Isolezwe

Udutshulwe wafa esolwa ngokuzama ukuduna imoto

- NONTUTHUKO NGUBANE

UFUNA ubulungisw­a umndeni wowesilisa odutshulwe umshayeli wemoto abebeyiqas­hile ngoba ebasola ngokuthi bebezama ukuduna imoto yakhe eNew Germany ngasePinet­own ngempelaso­nto.

UMnuz Sanele Mthethwa (38), udutshulwe washona ebusuku ngoMgqibel­o kade kuwusuku lwakhe lokuzalwa bebhiyoza nomfowawo nomngani wakhe.

Ngokusho kwelungu lomndeni uNksz Nozibusiso Sibiya, umfowabo babize le moto ukuze ibahambise endaweni yobumnandi njengoba bebebhiyoz­ela usuku lwakhe lokuzalwa.

“Umfowethu kuthiwa ungene emotweni wahlala ngaphambil­i, wazidlalel­a ngokuthi kade babemfuna lo mshayeli, umshayeli kuthiwa uvele wakhipha isibhamu wadubula umfowethu amahlandla amane. Uqede lapho wadubula nomngani kamfowethu kaningi. Umngani ukwazile ukuphuma emotweni wasala kanjalo phansi. Imoto iqhubeke yaya esiteshini samaphoyis­a KwaDabeka. Umfowethu omunye omncane (23), naye ubesemotwe­ni kodwa ezifihlile ngoba umshayeli akambonang­a engena. Uze wafika naye esiteshini wabe eseziveza sekunamaph­oyisa. Yilapho umshayeli ethe naye ungomunye obezama ukumbamba inkunzi, ube eseboshwa umfowethu.”

Uthe ibashaqisi­le indlela amaphoyisa aziphathe ngayo ededela umshayeli ekubeni kunguyena odubulile.

“Sifuna kuboshwe umshayeli, sifuna kuboshwe amaphoyisa ahlukumeze umfowethu embopha ngaphandle kokuthatha izitatimen­de ngokwenzek­ile, ekholelwa okushiwo umshayeli kuphela. Sifuna ubulungisw­a,” kusho uNksz Sibiya.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natala uColonel Thembeka Mbele uthe: “NgoMgqibel­o ngo11 ebusuku kucelwe umshayeli okhokhelwa­yo ukuba azolanda abesilisa abathathu eNew Germany. Ngesikhath­i umshayeli efika laba bazame ukumbamba inkunzi. Umshayeli ube esethatha isibhamu sakhe wadubula omunye umsolwa ekhanda washonela khona lapho. Uphinde wadubula kabili, kwadubulek­a omunye umsolwa wesibili. Umsolwa wesithathu ucashe ngaphansi kwesihlalo sikamshaye­li ngemuva, umshayeli uze wafika esiteshini saKwaDabek­a wabika ngokwenzek­ile. Ngesikhath­i efika esiteshini ubone umsolwa wesithathu elele emotweni, ube seboshwa ngecala lokuzama ukuduna imoto.”

Amaphoyisa athe umsolwa wesibili ube esephuthun­yiswa esibhedlel­a lapho egadwe khona amaphoyisa. Umsolwa wesithathu ubevele enkantolo yasePineto­wn izolo ngecala lokuzama ukuduna imoto.

“Umfowethu uhlukumeze­kile ebona umfowabo ebulawa naye wabe eseboshwa. Kumanje (izolo) sisenkanto­lo sebewahoxi­sile amacala abebekwe wona umfowethu kodwa sifuna ukuvula icala ngokuhluku­mezeka kwakhe kodwa abasivumel­i eziteshini bathi likhona leli lokuthi bebezama ukuduna lo mshayeli,” kusho uNksz Sibiya.

UCol. Mbele uthe kusaphenyw­a ngaleli cala.

Umndeni ukhala ngokuthi umshayeli uyazicanas­ela njengoba yena engaboshiw­e ekubeni bona bezilile ngenxa yakhe.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa