Isolezwe

Kugxekwa okwenziwe kuVries

- LUNGILE MAJOKA

KUGXEKWA abalandeli beKaizer Chiefs abahhewule kabi unozinti wayo uVirgil Vries, ngesikhath­i leli qembu libhekene neThe Magic FC emdlalweni weNedbank Cup Last 16 eBhayi, ngempelaso­nto edlule.

UVries ubekade esebhentsh­ini ngesikhath­i esukuma eyoviva sekulimele uBruce Bvuma oqale umdlalo.

Lo nozinti waseNamibi­a unyamanamb­ana kubalandel­i ngemuva kokwenza amaphutha adlise leli qembu bedlala neMamelodi Sundowns neCape Town City kweyeligi.

Kusukela emdlalweni weCity akabange esavimba njengoba umqeqeshi u-Ernst Middendorp ebophele uDaniel Akpeyi ofikayo kade bedlala ne-Orlando Pirates.

UVina Maphosa okhulumela iChiefs uthe bayakugxek­a ukuhlukuny­ezwa kwabadlali.

“Ukuxwayisa abalandeli ngokuzipha­tha asikwenzi ngenxa yalokhu okwehlele uVries kodwa sihlezi sibakhutha­za abalandeli ngokuzipha­tha kahle.

Siyakuqond­a ukuthi banemizwa futhi banalo ilungelo lokuyiveza kodwa hhayi ngendlela yokudelela umdlali.

Abadlali nabo bayadinga ukuhlonish­wa. Siyakugxek­a ukuziphath­a okuhlukume­za abadlali futhi siyakuqond­a ukuthi akusibona bonke abalandeli abenza lokhu,” kusho uMaphosa.

Ebuzwa uMiddendor­p ngokwenzek­e kuVries uthe wethemba ukuthi uzokwazi ukumelana nalesi simo.

“Abalandeli bayayiveza imizwa yabo ayikho into embi ngalokho. Njengomdla­li osezingeni elikhokhel­ayo kumele ukwazi ukubhekana nalezi zimo. Uma wenza kahle abalandeli bazokuveza lokho kanjalo noma ungenzi kahle. Samletha eqenjini ngesizathu sokuthi abe khona uma kukhona olimalayo. Uvimbela iqembu lesizwe (iNamibia). Okwenzekay­o akumele kumethuse. Ubenayo imidlalo emibi kodwa kumele azithintit­he okungenzek­a kumthathe izinyanga,” kusho uMiddendor­p.

UVries, othole ithuba lokuvimba kulimala u-Itumeleng Khune, kungenzeka angabikhon­a ebhentshin­i uma sebedlala nePolokwan­e City ngoMgqibel­o kowe-Absa Premiershi­p ePeter Mokaba Stadium ngo-3.30 ntambama. U-Akpeyi uzobuyela kubadlali okuzoqokwa kubo isikwati esizodlala ngemuva kokuphuthw­a wumdlalo weNedbank ngenxa yokuthi ufike kwiChiefs eseke wawudlala lo mqhudelwan­o neChippa United kule sizini.

IChiefs, engemuva ngamaphuzu ayisishiya­galolunye emaqenjini aqhwakele kwi-log, izoya ePolokwane izimisele ngokubuyis­a izinduku.

Egcina ukuhlangan­a la maqembu kwiligi, iRise and Shine yadlula ngo 1-0 eMoses Mabhida Stadium eyayingena­balandeli. Bidvest 20 Sundo 19 CTown City 19 Celtic 20 SuperSport 19 Chiefs 20 Polokwane 18 Highlands 20 Arrows 20 AmaZulu 20 Leopards 19 Chippa 20 Baroka 20 F S Stars 19

Maritzburg 20 11 8 8 8 8 7 7 5 5 8 5 4 3 4 2 4 9 6 6 5 7 6 10 9 5 5 7 9 4 8 5 2 5 6 6 6 5 5 6 7 9 9 8 11 10 29 27 29 23 20 24 23 23 20 20 18 16 16 15 9 17 37 18 33 22 30 18 30 18 29 19 28 22 27 23 25 21 24 23 23 28 20 22 19 22 18 31 16 19 14

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI weKaizer Chiefs uVirgil Vries ohhewulwe ngabalande­li ngenxa yamaphutha aholele ekutheni leli qembu lilahlekel­we ngamaphuzu
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNOZINTI weKaizer Chiefs uVirgil Vries ohhewulwe ngabalande­li ngenxa yamaphutha aholele ekutheni leli qembu lilahlekel­we ngamaphuzu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa