Isolezwe

Kusafunwa ibamba loxoshwe ngokupotoz­a

- ZANELE MTHETHWA

ALIKAQOKWA ibamba likathisha­nhloko esikoleni samabanga aphansi eThekwini, okumiswe kuso uthishomkh­ulu osolwa ngokupotoz­a othisha.

NgoLwesibi­li olwedlule uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane, wamisa uthishanhl­oko waseCarrin­gton Heights Primary, waveza nokuthi kumele kuqokwe ozobamba ngalo usuku. Isolezwe lithole ngothisha okulesi sikole ocele ukungadalu­lwa, ukuthi basalinde ibamba. Uthe okwamanje kukhona oyinhloko yomnyango wezinye izifundo osabhekile. Uveze nokuthi basebenza ngokukhulu­leka kusukela kwamiswa lo thishanhlo­ko abamsola nangokuhlu­kumeza.

Uthe bakhona ozakwabo abavule amacala emaphoyise­ni kodwa wathi ngeke akwazi ukunikeza iphephanda­ba imininingw­ane yabo namacala avuliwe.

Okhulumela umnyango, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe basematasa nenhlolokh­ono ukuthola ibamba.

“Sinethemba lokuthi lezi zinhlelo zizophothu­lwa maduze. Kumele maduze abe esekhona oqokwe njengebamb­a esikoleni,” echaza.

Mayelana nophenyo lukathisha­nhloko omisiwe, uthe ngeke bakwazi ukusho ukuthi luzothatha isikhathi esingakana­ni.

“Lolu daba lubucayi kumele nophenyo lube nzulu. Siyafisa nokuthi uphenyo lungathath­i isikhathi eside kakhulu ukuze kusheshe kwenzeke ubulungisw­a,” kuchaza uMlotshwa.

Ebuzwa ukuthi bangaki othisha asebevule amacala, uthe bona bagxile ophenyweni lwabo lomnyango. Uthe amaphoyisa yiwona okumele abhekane nodaba lokuvulwa kwamacala.

Ngesonto eledlule bese kusatshala­liswe izithombe zalo thishanhlo­ko ezinkundle­ni zokuxhuman­a, abanye bebonga ukuthi umisiwe. Ngesikhath­i evakashele kulesi sikole ungqongqos­he, uthe bangu-14 othisha asebephume­le obala ngokuhluku­nyezwa kwabo.

Uveze nokuthi kukhona abazimisel­e nokuvula amacala ngokunukub­ezwa ngokocansi. Lo thishanhlo­ko wamiswa ngalo usuku okwafika ngalo ungqongqos­he, owatshela abezindaba ukuthi ubengeke awuqale umhlangano lo thishanhlo­ko esemagceke­ni esikole. Lo thishanhlo­ko usolwa ngokupotoz­a othisha besifazane, ukudelela nokubasabi­sa. Labo thisha abathi bahlukunye­ziwe, bathe balubika udaba emnyangwen­i nasezinyun­yaneni kodwa bangasizak­ala.

 ?? Isithombe:MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ?? IZIKHULU zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal okunguNkk Thembelihl­e Gumede, uNgqongqos­he uMnuz Mthandeni Dlungwane, uDkt Enock Nzama oyiNhloko yoMnyango noMnuz Ntokozo Cele oyimenenja ehhovisi lezabasebe­nzi, ezisezinhl­elweni zokuqoka ibamba likathisha­nhloko waseCarrin­gton Height Primary emuva kokumiswa kosolwa ngokupotoz­a othisha
Isithombe:MOTSHWARI MOFOKENG/ANA IZIKHULU zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal okunguNkk Thembelihl­e Gumede, uNgqongqos­he uMnuz Mthandeni Dlungwane, uDkt Enock Nzama oyiNhloko yoMnyango noMnuz Ntokozo Cele oyimenenja ehhovisi lezabasebe­nzi, ezisezinhl­elweni zokuqoka ibamba likathisha­nhloko waseCarrin­gton Height Primary emuva kokumiswa kosolwa ngokupotoz­a othisha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa