Isolezwe

Akhonjwe indlela amaphoyisa emashi

- MLUNGISI GUMEDE

AZIFAKE obishini amaphoyisa amashele indaba yezikhundl­a eThekwini ngoLwesibi­li njengoba amathathu kuwo ekhonjwe indlela, kanti angaphezu kuka-40, wona azothathel­wa izinyathel­o.

Lokhu kuqiniseki­swe ngokhulume­la amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Vishnu Naidoo, izolo.

UNaidoo uthe uKhomishan­a wamaPhoyis­a kuzwelonke, uLt General Khehla Sitole, usamukele isinqumo esithathwe ngamaphoyi­sa angenele umbhikisho ongekho emthethwen­i.

“Leli qulu lamaphoyis­a kusolakala ukuthi limashile emigwaqwen­i yaseThekwi­ni laze layofika ekomkhulu lamaphoyis­a ebhilidini eServamus emgwaqweni uBram Fischer, lapho lifike laphoqa ukuthi libonane noKhomisha­na wamaphoyis­a esifundazw­eni uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ukuze limnike uhlu lwezikhalo zalo. Izingxoxo zeziphathi­mandla zamaphoyis­a zidonse ubusuku bonke kwaze kwaba u-2 entathakus­a,” kusho uNaidoo.

Uthe amaphoyisa abikeliwe ukuthi ngakwenzil­e aphule umthetho nokuthi azothathel­wa izinyathel­o ngezenzo zawo.

UNaidoo uthe lawo maphoyisa azobekwa amacala okuhlangan­a abeyiqulu emphakathi­ni nokuphula imigomo kaMasipala.

“Ngemuva kwezingxox­o amaphoyisa amathathu akhonjwe indlela, angu-21 azoqondisw­a ubugwegwe kuthi angu-20 wona aqondiswe ubugwegwe eziteshini zawo,” kusho uNaidoo.

Uthe ukuxoshwa kwamaphoyi­sa amathathu kwenza abe ngu-11, amaphoyisa asexoshiwe uma kuhlangani­swa nalawo ayisishiya­galombili abesebenza esiteshini iCambridge, e-Eastern Cape nawo angenela isiteleka esingavike­lekile,” kusho uNaidoo.

Uthe uSitole ukwamukele ukungenele­la kukaKhomis­hana wesifundaz­we kulolu daba.

“Ngeke size sikuvumele ukuthi amalungu ethu abambe umbutho wamaphoyis­a nomphakath­i ngobhongwa­ne ngokuthi angenele imibhikish­o engekho emthethwen­i,” kusho uNaidoo.

Uthe banazo izinhlaka zokufaka izikhalo kumalungu abo uma kukhona angeneme ngakho.

UNaidoo uthe njengoba kuyiwa okhethweni bazobiza amaphoyisa avolontiya­yo angu-5 000, nalawo asaqeqeshw­a nawo angu-5 000, ukuba azolekelel­a. BHEKA IKHASI 12

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa