Bavale isibhedlela kwavaleleka iziguli
BASHISE amathayi bavala imigwaqo namasango esibhedlela iMontobello abantu baseNdwedwe bekhala ngokungaqashwa kulesi sibhedlela.
Isolezwe lithole ukuthi imibhikisho iqale ngoMsombuluko kusukela eziNdlovini, eNdwedwe, kuya Ozwathini nakwezinye izindawo zaseNdwedwe.
Abantu abakhulume neSolezwe bathe baqome ukuvala amasango angena kulesi sibhedlela ngoba abazange baqashwe ngesikhathi kuvele izikhala zomsebenzi.
Isolezwe lithole ukuthi abantu bakule ndawo bakhala ngokuthi uma kuvela izikhala zomsebenzi kulandwa abantu okungesibo abendawo.
Iziguli ebezikade ziye eMontobello bezingakwazi ukungena kanti lezo ebeziphakathi bezingakwazi ukuphuma.
Kushaye u-3.30 ntambama abantu
besavaleleke ngaphakathi esibhedlela njengoba bebengakwazi ukuphuma.
Isolezwe lithole ukuthi abantu baseziNdlovini bebekhala ngokungabibikho kwamanzi nokungathuthukiswa kwemigwaqo.
UNksz Thobile Nxumalo ophethe ezokuxhumana kuMasipala waseNdwedwe, uthe bayazi ngemibhikisho futhi iMeya yalo masipala uMnuz Nkosinathi Chili iyisukumele phezulu indaba yale mibhikisho.
“Imeya ihlangane nabantu abake bevimbe imigwaqo ngoMsombuluko yabacela ukuthi behlise umoya ngesikhathi izama ukuthola izimpendulo zezikhalo zabo eminyangweni ehlukene kahulumeni. Izokhuluma noMasipala Ilembe ngodaba lwamanzi. Ngo-Ephreli 22, imeya izohlangana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo eMavela Traditional Court. Sishaqekile uma sizwa ukuthi imibhikisho iyaqhubeka eNtaphuka ka-ward 13 naku-ward 9 eMontobello. Imeya izoya kubantu ababhikishayo kuleli sonto,” kusho uNksz Nxumalo.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda, uthe: “Umnyango uyaxolisa kakhulu ngokuphazamiseka okuke kwaba khona kulesi sikhungo. Umnyango usujube ophuma ehhovisi lesifundazwe ukuzolalela izimfuno zabasebenzi, aphinde achazele umphakathi ngemigudu okumele ilandelwe uma kuqashwa.”
UColonel Thembeka Mbele wamaphoyisa KwaZuluNatal ukuqinisekisile ukuthi bekunemibhikisho eNtaphuka, eNdwedwe lapho ababalelwa ku-500 beshise amathayi bavala nemigwaqo ngezingodo.
“Laba bantu bavale amasango angenela esibhedlela ngezingodo ezivuthayo nemfucuza. Amaphoyisa aphuthumile ayolungisa lesi simo, ukuze abantu bakwazi ukuphuma nokungena esibhedlela. Isimo sesibuyele kwesijwayelekile manje futhi akekho umuntu olimele nempahla ayizange icekelwe phansi,” kusho uColonel Mbele.