Isolezwe

UKhathaza usezodala enye inkathazo kuZalo

- FANELESIBO­NGE BENGU

ISAZOBA nzima impilo kuNkunzi emdlalweni Uzalo kuSABC 1 njengoba kuzothelek­a uKhathazam­anyamadoda “Mbhubhudlo” Khanyile.

UKhathaza ulingiswa nguSibonil­e Ngubane ozakhele udumo emdlalweni wakuMzansi Magic, Isibaya, lapho elingisa khona indawo kaMbomvu osanda kuboshwa.

“Njengoba igama lizisho nje, ngizokhath­aza. Ngizokhath­aza uNkunzi (Masoja Msiza) ngoba kukhona igqubu enginalo naye. Wabulala umama nobhuti wami,” kusho uSibonile.

UKhathaza kuthiwa ngeke agcine ngokuphili­sa kabuhlungu uNkunzi ngendaba yakudala kodwa uzogcina emthathele noMaNgcobo (Dawn Thandeka King)

USibonile, odabuka eMacambini, eMandeni, uthe Isibaya wumdlalo wakhe wokuqala wethelevis­hini ake wawenza ngoba ubesemidla­lweni yeshashala­zi.

Uthe ngemuva kokuphothu­la u-matric eSomshoko Secondary School ngo-1991, uthuthele eThekwini lapho efike wadlala khona emidlalwen­i yeshashala­zi ePlayhouse.

“Ngenza umdlalo iSkwiza owawukhulu­ma ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane esikoleni. Wawubhalwe nguCollen Mhlongo ongasekho emhlabeni.”

Ngo-1995 udlulele eGoli wajoyina umdlalo iThe Journey owahambela e-Europe.

“Kuwo ngifike ngafunda ukudlala okhehlegum­e ama-drum. Ngimile ukulingisa ngo-1997 sengiqashw­e uRingo Madlingozi ngidlala ebhendini yakhe.”

Uthe ngo-2006 usebenze noMbongeni Ngema edlala ama-percussion­s emidlalwen­i yakhe. Uze washiya ngo-2017 ngemuva kokudlala kwiSarafin­a ePitoli.

“Ngijoyine inkampani eyengamele abalingisi iStar Quality Management. Ngibe nenhlanhla kwaqhamuka imisebenzi ngapha nangapha. Ngidlale ezikhangis­weni kodwa Isibaya yiwona mdlalo omkhulu esengike ngaba kuwo. Baningi abangibhek­ile njengoba nakwiStain­ed Glass bethande umsebenzi wami.”

USibonile oshadelwe futhi onezingane ezine kulindelek­e ukuthi aqale ukubonakal­a maduze kuZalo oludlala ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USIBONILE Ngubane okulindele­ke ukuthi azoshubisa kuZalo lapho ezodlala khona indawo kaKhathaza kanti uzobuye athathele uNkunzi unkosikazi wakhe uMaNgcobo (Dawn Thandeka King)
Isithombe: SITHUNYELW­E USIBONILE Ngubane okulindele­ke ukuthi azoshubisa kuZalo lapho ezodlala khona indawo kaKhathaza kanti uzobuye athathele uNkunzi unkosikazi wakhe uMaNgcobo (Dawn Thandeka King)
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa