‘Ningazifanisi nabanye abadlali’
ABADLALI beBidvest Wits badonswe ngendlebe ukuthi bangalokothi bazame ukuzifanisa nabanye abadlali bamanye amaqembu abanga isicoco seligi neNedbank Cup.
Umqeqeshi wama-Clever Boys, uGavin Hunt, udonse abadlali bakhe ngendlebe ngento athe uyibona kwamanye amaqembu yabadlali ababukela phansi eminye imidlalo. Uthe bangazami ukuzenza bona.
UHunt ukusho lokhu ngemuva kokuthi iWits idlulele phambili kwiNedbank ishaya iBlack Leopards sekukhahlelwa amaphenathi. IWits izisondeze
ethubeni lokuqeda isizini ngezicoco ezimbili ekhabetheni.
Kushaywe amaphenathi ngoba umdlalo ubuphele ngo 1-1 wamagoli oGift Motupa weBidvest noMwape Musonda weLidoda Duvha.
Umdlalo ubusuphindwa ngenxa yokuthi ngesonto eledlule awuphelanga, wamiswa abaphathi bawo emuva kazamcolo oshaye eThohoyandou Stadium yaphenduka ichibi, kwaphoqa ukuba kungabe kusaqhutshekwa nawo.
Ubuqhawe bukanozinti waseThekwini, uRicardo Goss, bugqamile iWits idlulela phambili esigabeni samaquarter-final.
Unozinti osemncane obanga indawo noDaren Keet uvimbe kahle umdlalo wonke kodwa sekukhahlelwa amaphenathi kulapho eziveze khona ubuqhawe bakhe, evimba amaphenathi amabili kulandelana.
Ngemuva kwalo mdlalo, uHunt uthe kuphoqile ukuthi akhumbuze abadlali bakhe ngesikhahti sekhefu ukuthi abalona elinye lamaqembu athatha amanye kancane futhi abakhohlwe yindaba yokushaya izitayela noma ukubukela phansi amanye amaqembu.
“Siyiqembu elikholelwa ekutheni lenze ngale ndlela ebelilokhu lenza ngayo eminyakeni edlule. Kungani sizoshintsha manje kokusisebenzelayo? Ngibadonse ngendlebe abadlali ukuthi bangalokothi basike iphethini kwamanye amaqembu engingeke ngiwasho ngoba lokhu akuyona indlela yethu yokudlala. Izicoco esinazo sizidle sidlala ngendlela okuyiyona esiyaziyo. Ngisolile esiwombeni sokuqala ukuthi kunabadlali asebezenza izinto abangezona. Lo mkhuba ungasiphazamisa kakhulu ezifisweni zethu zale sizini. Sinendlela yethu yokudlala futhi iyasisebenzela.”
UHunt ubekhala ngoba iqembu lakhe esiwombeni sokuqala belithwele kanzima yize lithole igoli ngaso.
“Ngineme ngalo mphumela futhi ngiyazi ukuthi usifanele. Kunezikhathi lapho bengizizwa khona ukuthi angimnandi lapho abadlali bami abathile bese beqala khona ukuzenza izinto abangeyizo. Siyazazi ukuthi yikuphi lapho siqine ngakhona ngakho le ndaba yomjiko nokuthatha kancane amaqembu athile kufanele iphele. Ngijabule futhi ngokudlulela esigabeni esilandelayo ngoba akulula ukuza lapha (eThohoyandou) ufike unqobe.
Nozakwabo uDylan Kerr, weLeopards ukholwa wukuthi ezakhe yizona obekufanele zinqobe.
“Bafike kanye emapalini ethu bafika bathola igoli. Unjalo umdlalo womkhumulajezi. Siwayekile amathuba esiwatholile ngakho akukho engingakwenza ngaphandle kokubongela iWits bese ngiyifisela inhlanhla.
Kuzokuthi ngoLwesine ziqhathwe lapho kuzocaca khona ukuthi ngubani ozobhekana nobani emzuliswaneni olandelayo.