KUMISWE 18 WONONDWEBA KWILIGI ENKULU YASE-NIGERIA
uphoqeleke ukuthi awagaxe emgibeni amakhokho ngemuva kwengozi emshiye engakwazi ukusebenzisa esingezansi. Lo mdlali ubengagcini ngokudlalela iChiefs kodwa ubebuye adlalele iqembu lesizwe lika-Under 20 elisanda kubuya nendondo yethusi kwiCAF African Cup of Nations esongwe eNiger ngempelasonto edlule. UBosilong usebenzela iCAF njenge-co ordinator ekuhlelweni kwemicimbi yayo njengoba ubekhona naseNiger. “Bese ngivele ngiseNiger ngizwa izindaba ngoMeyiwa. UMeyiwa ubeyingxenye enkulu yeqembu futhi kube kubi kakhulu okwenzeke kuyena. Abafana (Amajita) benze kahle
INigerian Referees Association (NRA) iyanqathuza kulandela ukumiswa konondweba bayo abangu-18 kwiligi enkulu yaseNigeria ngoba besolwa ngokuhluleka wukuziphathisa okwabantu abangathenjwa ngokuthi imiphumela ifanele. UTade Azeez, ongumengameli weNRA, ukholelwa ekutheni uma kukhona ubuqiniso kule ndaba bazobuveza obala kodwa futhi uma bebona isidingo sokuvikela igama lenhlangano yabo bazokwenza lokho.
Ngokusho kwalesi sikhulu indaba yokuphekwa kwemiphumela yinto ebakhathaza kakhulu futhi benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi lesi sihlava siyashabalala ngokushesha. “Nakanjani uma sibona kufanele sijezise abantu sizokwenza lokho. “Leli yithuba lethu lokukhombisa izwe nomhlaba ukuthi indaba yokuphekwa kwemiphumela yinto esingasoze sayimela,” usho kanje u-Azeez.
Ngesikhathi evikela inhlangano yakhe u-Azeez uthe bonke abaxhumene nonobhutshuzwayo esigabeni esikhulu eNigeria kufanele bazishayele ihlombe ngomsebenzi omkhulu asebewenzile wokudambisa izimo ezifana nalezi eminyakeni emine noma emihlanu edlule. U-Azeez uthe kule minyaka akukho nelilodwa icala lokugwazisa eselike labikwa kungakhathalekile ukuthi ngabe yimidlalo yangaphakathi eNigeria kumbe eyamazwe ngamazwe.
Bonke onondweba abangu-18 (abasolwayo) bavele bamisiwe ukuthi badlalise kumbe basize uma kudlalwa eyesigaba esikhulu saseNigeria. Bazoqhubeka bame kuze kube uphenyo luqhamuka