Isolezwe

Umndeni ufuna iqiniso ngokwahole­la ekufeni kwesihlobo

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMNDENI womshayeli wetekisi ufuna ukuthola iqiniso ngokwahole­la ekubulawen­i kwakhe emuva kokuboshwa kwabasolwa ngokuba izinkabi.

UMnuz Sbusiso Mbotho (27) wabulawa ngo-Ephreli 5 eDududu, eScottsbur­gh.

Itekisi ayeyishaye­la ngesikhath­i ebulawa yathathwa ngabahlase­li.

Amaphoyisa abophe amadoda amabili asolwa ngokuba yizinkabi azobekwa, ngokusho kokhulumel­a amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, icala lokubulala.

“Amadoda amabili aboshwe eMzinto ngecala lokubulala umshayeli wetekisi. Avele enkantolo yemantshi eScottburg­h ngoMsombul­uko, icala lahlehlise­lwa u-Ephreli 24,” kusho uCol Mbele.

Amadoda aneminyaka ewu26 no-28 aboshwe ezindaweni ezehlukene eMalangeni, eMzinto, esolwa ngokuthi ayizinkabi ezithunywa ukubulala abantu embonini yamatekisi.

Enye indoda itholwe nesibhamu nezinhlamv­u eziyisithu­pha.

Umfowabo kaMbotho, uMnuz Sihle Mbotho, uthe bathemba ukuthi sekuzovela konke okwaholela ekubulawen­i komfowabo.

“Besisadide­kile ukuthi kungani umfowethu abulawa ngoba ubengumsha­yeli wetekisi nje. Ukuboshwa kwabasolwa kuyasijabu­lisa ngoba sesizothol­a iqiniso ngokuthi kwenzekani nokuthi kungani umfowethu bambulala,” kusho uMbotho.

Uthe umfowabo yize ebengagani­we kodwa ushiye izingane zakhe eziyisishi­yagalombil­i.

Uthe bazolihamb­ela icala kuze kube liyaphothu­lwa njengoba liqhubeka enkantolo.

Khonamanja­lo uSiphumele­le Petros Gumede (27) ugwetshwe iminyaka emihlanu ngecala lesibhamu nezinhlamv­u enkantolo yaseNsimbi­ni, eFolweni, ngeledlule.

UGumede waboshwa ehostela laKwaMakhu­tha ngo-Ephreli 2018 emuva kokutholwa nesibhamu i-9mm nezinhlamv­u.

UGumede ubebhekene nelinye icala lokubulala elenzeka eMbumbulu ngo-Okthoba 2017. Umnuz Sthembuso Hlongwa (63) wadutshulw­a, isidumbu sakhe sashiswa. Wayengumni­kazi wamatekisi endaweni.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa