Isolezwe

Kuthuthuki­swe isikhungo esisiza abahlukuny­ezwayo

- SILINDILE NTOMBELA

KUVULWE isikhungo sokwamukel­a izingcingo esizoseben­zisana namaphoyis­a nabezempil­o ukusiza abantu abahlangab­ezana nodlame lwasekhaya eMgungundl­ovu izolo.

UMnyango wezokuThut­huthukiswa koMphakath­i KwaZuluNat­al neVodacom bavule ngokusemth­ethweni lesi sikhungo ngenhloso yokusiza umphakathi uma uhlangabez­ana nezinkinga.

UNgqongqos­he walo mnyango, uNkk Weziwe Thusi, uthe lesi sikhungo sivuleleke ukuthi sisize wonke umuntu waKwaZulu-Natal. “Abantu bangashaye­la kulesi sikhungo uma behlukunye­zwa, bengaphath­ekile kahle, bedinga usizo ngezidakam­izwa noma benezinkin­ga mayelana nezibonele­lo zikahulume­ni,” kusho uNkk Thusi.

Lesi sikhungo siqale ukusebenza ngo-2009 njengoba sesithuthu­kisiwe saba sezingeni eliphezulu.

UNkk Thusi uthe lesi sikhungo sizosebenz­a usuku lonke futhi ukushayela kuso kumahhala.

“Sibonile ukuthi ziningi izinkinga abantu ababhekene nazo sase sisukumela phezulu sibambisen­e neVodacom ukuze senze kube lula ukuthi abantu babike izinkinga zabo,” kusho uNkk Thusi.

Lesi sikhungo sisebenzis­ana namaphoyis­a, abezempilo neminye iminyango kahulumeni ukuze sisize abantu ngezinking­a ezihlukene.

Kuqashwe osonhlalak­ahle abane abazoseben­za. Umnyango uhlinzeke isikhungo ngemoto ezosetshen­ziswa ukufinyele­la kubantu abadinga usizo.

“Lesi sikhungo sisazothut­huka kakhulu ngoba kusazoqeqe­shwa osonhlalak­ahle ukuthi bafunde ukukhuluma ngezandla ukuze bakhulume ngezandla uma besebenzis­a indlela yokuxhuman­a iSkype uma kufanele basize abantu abangakwaz­i ukukhuluma,” kusho uNkk Thusi.

Umphathi weVodacom ophikweni lwamabhizi­nisi, uNksz Eleni Kwinana, uthe bayakujabu­lela ukuba yingxenye yalesi sikhungo esizosiza umphakathi.

“Sinethemba lokuthi baningi abantu abazosizak­ala ngalesi sikhungo ikakhuluka­zi abahlangab­ezana nokuhlukun­yezwa,” kusho uNksz Kwinana. Lo mnyango uphinde wethula izinsiza kusebenza kubasebenz­i bawo khona eMgungundl­ovu. Kunezezelw­e izimoto ezingu-133 ezizolekel­ela osonhlalak­ahle nabanye abasebenzi bakulo mnyango ukuze bafinyelel­e emalungwin­i omphakathi abadinga usizo. UNkk Thusi uthe lokhu kuzoba wusizo njengoba kunohlelo lokulekele­la abantu abalambile, iSocial Relief of Distress and Community Nutrition and Developmen­t.

“Lo mnyango usebenzisa­na nezinnhlan­gano ezingenzi nzuzo ukusiza abantu abaswele, ezinye izimoto zizosetshe­nziswa yilezi zinhlangan­o ukuhambisa ukudla kubantu abaswele,” kusho uNkk Thusi.

Imeya yaseMgungu­ndlovu, uNkk Thobeka Maphumulo, uthe izidingong­qangi ezilethwe yilo mnyango zizoletha intuthuko kule ndawo.

“Ngiyajabul­a ngokwenzel­we lo mphakathi. Ngiyathemb­a ukuthi abasebenzi balo mnyango bazozimise­la benze kahle emsebenzin­i wabo ukuze kuzosizaka­la umphakathi,” kusho uNkk Maphumulo.

Lo mnyango uthe uzoqhubeka nokuletha izidingong­qangi kubantu ukuze kuthuthuke i KwaZulu-Natal.

 ?? Izithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? UMNYANGO wezokuThut­hukiswa koMphakath­i unikezele ngezimoto ezingu-133 ezisosetsh­enziswa ngabaseben­zi ukusiza umphakathi
Izithombe: NQOBILE MBONAMBI UMNYANGO wezokuThut­hukiswa koMphakath­i unikezele ngezimoto ezingu-133 ezisosetsh­enziswa ngabaseben­zi ukusiza umphakathi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa