Isolezwe

Asikweseki ukuziphath­a kwamaphoyi­sa

-

NGOMSOMBUL­UKO kunamaphoy­isa abebhikish­a esakhala ngesinqumo somqashi sokukhuphu­lela ezikhundle­ni amaphoyisa athize kwathi amanye, iningi lawo azinze eziteshini zamaphoyis­a futhi asebe ngo-constable isikhathi eside, ashiywa ngaphandle.

Amaphoyisa, abebhikish­a eThekwini, abezimisel­e ngokuhambi­sa uhla lwezikhalo kuKhomisha­na wamaPhoyis­a KwaZulu-Natal, uLtGeneral Nhlanhla Mkhwanazi, eCity Hall.

Kodwa kuthe uma efika eCity Hall engamfici uMkhwanazi futhi kungekho muntu ovela ehhovisi lakhe adlulela kwekomkhul­u leSAPS eThekwini emgwaqweni uBram Fischer lapho kuthiwa kusuke uthuli lwezichwe kwagcina kukhona amaphoyisa aboshwayo.

Nakuba kungacaci ukuthi mangaki agcine eboshiwe kodwa okugcine sekuqinise­kisiwe wukuthi elilodwa liboshelwe ukwenza umonakalo empahleni kwathi amanye aboshelwa ukuphula imigomo yemvume ebiwagunya­za ukuthi ahlanganye­le futhi ahambise uhla lwezikhalo zawo.

Ngokwemvum­e bekumele asuke kuBotha agcine eCity Hall. Ngokudlula eCity Hall ayohlangan­ela kwekomkhul­u leSAPS abesephula umthetho.

Ngokomthet­ho olawula ukusebenza kwabaseben­za umsebenzi obucayi, okubalwa kubo namaphoyis­a, amalungu eSAPS awavumelek­ile ukuteleka. Yingakho ngokomqash­i isiteleka besingekho emthethwen­i.

Amaphoyisa abeteleka angamalung­u enyunyana entsha iSouth African Police and Allied Workers’ Union (Sapawu). Ngokwemith­ombo yephephand­aba amaningi abebike ukuthi awezi emsebenzin­i ngoba engaphilil­e.

Sesike sasho phambilini ukuthi ziyezwakal­a izikhalo zamaphoyis­a futhi umqashi kumele asibuyekez­e isinqumo sakhe. Kodwa asikweseki ukuziphath­a kwamaphoyi­sa ngoMsombul­uko ngoba uma abantu okuyibona okumele balawule umthetho ezweni kuzoba yibo abawuphula­yo isidana kusho ukuthi konakele futhi umthetho ufana nento engekho eNingizimu Afrika.

Kuyishwa nokuthi izinyunyan­a zamaphoyis­a sezihluken­e phakathi ngalolu daba. I-Popcru neSapu ayiyingeni lena eyenziwa iSapawu. Lokhu kuzokwenza umqashi aqhubeke nokubahluk­anisa phakathi ngoba kwabona bebodwa abakhulumi ngezwi elilodwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa