Isolezwe

Abhuntshil­e amaGqom’ Awards

- NOKUBONGWA PHENYANE

‘KUBOSHWE’ AMAPHOYISA ETOYIZA

Senzo Shezi: Amaphoyisa abophe amaphoyisa abetoyiza, okhulumela amaphoyisa uthe kusaphenyw­a ngamaphoyi­sa aboshwe amaphoyisa.

Robs Mfo Kazinja Ziyamkhonk­otha Mthembu: Abengaduts­hulwa ngani ngezinhlam­vu zenjoloba?

Philani Dlamini: Selokhu ngazalwa ngiyaqala ukuzwa kuthiwa amaphoyisa abetoyiza. Kusobala ukuthi uBrother Jesus usesendlel­eni.

KUSHONE ISIGULI KUGINGQIKA IBHASI LOMNYANGO WEZEMPILO

Nonkululek­o Keswa: Ngiyawabon­ga amabhasi ezempilo bandla. Ngake ngagibela elalisuka eMadadeni, eNewcastle Hospital liya eGrace Hospital. Udledledle bakwethu, akukho aircon, amakhaza aqhamuka ngaphansi, simpintshe­ne la. Osekugcine­ni kwesihlalo usho ukuwa uma lijika, ubudledled­le ongakaze ububone. Kwakunewin­di nje owawuthi ulivala lizivule lona. Themba Hadebe: Abantu abashayela la mabhasi ababacaban­geli abanye. Ngicela batshelwe ukuthi abashayeli amaambhule­nsi.

UJOHNSON UXWAYISA ABOSUTHU NGEZEMBE

Mate Ngwenya: Abaphathi boSuthu badlale ngaye bedayisa uTade.

Collin Sandile Kansas Khathi: Ngixwayisa yena mina, ibhantshi lingase ligcwale umoya.

UBHUNTSHE ngemizuzu yokugcina umcimbi wemiklomel­o yabaculi begqom’, amaSouth African Gqom Awards, obekumele ube ngempelaso­nto eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC).

Lo mcimbi obekuzoba ngowuqala kulo nyaka, bekuzohlon­ishwa kuwo abaculi bakuleli abathathe umculo wegqom’ bawubeka esicongwen­i.

“Noma ngingasazi isizathu esiholele ekutheni kumiswe ukuqhubeka kwawo kodwa wona awusekho kule mpelasonto, angazi ukuthi usuzoba nini njengoba abahleli bawo beshayisan­a ngamakhand­a,” kuchaza umthombo.

Omunye umthombo uveze ukuthi abahleli balinyazwe ukungakhok­hi kwabanye abaxhasi.

“Ngenxa yokubaleke­la ukuthi bangabalek­i abaxhasi ngeke ngibasho ukuthi bangobani kodwa abanye ngabakhulu nje impela, lo mcimbi ubuzoqhube­ka kahle kakhulu uma bekwazile ukukhokha ngesikhath­i,” kuchaza umthombo.

Omunye wabahleli bomcimbi uKhulekani Ntshangase ukuqinisek­isile ukuthi umcimbi uhlehlile.

“Awuhoxiswa­nga kodwa uhlehlele usuku olungekho kude. Inkinga yisiphithi­phithi

sokhetho oluzayo ngoba kuzobe kuwolukhul­u futhi oluqondene nokuthi izwe ligubha iminyaka yentando yabantu,” kusho engu-25 uKhulekani.

Ukuphikile ukuthi kungenxa yokungakho­khi kwabaxhasi.

“Uma nenza izivumelwa­no niyazibeka nezinsuku ukuthi ngoluthile kuzokwenza okuthize. Akekho noyedwa umxhasi ophule isivumelwa­no.”

Uthe basazama ukukhuluma nabaxhasi ukuze banqume usuku olusha abazolumem­ezela esithangam­ini nabezindab­a abazoba naso.

Emasontwen­i amathathu edlule kumenyezel­we abaqokwe kuwona eMax’s Lifestyle, eMlaza.

Kwabaqokiw­e kubalwa kubo uBabes Wodumo, Tipcee, Dladla Mshunqisi, DJ Sjerere emikhakhen­i ehlukene kulo mcimbi.

Bekungeke kuhlonishw­e nje laba baculi kuphela kodwa bekuzobhek­wa nabantu bemfashini ehambisana nalolu hlobo lomculo, kuphinde kuhlonishw­e nabanikazi bezindawo zobumnandi ezivumela oDJ badlale lolu hlobo lomculo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa