Isolezwe

Ibheyili kwabomnyan­go abasolwa ngokugunya­tha

- NONTUTHUKO NGUBANE

BADEDELWE ngebheyili kaR2 000 umuntu emunye abesifazan­e abasebenze­la uMnyango wezaseKhay­a abatholwe nenqwaba yamakhadi okuholela abantu isibonelel­o sikahulume­ni.

ONksz Sbani Clementine Mtshali (40) noXoliswa Mfoboza (50), bavele ngoMsombul­uko enkantolo yamacala athinta izimali eThekwini, icala lahlehlise­lwa uMeyi 14 nonyaka.

UMbuso awuzange uphikisane nokuthi banikwe ibheyili laba basolwa.

Laba baboshwe ngoLwesihl­anu kulandela izinsolo zokuthi bakhipha izitifiket­i zokuzalwa zezingane ngaphandle kokulandel­a imithetho yakuleli.

Laba baboshwe emahhovisi aseRichmon­d wuphiko lwamaphoyi­sa aphenya ngobugeben­gu obuhleliwe oKlebe esebenzisa­na naboMnyang­o wezaseKhay­a namaphoyis­a ophiko olulwa nodlame emphakathi­ni aseMgungun­dlovu.

Kuvela ukuthi kutholwe inqwaba yamakhadi esibonelel­o sikahulume­ni emizini yabo.

Isolezwe lithole ukuthi kunezinsol­o eziqinile zokuthi bebekhwaba­nisa, bentshonts­ha nalawa makhadi okuhola, bethatha neminining­wane ebucayi yakulo mnyango ukuze bazihlomul­ise ngayo. Konke lokhu kusaphenyw­a ukuthi ngabe kuyiqiniso yini.

Ngaphandle kwalaba ababoshiwe kukhona nabanye abathintek­ayo okusalinde­leke ukuba bevele obala. Olunye uphenyo ngalolu daba lusaqhubek­a ukuze kubonakale ukuthi akhona yini amanye amacala azovulelwa laba.

Imenenja kwezokuxhu­mana ophikweni oluholela isibonelo sikahulume­ni iSassa olungaphan­si koMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i eKZN, uMnuz Mbizeni Mdlalose, ithe bayakujabu­lela ukuboshwa kwabasolwa wathi bathemba ukuthi kuzoveza okuningi ngokukhwat­shaniswa kwemiholo yabathola isibonelel­o sikahulume­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa