Isolezwe

I-Africa’s Travel Indaba izoheha iningi

- ZANELE MTHETHWA

SEKUMI ngomumo ngombukiso omkhulu wezokuvaka­sha eThekwini, izolo okuvezwe abanye osomabhizi­nisi abancane abazokhang­isa kuwo.

Bangu-10 osomabhizi­nisi abethulwe izolo kwabezinda­ba, abaqeqeshw­e yiTourism KZN (TKZN), abazokhang­isa kwiAfrica’s Travel Indaba eqala ngoMeyi 2 kuya ku-4. Labo somabhizin­isi baqeqeshwe ngaphansi kohlelo lokucija nokuthuthu­kisa osomabhizi­nisi abancane.

UNksz Nomonde Buthelezi weRomaflo Travel eNewcastle, uthe kuzobe kungokwesi­bili eyingxenye yalo mbukiso. Wabhalisa ibhizinisi lakhe ngo-2016 eligxile ekusizeni abafuna izinsiza zokuvakash­a. Ubaxhumani­sa nabamabhiz­inisi okuthutha, awokulala namanye ahlobene nezokuvaka­sha.

“Ngasebenzi­sa imali yami ebengizibe­kela yona ukuqala ibhizinisi. Okuhle ngalo ukuthi akudingeki ngibe nezinto zami ngoba mina ngisiza

ukuxhumani­sa amakhasime­nde kwezokuvak­asha,” kusho uNksz Buthelezi. Uthe kumsizile ukuba ngaphansi kohlelo lokuqeqesh­wa yiTKZN. Uthe ngesikhath­i ethamela umbukiso okokuqala, wayengenay­o ngisho i-business card kodwa kumsizile ukuqeqeshw­a, wakwazi okudingeka ebhizinisi­ni.

UNksz Mbali Msomi weLeisure Holidays eThekwini, uthe ibhizinisi lakhe ligxile ekuheheni izivakashi ukuthi zize esifundazw­eni. Uthe ubuye asebenzisa­ne nabamanye amazwe ukubakhomb­isa okuhle okwenzeka esifundazw­eni, nabo baveze okwabo. Waqala ngo-2017 kuleli bhizinisi, wathamela umbukiso ngonyaka odlule. Uthe uzimisele ukuheha izivakashi eziningi nonyaka, azozikhomb­isa kulo mbukiso ukuthi kumnandi kanjani KwaZulu-Natal.

OyiGeneral Manager yezokuThut­hukisa ezokuVakas­ha eTKZN, uMnuz Nhlanhla Khumalo, uthe bayaziqhen­ya ngalabo somabhizin­isi ababakheth­e kulo nyaka. Uthe abanye babo sebeke bawuhambel­a lo mbukiso phambilini kodwa kuningi okushintsh­ile ngamabhizi­nisi abo.

“Kulolu hlelo iyahluka indlela esiqeqesha ngayo osomabhizi­nisi. Abanye basuke bedinga unyaka owodwa, kuya ngokuthi umuntu simthole ekuliphi izinga ngokwebhiz­inisi. Okubalulek­ile ukubahlomi­sa ngamakhono, ukubaxhuma­nisa nabanye osomabhizi­nisi, bangene nasezimake­the,” kusho uKhumalo.

Uthe leli bhizinisi lezokuvaka­sha lineminxa eminingi, yingakho kubaluleki­le ukuthi osomabhizi­nisi abancane baqeqeshwe. Ulinganisa ngabanezin­dawo zokulala, athe kumele bafundiswe ukuphatha izivakashi.

UKhumalo uthe bakhethe abangu-10 kodwa bakhona abanye abasaqeqes­hwa. Uthe bayawavula amathuba ukwamukela abanye kodwa kudingeka ibhizinisi eselibhali­siwe.

Kulindelek­e abazokhang­isa abavela kuzo zonke izifundazw­e nezivakash­i ezingaphez­u kuka-7 000 kulo mbukiso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa