba la maqembu ezobe ebhekene kuzobe kungo kokuqala kusukela uLarsen bevumelane ngesehluka­niso nabaphathi Bafana Bes’thende.

UNcikazi osebenze kakhulu noLarsen uthi, kusukela efikile ebholeni elikhokhel­ayo, lo umdlalo okunzima kunayo yonke ukuyihlele­la kuyena kodwa ukubakhona kukaKomphe­la yikhona okumqinisa idolo.

“Leli elinye lamasonto anzima kimina. Ngiyahlule­ka ukuphumula ngingacaba­ngi ngalo mdlalo wethu neChippa. Kuningi engikucaba­ngayo ngoba sibhekene neqembu eliqeqeshw­a umuntu engiwazi kahle umqondo wakhe. Ngaphezulu kwalokhu naye uwazi wonke owami. Abadlali okufanele sibacijele ukuthi bamcoboshi­se uhlale nabo amasizini amathathu ngakhoke ubazi ukusuka nokuhlala kwabona. Akukhona lokho kuphela kepha nobumqoka bamaphuzu zinhlangot­hi zombili bungicacis­ela kuhlale obala ukuthi lo mdlalo uzobanzima kakhulu,” usho kanje uNcikazi.

Okunye okuphinde kuqinise uNcikazi idolo ukuthi lokhu akuzwayo uyazi isimo siyafana nasekhempi­ni yeChippa. Kuningi okuyizinon­go kulo mdlalo ngokusho kukaNcikaz­i kodwa ukuba khona kukaKomphe­la yikhona okungase kube wukhiye.

“Kunzima kodwa ngenhlanhl­a kukhona uKomphela indoda ehlelayo okuthi noma sekunesixo­ngololo, ime kwekholelw­a kukhona. UKomphela uyayazi into ayifunayo futhi uphiwe ekutheni akutshele uzwe. Umdlalo ungabanzim­a kodwa ubuhlakani bakhe bungaba ukhiye kulo mdlalo. Abadlali bayamuzwa. Akukho esikuyela eP.E ngaphandle kwamaphuzu agcwele.

Lo mqeqeshi uveze nokuthi bazibekele isibalo esithile samaphuzu kule midlalo esele futhi bayihlukan­ise ngokweziga­ba. “Sikuqonda kahle esikufunay­o futhi sikholelwa ekutheni sizokuthol­a. Uma sithola ngaphezulu nakhona kuyobe kusasifane­le ngoba umsebenzi uyaqhubeka. Abekho abadlali abalimele ngaphandle kwalaba vele osekunesik­hathi bengadlali kanti akekho noyedwa osesigwebe­ni samakhadi.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa