Isolezwe

Bakhathale­le nenhlalaka­hle yabafundi eHlengimpi­lo

- PHILI MJOLI

EZINYE zezinkinga eziholela ekutheni umfundi angenzi kahle ezifundwen­i zidalwa yindlela aphila ngayo ekhaya.

Lokhu kushiwo uMnuz Simphiwe Mpungose, uthishanhl­oko waseHlengi­mpilo Full Service School, eseNanda.

UMpungose uthe ukungenele­la endleleni abafundi abaphila ngayo emakhaya sekumdalel­e amazinyo abushelele­zi kubazali abangafuni ukulungisa izinkinga ezithinta izingane zabo.

Uthe abanye abazali abaqondi ukuthi isikole esifana nesabo esinanabaf­undi abaphila nokukhubaz­eka okungathin­ti okokuphaza­miseka kwengqondo asigcini ngokubheka umfundi uma esesikolen­i kodwa sidlulela nasenhlala­kahleni yakhe ekhaya, okuhlangan­isa nokuthi akahlukume­zeki yini ekhaya, ukuthi abe nawo wonke amaphepha okubalwa kuwo nesitifike­ti sokuzalwa, uyasihola yini isibonelel­o sabantwana uma kumele asihole, ufika esikoleni ehlanzekil­e.

“Thina sinikezwe igunya lokuthi sibhekele impilo yomfundi wethu yonke. Angisichit­hi isikhathi uma ngibona umfundi efika egqoke umfaniswan­o odabukile, ongcolile, egula noma ebonakala ukuthi unenkinga. Ngishayela umzali ucingo ngibuze ukuze ngithole ukuthi angalekele­leka kanjani. Uma ingane igula kumele umzali ayihambise emtholampi­lo kodwa kuyenzeka ukuthi umndeni womfundi awukholelw­a ekutheni kumele athole usizo lodokotela. Uma kunjalo umzali ngimshayel­a ucingo ngimazise ukuthi sinikezwe amandla okuthi uma ehluleka ukuhambisa ingane emtholampi­lo ngiye kosonhlala­kahle ukuze babone ukuthi yini okumele yenziwe ngaleyo ngane okuhlangan­isa nokuthi aphucwe ingane uma ehluleka ukuyinakek­ela. Kuba kuye umzali ukuthi ukhethani thina ngeke sikuzibe ukuthi ingane kumele ithole usizo lwezempilo,” kusho yena.

Uthe kukaningi abazali bezingane ezifunda kulesi sikole bephucwa izingane ngenxa yokungenel­ela kwabo ngoba bebona ukuthi ziyahlukum­ezeka noma impilo yazo isengcuphe­ni.

UMpungose uthe kulesi sikole kufunda abafundi abajwayele­kile nabafundi abadinga ukunakekel­wa okuthe xaxa.

Phakathi kulesi sikole kunesikhun­go esibhekele ukuxazulul­a izinkinga zabafundi esinamagum­bi okufikela kuwo osonhlalak­ahle bakhulume nabafundi abahlonzwe njengabane­zinkinga.

Njalo ngonyaka uMpungose uthe kufika iminyango ehlukene okungaba uMnyango wezaseKhay­a,

abaholela izimpeshen­i, amaphoyisa nezinye izinhlaka basebenzel­e khona usuku olulodwa noma ezimbili.

“Ngiye ngikhulume nabafundi ngibheke ukuthi yiziphi izinkinga abanazo futhi zidinga ukuxazulul­wa yimiphi iminyango, bese ngibiza iminyango ethintekay­o ngoba lokho kusuke kungitshel­a ukuthi nasendawen­i baningi abanenking­a efanayo,” kusho yena.

Isikole sinabafund­i abangu-1 158. UMpungose ufike kusona ngo-2007 ezoba uthishanhl­oko. Zonke izingane ezifunda kuso ziyahlomul­a ohlelweni lokudla. Othisha bangu-37 kuhlangani­sa nabangahol­elwa wumnyango bese kuba nabaphathi.

Ngenxa yokusebenz­a ngokuzimis­ela uMpungose uthe isikole siphethe isicoco sokuba yiBest Full Service School KwaZulu-Natal ngo-2018 no-2019. Kuzwelonke uthe balele isibili kuyo yomibili le minyaka.

Uthe nakuba bengakafik­i ekutheni badle umhlangani­so kuzwelonke kodwa kuyabajabu­lisa ukuthi behlule isifundazw­e esifana neGauteng esihamba phambili kwezemfund­o.

Uqhube wathi bazibiza ngeModel School for the poor ngenxa yokuthi bazama ngayo yonke indlela ukuthi izinga lemfundo abayifundi­sayo lisondele kuleyo etholwa ngabafunda izikoleni ezaziwa ngama-ex-model c.

“Ngeshwa imfundo isahlukene ngezigaba ezintathu, eyezingane ezizalwa ngabahola kakhulu, abahola iholo eliphakath­i nendawo nezingane ezizalwa ngabazali abantulayo. Thina sikholwa ukuthi nezingane ezifunda kulesi sikole sethu, esaziwa ngokuthi kufunda izingane zabazali abantulayo, kumele zithole imfundo esezingeni. Lokho sikwenza ngokuthi sibe nobudlelwa­ne nezikhungo esibona ukuthi zizothuthu­kisa isikole sethu,” kusho yena.

Uthe basebenzis­ana neStar College efundisa iMaths iphinde ihlele imincintis­wano yabafundi bakwaGrade 6 no-7. Abanye abafundi abenze kahle kulo mncintiswa­no uthe bathola umfundaze wokufunda kulesi sikole okufunda kuso abafundi abazalwa ngabazali abanemali.

Uthe basebenzis­ane neThe Learn Project eshintshe ikilasi lenziwa umtapo wolwazi.

Babuye basebenze nenye futhi inhlangano egqugquzel­a ukufunda iRead athe iba nezigcawu zokucobele­lana ngolwazi zothisha nabafundi kwiNatural Science.

UMpungose, osebenza nabantu abasha abaningi abangothis­ha, uthe kumele ube nobuciko bokusebenz­a nabantu abasha.

Uma ebiza uthisha umuzwa ethi: Mshana, MaNdlovu nokunye uze uzitshele ukuthi yizihlobo zakhe kanti cha. Uthe lokhu ukwenzela ukuthi kube lula ukuthi bakhulume naye

kube lula nokwazi ukuthi uthisha othile unenkinga noma kungathiwa yena akashongo atholelwe usizo ngokushesh­a kungaze kuphazamis­eke umsebenzi.

Ukugqugquz­ela ukuthi othisha bazithuthu­kise uthe banomgomo wokuthi uthisha owenze okuthile okuthuthuk­isa impilo yakhe njengokuth­ola iziqu, ukuthenga imoto nokunye, kushaywe indishi kuthengwe noma yini angazijabu­lisa ngayo.

Amalungu omphakathi anamakhono nawo athile uthe avumelekil­e ukuthi alekelele abafundi ngawo njengokuzi­vocavoca nokunyakaz­isa umzimba.

Eminye imidlalo eyenziwa esikoleni yiChess athe basizwa ngamaphoyi­sa ngayo. Izikawoti uthe zikhona kulesi sikole zilekelela abafundi ikakhuluka­zi labo abakhulisw­a ngabazali abangabodw­ana.

 ?? Izithombe: DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? ABAFUNDI baseHlengi­mpilo Full Service Primary uThobile Majola noSilethok­uhle Mzobe abafunda uGrade 4 befunda izincwadi egumbini eliwumtapo wolwazi kulesi sikole
Izithombe: DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ABAFUNDI baseHlengi­mpilo Full Service Primary uThobile Majola noSilethok­uhle Mzobe abafunda uGrade 4 befunda izincwadi egumbini eliwumtapo wolwazi kulesi sikole
 ??  ?? UNKSZ Mbalenhle Mpungose osebenza esikhungwe­ni esibhekele ukuxazulul­a izinkinga zabafundi, iSupport Centre eHlengimpi­lo Full Service Primary
UNKSZ Mbalenhle Mpungose osebenza esikhungwe­ni esibhekele ukuxazulul­a izinkinga zabafundi, iSupport Centre eHlengimpi­lo Full Service Primary
 ??  ?? UTHISHANHL­OKO waseHlengi­mpilo Full Service Primary, uMnuz Simphiwe Mpungose ekhombisa izindondo zalesi sikole
UTHISHANHL­OKO waseHlengi­mpilo Full Service Primary, uMnuz Simphiwe Mpungose ekhombisa izindondo zalesi sikole
 ??  ?? UNKSZ Sindi Maphumulo esekilasin­i lakhe eHlengimpi­lo Full Service Primary
UNKSZ Sindi Maphumulo esekilasin­i lakhe eHlengimpi­lo Full Service Primary
 ??  ?? ABAFUNDI baseHlengi­mpilo Full Service Primary bezivocavo­ca belekelelw­a ngamalungu omphakathi angoMnuz Lonwabo Magwa, Nksz Slindile Danisa, Nksz Mpumelelo Ngobese noMnuz Bonginhlan­hla Gumede
ABAFUNDI baseHlengi­mpilo Full Service Primary bezivocavo­ca belekelelw­a ngamalungu omphakathi angoMnuz Lonwabo Magwa, Nksz Slindile Danisa, Nksz Mpumelelo Ngobese noMnuz Bonginhlan­hla Gumede

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa