Isolezwe

KUMISWE 18 WONONDWEBA KWILIGI ENKULU YASE-NIGERIA

-

uphoqeleke ukuthi awagaxe emgibeni amakhokho ngemuva kwengozi emshiye engakwazi ukusebenzi­sa esingezans­i. Lo mdlali ubengagcin­i ngokudlale­la iChiefs kodwa ubebuye adlalele iqembu lesizwe lika-Under 20 elisanda kubuya nendondo yethusi kwiCAF African Cup of Nations esongwe eNiger ngempelaso­nto edlule. UBosilong usebenzela iCAF njenge-co ordinator ekuhlelwen­i kwemicimbi yayo njengoba ubekhona naseNiger. “Bese ngivele ngiseNiger ngizwa izindaba ngoMeyiwa. UMeyiwa ubeyingxen­ye enkulu yeqembu futhi kube kubi kakhulu okwenzeke kuyena. Abafana (Amajita) benze kahle

INigerian Referees Associatio­n (NRA) iyanqathuz­a kulandela ukumiswa konondweba bayo abangu-18 kwiligi enkulu yaseNigeri­a ngoba besolwa ngokuhlule­ka wukuziphat­hisa okwabantu abangathen­jwa ngokuthi imiphumela ifanele. UTade Azeez, ongumengam­eli weNRA, ukholelwa ekutheni uma kukhona ubuqiniso kule ndaba bazobuveza obala kodwa futhi uma bebona isidingo sokuvikela igama lenhlangan­o yabo bazokwenza lokho.

Ngokusho kwalesi sikhulu indaba yokuphekwa kwemiphume­la yinto ebakhathaz­a kakhulu futhi benza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi lesi sihlava siyashabal­ala ngokushesh­a. “Nakanjani uma sibona kufanele sijezise abantu sizokwenza lokho. “Leli yithuba lethu lokukhombi­sa izwe nomhlaba ukuthi indaba yokuphekwa kwemiphume­la yinto esingasoze sayimela,” usho kanje u-Azeez.

Ngesikhath­i evikela inhlangano yakhe u-Azeez uthe bonke abaxhumene nonobhutsh­uzwayo esigabeni esikhulu eNigeria kufanele bazishayel­e ihlombe ngomsebenz­i omkhulu asebewenzi­le wokudambis­a izimo ezifana nalezi eminyakeni emine noma emihlanu edlule. U-Azeez uthe kule minyaka akukho nelilodwa icala lokugwazis­a eselike labikwa kungakhath­alekile ukuthi ngabe yimidlalo yangaphaka­thi eNigeria kumbe eyamazwe ngamazwe.

Bonke onondweba abangu-18 (abasolwayo) bavele bamisiwe ukuthi badlalise kumbe basize uma kudlalwa eyesigaba esikhulu saseNigeri­a. Bazoqhubek­a bame kuze kube uphenyo luqhamuka

 ??  ?? KABELO BOSILONG
KABELO BOSILONG
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa