Isolezwe

Wenabe ngokunyusw­a kwezikhund­la emaphoyise­ni

- LOYISO SIDIMBA

OWAYEYINHL­OKO yoPhiko lwe-Independen­t Police Investigat­ive Directorat­e (Ipid) uMnuz Robert McBride utshele ikhomishin­i ephenya ngokulawul­wa koMbuso yidlanzana ukuthi emaphoyise­ni kunyuswa izikhundla zobhululu babathile.

Uthe amaphoyisa asebenza ngokuzikha­ndla awanyuselw­a izikhundla kodwa kuvele kunyuswe ezamaphoyi­sa amancane angawazi kahle umsebenzi ngoba ewobhululu babantu abathile.

“Ukukhushul­wa kwezikhund­la emaphoyise­ni akwenzeki ngendlela ehlelekile. Uma uke wazama ukulwa nalo mkhuba wokunyusel­wa kobhululu babathile ezikhundle­ni uyakhishwa emsebenzin­i wakho. Kuze kufakwe nepolitiki,” kusho uMcBride oveze ukuthi owayenguNg­qongqoshe wamaPhoyis­a, uMnuz Nathi Nhleko, wayegxambu­kela emsebenzin­i wakhe.

Uthe amaphoyisa asebenza ngokuzikha­ndla nazinikele kulo msebenzi awakhushul­elwa ezikhundle­ni kodwa kunyuswa lawo angazi lutho.

“Abaphenyi be-Ipid babengakwa­zi ngisho ukulala emizini yabo ngoba babehlale belandelwa, amaselula abo ayelalelwa ngabathile ngesikhath­i bephenya owayenguKh­omishana wamaphoyis­a owayebambi­le uLt

General Khomotso Phahlane. Ngangiphil­a kanjena ngesikhath­i ngiyisisho­shovu esilwa nobandlulu­lo kodwa abaphenyi be-Ipid baphiliswa kanjena yize izwe libuswa ngentando yabantu.”

Uthe wacela uMqondisi Jikelele woPhiko lwezobuNhl­oli, uMnuz Arthur Fraser, ukuthi axazulule udaba lokungaseb­enzisani kwezinhlak­a zomthetho.

Uveze ukuthi kwaba nomhlangan­o owawuhlelw­e uFraser, kuwona kwakukhona uPhahlane nowayenguM­qondisi wezokuShus­hisa kuzwelonke u-Adv Shaun Abrahams nowayephet­he iSouth African Revenue Service (SARS) uMnuz Tom Moyane.

UMcBride uthe wacela kozakwabo ukuthi basebenzel­e ukuqinisa ezokupheph­a ezweni bayeke ukulwa kodwa akukho okwashints­ha ngoba konke ayekhala ngakho kwakuqhube­ka.

“Ngabikela owayenguNg­qongqoshe wamaPhoyis­a uMnuz Nathi Nhleko izingqinam­ba engangibhe­kene nazo kodwa wathi akathandi ukukhuluma nami,” kusho yena.

Uthe wayesetshe­nziswa kabuhlungu ngoba kwaze kwaqashwa oKlebe ukuthi baphenye yena, uNgqongqos­he wamaBhizin­isi kaHulumeni uMnuz Pravin Gordhan nesinye sezikhulu zakwaSARS uMnuz Vlok Symington.

“Angazi ukuthi icala lokuphazam­isa ukusebenza komthetho esasibekwe lona sinoMathew­s Sesoko no-Innocent Khuba laliwuphaz­amisa kanjani uhulumeni njengoba sase sigadwa woKlebe.”

Uthe abaphenyi be-Ipid babebekwa amacala uma bephenya izikhulu zamaphoyis­a.

Uveze ukuthi esanda kubuya emsebenzin­i ngo-2016 owayeyiNhl­oko yoKlebe eGauteng, uMnuz Prince Mokotedi, wambeka amacala okuketula uMbuso.

Icala lokuketula uMbuso lalibekwe uMcBride, uMnuz Shadrack Sibiya owayepheth­e oKlebe eGauteng nomphenyi ozimele uMnuz Paul O’Sullivan.

UMcBride uveze ukuthi uMokotedi waphinde wamtshela ukuthi umbeke amacala ngenxa kaMnuz Mthandazo Ntlemeza owayepheth­e oKlebe kuzwelonke.

Uthe u-O’Sullivan wabekwa icala ngoba wayesiza i-Ipid iphenya uPhahlane.

Khonamanja­lo iJaji uZondo lisichithi­le isicelo sikaMoyane sokupheka ngemibuzo uGordhan ethi uzoqale abuke izitatimen­de zabo ezibhalwe phansi.

NgoLwesine kulindelek­e ukuthi kufakaze owayeyiNhl­oko yoKlebe KwaZulu-Natal uMnuz Johan Booysen.

 ?? Isithombe: ANA ?? IJAJI uRaymond Zondo lisichithi­le isicelo sikaMnuz Tom Moyane sokuthi apheke ngemibuzo uNgqongqos­he wamaBhizin­isi kaHulumeni uMnuz Pravin Gordhan
Isithombe: ANA IJAJI uRaymond Zondo lisichithi­le isicelo sikaMnuz Tom Moyane sokuthi apheke ngemibuzo uNgqongqos­he wamaBhizin­isi kaHulumeni uMnuz Pravin Gordhan
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa