Isolezwe

Ukushisa impahla ngeke kwasiza ngalutho - Malema

- MLUNGISI GUMEDE

UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, unxuse abantu ukuba bayeke umkhuba wokucekela phansi impahla uma kukhona abangeneme ngakho, wathi abasebenzi­se ivoti labo ukukhipha emandleni uhulumeni we-ANC.

Ekhuluma nezinkulun­gwane zabafundi eDUT izolo, uMalema uthe ukushisa impahla akusizi ngalutho futhi ngeke kuyenze ngcono impilo.

“Njengoba siya okhethweni ngenyanga ezayo, hambani niyovotela iqembu elizokwenz­a ngcono impilo yenu i-EFF hhayi iqembu lezahlulek­i eseliphath­e izwe iminyaka engu-25,” kusho uMalema.

Uthe akusizi futhi ukubhikish­ela ikhansela noma imeya ethile ngoba nakhu ingasebenz­i bese kufakwe omunye weqembu elilodwa.

“Uma nibhikishe­la imeya ye-ANC ikhishwa kufakwa enye ye-ANC kusuke kungeke kube khona mehluko ngoba labo bantu baphuma ebhodweni elilodwa, bhekani simkhiphil­e esikhundle­ni obengumeng­ameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma ngenxa yenkohlaka­lo, kwangena esinye isikhohlak­ali seBosasa, uMnuz Cyril Ramaphosa,” kusho uMalema.

Uthe abantu kumele bayeke ukukhetha izikibha uma bevota.

“Nigqokiswe izikibha ezinobuso bukaDkt Nelson Mandela, Mnuz Thabo Mbeki, ezikaZuma manje senigqoka ezikaRamap­hosa kodwa impilo yenu isafana. Kusasa (namhlanje) i-ANC izofika lapha esikhungwe­ni senu izokhankas­a iholwa nguMnuz Malusi Gigaba, izofike ininike izikibha ngoba babona ukuthi nifanelwe izikibha,” kuso uMalema.

Uthe inkohlakal­o kwi-ANC ingaphakat­hi kuyona.

“Kwi-ANC uma untshontsh­a kakhulu usesiShaya­mthetho unyuselwa izimendlel­a uyiswe ePhalamend­e likazwelon­ke, awuboshwa.

Enhlanganw­eni ebusayo kukhohlake­le abazali nezingane zabo i-ANCYL neSasco, ngendlela inkohlakal­o edla lubi ngayo kwi-ANC amalungu ayo aze aqhoshelan­e ngokuthi ubani unamathend­a amangaki hhayi ngokuthi banamajazi amangaki emfundo,” kusho uMalema, wengeza ngokuthi bona kwi-EFF baqhoshela­na ngokuthi ubani unamajazi amangaki.

UMalema uphinde wagxeka uMandela wathi wenza iphutha ngokuthi abeke eqhulwini udaba lokwakhiwa kwezindlu zomxhaso kunemfundo.

Uthe uma abantu befundile bangakwazi ukuzakhela izindlu zabo bangathemb­eli ezindlini zomxhaso.

Uphinde wagxeka nesihlava sokuhlasel­wa kwabokufik­a kuleli esande kakhulu lapha eKZN waxwayisa ngokuthi uma sebehambil­e abokufika kuzoqala impi yobuhlanga.

“Yekani ukuzondana nodwa ningabantu abamnyama, ngoba uma kufika amaNdiya, abamhlophe namashayin­a bezoqala amabhizini­si nibabiza ngabatshal­izimali kodwa abaseAfrik­a nibabiza ngawo wonke amagama nize nibabulale,” kusho uMalema.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema, ekhuluma nabafundi eDUT lapho ebanxuse khona ukuthi bavotele iqembu lakhe ngenyanga ezayo ukuze kushintshe impilo yabo
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema, ekhuluma nabafundi eDUT lapho ebanxuse khona ukuthi bavotele iqembu lakhe ngenyanga ezayo ukuze kushintshe impilo yabo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa