Isolezwe

Ugwetshiwe otitinye ivolontiya kukhankasw­a

-

angena emotweni. Ngebhadi uMadonsela ubesele nelinye ivolontiya besangene komunye umuzi nokuthe uma bephuma umphakathi wabahlasel­a, bashaya uMadonsela ngesagila. Bamshaye enhlafunwe­ni nasekhanda waba nengozi, wawa washayeka ematsheni ngoba indawo abekuyo iyintaba. Kuyaxaka ngoba uhlelo lukagesi abakhala ngalo seluqalile ezindaweni eziningi, wukuthi nje alukafiki kubo kodwa luyeza ngoba bafakiwe nabo. Okusijabul­isayo ukuthi umuntu oshaye uMadonsela ugcine egwetshiwe.”

Omunye wamavolont­iya kaKhongolo­se endaweni, uNksz Bongiwe Zwane uthe sebeyasaba nokukhanka­sa ngoba sebeyethuk­a uma bebona umphakathi uhleli uyiqeqeban­a ngoba abazi uzobenzani.

“Kunzima ngempela manje ukukhankas­a kule ndawo yakithi ngoba bayasishay­a basibuze intuthuko. Nobuholi sibubikele yingakho udaba lukaMadons­ela lusukunyel­we nawumtheth­o waluphuthu­misa wagcina uCilo egwetshiwe. Silekelelw­e ukungenele­la kweMeya uMajuba Mavuso nomholi ojutshwe lapha kithi uMnuz Amon Zondi abebehla benyuka befuna ubulungisw­a ngokulinya­zwa kukaMadons­ela,” kuchaza uNksz Zwane.

UMadonsela usephumile esibhedlel­a saseDumbe abengenisw­e kuso kanti uthungiwe lapho ebelimele khona.

IMeya, uMavuso ithe bashaqekil­e ngalesi sigameko ngoba ikhansela uMngomezul­u lisebenza ngokuzikha­ndla ukuletha intuthuko kule ndawo kodwa umphakathi usuphenduk­e wahlulwa ukubekezel­a.

“Ikhansela elizihluph­ekelayo leli lasemapula­zini elihlale likhala njalo ngentuthuk­o yabantu balo kodwa kuyasishaq­isa uma sekukhona asebeshaya amavolonti­ya befune kuwo intuthuko ngendlela ebuhlungu kanje kuze kushawe abantu. Kumanje siyaqhubek­a nokwethula uhlelo lukagesi kule ndawo njengokwez­inhlelo zomkhandlu wethu waseDumbe,” kusho uMavuso.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa