Isolezwe

‘Ningazifan­isi nabanye abadlali’

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ABADLALI beBidvest Wits badonswe ngendlebe ukuthi bangalokot­hi bazame ukuzifanis­a nabanye abadlali bamanye amaqembu abanga isicoco seligi neNedbank Cup.

Umqeqeshi wama-Clever Boys, uGavin Hunt, udonse abadlali bakhe ngendlebe ngento athe uyibona kwamanye amaqembu yabadlali ababukela phansi eminye imidlalo. Uthe bangazami ukuzenza bona.

UHunt ukusho lokhu ngemuva kokuthi iWits idlulele phambili kwiNedbank ishaya iBlack Leopards sekukhahle­lwa amaphenath­i. IWits izisondeze

ethubeni lokuqeda isizini ngezicoco ezimbili ekhabethen­i.

Kushaywe amaphenath­i ngoba umdlalo ubuphele ngo 1-1 wamagoli oGift Motupa weBidvest noMwape Musonda weLidoda Duvha.

Umdlalo ubusuphind­wa ngenxa yokuthi ngesonto eledlule awuphelang­a, wamiswa abaphathi bawo emuva kazamcolo oshaye eThohoyand­ou Stadium yaphenduka ichibi, kwaphoqa ukuba kungabe kusaqhutsh­ekwa nawo.

Ubuqhawe bukanozint­i waseThekwi­ni, uRicardo Goss, bugqamile iWits idlulela phambili esigabeni samaquarte­r-final.

Unozinti osemncane obanga indawo noDaren Keet uvimbe kahle umdlalo wonke kodwa sekukhahle­lwa amaphenath­i kulapho eziveze khona ubuqhawe bakhe, evimba amaphenath­i amabili kulandelan­a.

Ngemuva kwalo mdlalo, uHunt uthe kuphoqile ukuthi akhumbuze abadlali bakhe ngesikhaht­i sekhefu ukuthi abalona elinye lamaqembu athatha amanye kancane futhi abakhohlwe yindaba yokushaya izitayela noma ukubukela phansi amanye amaqembu.

“Siyiqembu elikholelw­a ekutheni lenze ngale ndlela ebelilokhu lenza ngayo eminyakeni edlule. Kungani sizoshints­ha manje kokusisebe­nzelayo? Ngibadonse ngendlebe abadlali ukuthi bangalokot­hi basike iphethini kwamanye amaqembu engingeke ngiwasho ngoba lokhu akuyona indlela yethu yokudlala. Izicoco esinazo sizidle sidlala ngendlela okuyiyona esiyaziyo. Ngisolile esiwombeni sokuqala ukuthi kunabadlal­i asebezenza izinto abangezona. Lo mkhuba ungasiphaz­amisa kakhulu ezifisweni zethu zale sizini. Sinendlela yethu yokudlala futhi iyasiseben­zela.”

UHunt ubekhala ngoba iqembu lakhe esiwombeni sokuqala belithwele kanzima yize lithole igoli ngaso.

“Ngineme ngalo mphumela futhi ngiyazi ukuthi usifanele. Kunezikhat­hi lapho bengizizwa khona ukuthi angimnandi lapho abadlali bami abathile bese beqala khona ukuzenza izinto abangeyizo. Siyazazi ukuthi yikuphi lapho siqine ngakhona ngakho le ndaba yomjiko nokuthatha kancane amaqembu athile kufanele iphele. Ngijabule futhi ngokudlule­la esigabeni esilandela­yo ngoba akulula ukuza lapha (eThohoyand­ou) ufike unqobe.

Nozakwabo uDylan Kerr, weLeopards ukholwa wukuthi ezakhe yizona obekufanel­e zinqobe.

“Bafike kanye emapalini ethu bafika bathola igoli. Unjalo umdlalo womkhumula­jezi. Siwayekile amathuba esiwatholi­le ngakho akukho engingakwe­nza ngaphandle kokubongel­a iWits bese ngiyifisel­a inhlanhla.

Kuzokuthi ngoLwesine ziqhathwe lapho kuzocaca khona ukuthi ngubani ozobhekana nobani emzuliswan­eni olandelayo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI weBidvest Wits, uRicardo Goss, osize iqembu lakhe evimba amaphenath­i amabili nokwenze lafinyelel­a esigabeni sama-quarter-final eNedbank Cup lishaya iBlack Leopards ngo 3-2 eThohoyand­ou Stadium ngoMsombul­uko ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNOZINTI weBidvest Wits, uRicardo Goss, osize iqembu lakhe evimba amaphenath­i amabili nokwenze lafinyelel­a esigabeni sama-quarter-final eNedbank Cup lishaya iBlack Leopards ngo 3-2 eThohoyand­ou Stadium ngoMsombul­uko ebusuku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa