U-bra ongakulingani ungamosha ingqephu
KUTHIWA abesifazane bakukhonzile ukuzinika isikhathi uma beyothenga izingubo, balinganise ukuqinisekisa ukuthi ziyabafanela.
Nokho kokunye ukuzinika isikhathi esanele uma beyothenga ubhodisi.
Ongoti bezemfashini bathi ubhodisi ungakumoshela ingqephu uma ugqoke ongakulingani kahle.
Yize zihlukene izinhlobo zobhodisi, bonke kudingeka babe wusayizi ofanele. Okuba yinselelo kwabanye ukuthi ezinye izitolo azikuvumeli ukulinganiswa kukabhodisi nokuwuphindisela esitolo.
Yingakho kubalulekile ukwazi usayizi okuyiwona. Ngokwewebsite yeReal Simple, ngaphandle kokwazi usayizi kubalulekile nokwazi uhlobo olufanela umzimba wakho. Kuthiwa akuyona yonke inhlobo kabhodisi engafanela noma ngubani ngoba namabele awamile ngokufana.
Kule website kuvela nokuthi uma umuntu engenaso isiqiniseko sikasayizi kabhodisi, kumele
abuze kwabasizayo esitolo.
Ngokujwayelekile izitolo ezidayisa izimpahla zangaphansi zabesifazane, ziba nendlela yokukala abangawazi usayizi kabhodisi. Ukushintsha kukasayizi kabhodisi kungadalwa ukukhuluphala nokushintsha kwama-homornes ashintsha nesimo samabele. Kusetshenziswa i-tape measure ukukala ingxenye okuhamba kuyo ubhodisi. Abanye banezinselelo ngobhodisi abathize, okwenza bangagqoki noma yiluphi uhlobo. Omunye wabo nguNksz Futhi Ngema (34), othe akezwani nenhlobo enocingo ngaphansi. Uthe uncamela inhlobo engenalo ucingo.
“Isikhumba sami siyazwela, okwenza ubhodisi onocingo ungilimaze. Ngisho amabhande kabhodisi ayangilimaza, ngisale nomaka emahlombe. Sengincamela ukugqoka iSports Bra ngoba ithambile futhi iyawabamba kahle amabele,” kusho yena.
Olunye uhlobo lukabhodisi yiPush Up Bra. Lolu hlobo lukhukhumalisa amabele ngisho emancane, abukeke emakhulu. Kukhona nongenawo amabhande obizwa ngeStrapless Bra. UNGAXHUMANA nombhali ku: zanele.mthethwa@inl.co.za nakuFacebook: Zanele MaNyambose
Lona muhle kwabanamabele amancane ukuze ungasindwa ubhodisi. Le nhlobo yinhle uma uzogqoka ingubo engenayo imikhono noma eveza amahlombe.
AbeReal Simple bathi kulula ukubona umuntu ogqoke ubhodisi ongewona usayizi wakhe. Nazi izimpawu zalokho:
Amabele ayaputshuka ngaphandle noma emaceleni kubhodisi.
Amabhande angemuva kukabhodisi, ayenyuka ayofika phezu komhlane.
Ubuhlungu emabeleni nasemgogodleni nakho kuwuphawu lokuthi awugqokile usayizi wakho.
Ukulenga kwamabele angaqoqeki kahle.
Uma ugijima noma ugoba, amabele ayakapaka.