Ibheyili kwabomnyango abasolwa ngokugunyatha
BADEDELWE ngebheyili kaR2 000 umuntu emunye abesifazane abasebenzela uMnyango wezaseKhaya abatholwe nenqwaba yamakhadi okuholela abantu isibonelelo sikahulumeni.
ONksz Sbani Clementine Mtshali (40) noXoliswa Mfoboza (50), bavele ngoMsombuluko enkantolo yamacala athinta izimali eThekwini, icala lahlehliselwa uMeyi 14 nonyaka.
UMbuso awuzange uphikisane nokuthi banikwe ibheyili laba basolwa.
Laba baboshwe ngoLwesihlanu kulandela izinsolo zokuthi bakhipha izitifiketi zokuzalwa zezingane ngaphandle kokulandela imithetho yakuleli.
Laba baboshwe emahhovisi aseRichmond wuphiko lwamaphoyisa aphenya ngobugebengu obuhleliwe oKlebe esebenzisana naboMnyango wezaseKhaya namaphoyisa ophiko olulwa nodlame emphakathini aseMgungundlovu.
Kuvela ukuthi kutholwe inqwaba yamakhadi esibonelelo sikahulumeni emizini yabo.
Isolezwe lithole ukuthi kunezinsolo eziqinile zokuthi bebekhwabanisa, bentshontsha nalawa makhadi okuhola, bethatha nemininingwane ebucayi yakulo mnyango ukuze bazihlomulise ngayo. Konke lokhu kusaphenywa ukuthi ngabe kuyiqiniso yini.
Ngaphandle kwalaba ababoshiwe kukhona nabanye abathintekayo okusalindeleke ukuba bevele obala. Olunye uphenyo ngalolu daba lusaqhubeka ukuze kubonakale ukuthi akhona yini amanye amacala azovulelwa laba.
Imenenja kwezokuxhumana ophikweni oluholela isibonelo sikahulumeni iSassa olungaphansi koMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi eKZN, uMnuz Mbizeni Mdlalose, ithe bayakujabulela ukuboshwa kwabasolwa wathi bathemba ukuthi kuzoveza okuningi ngokukhwatshaniswa kwemiholo yabathola isibonelelo sikahulumeni.