Ukushisa impahla ngeke kwasiza ngalutho - Malema
UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, unxuse abantu ukuba bayeke umkhuba wokucekela phansi impahla uma kukhona abangeneme ngakho, wathi abasebenzise ivoti labo ukukhipha emandleni uhulumeni we-ANC.
Ekhuluma nezinkulungwane zabafundi eDUT izolo, uMalema uthe ukushisa impahla akusizi ngalutho futhi ngeke kuyenze ngcono impilo.
“Njengoba siya okhethweni ngenyanga ezayo, hambani niyovotela iqembu elizokwenza ngcono impilo yenu i-EFF hhayi iqembu lezahluleki eseliphathe izwe iminyaka engu-25,” kusho uMalema.
Uthe akusizi futhi ukubhikishela ikhansela noma imeya ethile ngoba nakhu ingasebenzi bese kufakwe omunye weqembu elilodwa.
“Uma nibhikishela imeya ye-ANC ikhishwa kufakwa enye ye-ANC kusuke kungeke kube khona mehluko ngoba labo bantu baphuma ebhodweni elilodwa, bhekani simkhiphile esikhundleni obengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma ngenxa yenkohlakalo, kwangena esinye isikhohlakali seBosasa, uMnuz Cyril Ramaphosa,” kusho uMalema.
Uthe abantu kumele bayeke ukukhetha izikibha uma bevota.
“Nigqokiswe izikibha ezinobuso bukaDkt Nelson Mandela, Mnuz Thabo Mbeki, ezikaZuma manje senigqoka ezikaRamaphosa kodwa impilo yenu isafana. Kusasa (namhlanje) i-ANC izofika lapha esikhungweni senu izokhankasa iholwa nguMnuz Malusi Gigaba, izofike ininike izikibha ngoba babona ukuthi nifanelwe izikibha,” kuso uMalema.
Uthe inkohlakalo kwi-ANC ingaphakathi kuyona.
“Kwi-ANC uma untshontsha kakhulu usesiShayamthetho unyuselwa izimendlela uyiswe ePhalamende likazwelonke, awuboshwa.
Enhlanganweni ebusayo kukhohlakele abazali nezingane zabo i-ANCYL neSasco, ngendlela inkohlakalo edla lubi ngayo kwi-ANC amalungu ayo aze aqhoshelane ngokuthi ubani unamathenda amangaki hhayi ngokuthi banamajazi amangaki emfundo,” kusho uMalema, wengeza ngokuthi bona kwi-EFF baqhoshelana ngokuthi ubani unamajazi amangaki.
UMalema uphinde wagxeka uMandela wathi wenza iphutha ngokuthi abeke eqhulwini udaba lokwakhiwa kwezindlu zomxhaso kunemfundo.
Uthe uma abantu befundile bangakwazi ukuzakhela izindlu zabo bangathembeli ezindlini zomxhaso.
Uphinde wagxeka nesihlava sokuhlaselwa kwabokufika kuleli esande kakhulu lapha eKZN waxwayisa ngokuthi uma sebehambile abokufika kuzoqala impi yobuhlanga.
“Yekani ukuzondana nodwa ningabantu abamnyama, ngoba uma kufika amaNdiya, abamhlophe namashayina bezoqala amabhizinisi nibabiza ngabatshalizimali kodwa abaseAfrika nibabiza ngawo wonke amagama nize nibabulale,” kusho uMalema.