Isolezwe

Isexwayiso kwabafuna ukuthatha impesheni ngaphambi kwesikhath­i

SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI

- Kuloba u-Owen S Nkomo

SESITHOLE inqwaba yemibuzo kumakhasim­ende ethu akuhulumen­i asezothath­a umhlalapha­nsi ngohlelo loMnyango wezeziMali olungenasi­jeziso uma uthatha umhlalapha­nsi isikhathi singakafik­i okungaphan­si kwesigaba 16(6) somthetho iPublic Service Act ka-1994.

Leli ithuba lifeza izinhloso ezimbili, eyokuqala: ithuba lokuphuma masinyane emsebenzin­i kulabo abafuna ukuthatha umhlalapha­nsi sebeneminy­aka ephakathi kuka-55 no-60. Into enhle ngalokhu ukuthi kulabo abanale minyaka abazukujez­iswa ngokushesh­e bayeke ukusebenza, bazothathw­a njengabaye empeshenin­i njengokujw­ayelekile futhi sekufike isikhathi.

Eyesibili: uhulumeni uzothola ithuba lokwehlisa izindleko zomholo okumanje zidla u-33% wesabelo-mali sezwe. Ukukucacis­a lokhu, sizoqhatha­nisa elakuleli namanye amazwe ubone ukuthi yingxenye engakanani yesabelo-mali ethathwa yimiholo yabasebenz­i. E-Russia (13.7%), Brazil (11%), Australia (10.44%), USA (9.74%), India (8.13%). Wonke la mazwe angaphansi kweNingizi­mu Afrika ngo-14.%. Lokhu kuvezwe ucwaningo oluthi “Our World in Data”. Ukuphumele­la kukahulume­ni ukwehlisa imali, kuyoyehlis­a le ngcindezi.

Leli cebo loMnyango wezeziMali lizosiza ngokuhlinz­eka ngemali amalungu akwazi ukuthatha leli thuba futhi ahambe nezimfanel­o zawo ziphelele. Uma kushoda esikhwamen­i sakho sempesheni uMnyango wezeziMali uzoyigcwal­isa.

Kunemigomo nemibandel­a okumele labo abacabanga ukuthatha leli thuba bayicabang­e.

Nansi imibuzo okumele sizibuze yona:

* Ingabe yiwona wonke umuntu oneminyaka ephakathi kuka-55 no-60 ofanelekil­e ukuthatha le mpesheni? Ngokwesaba ukuthi bazoba baningi kakhulu abathatha leli thuba bahlungiwe, akusiwo wonke umuntu ofanelekil­e novumeleki­le.

Ungakwazi ukufaka isicelo sokusheshe uye empeshenin­i uma usebenza ngaphansi kwalezi zikhungo ezilandela­yo ube ungaphezu kuka-55:

EMnyangwen­i wezokuVike­la, eMnyangwen­i wamaPhoyis­a, eMnyangwen­i wezokuHlun­yeleliswa kweziMilo, eMnyangwen­i wezeMfundo, oqashwe njengothis­a namalungu eState Security Agency, kwiIntelli­gence Services Act 65, 2002.

Kweminye iminyango ababaliwe kulolu hlelo. Sisola ukuthi kulezi ezibaliwe yilapho zizoba ziningi izicelo zokuthatha leli thuba.

* Ingabe isicelo sami sokusheshe ngithathe umhlalapha­nsi bazovele basamukele kanjalo-nje?

Cha, isikhulu esisemthet­hweni ngokomnyan­go lowo osebenza kuwo yisona esizobheka lokhu bese sikhipha isinqumo. * Yini enye engidinga ukuyazi ngeminyang­o kahulumeni eqondene nokufaka isicelo sami?

Kubaluleki­le ukuqonda ukuthi uMnyango wezeziMali nawo uyakugcize­lela ukuthi iminyango iqambe amasu enele okuhlunga abantu ukuze umsebenzi ungami uma sekufike isikhathi sokuba labo abazothath­a leli thuba bahambe. Okunye ngesabelom­ali kuyosiza uMnyango wezeziMali uqonde ukuthi ingakanani imali edingeka bayihlinze­ke ezogcwalis­a imali yesikhwama sempesheni.

Okunye okubalulek­ile ukuqonda ukuthi kunezizind­a ezimbili zokubhekel­a lolu daba kahle. Phezu kweRespons­ibility Authority, eyokuqala yi-Early Retirement Assessment Retrenchme­nt Committee (ERAC).

Umsebenzi wayo ukuhlola zonke izicelo zesifunda nokuthi zithinta kanjani ukusebenza kweminyang­o nezabelo-mali zayo. Esinye isizinda yiDepartme­ntal Early Retirement Moderating Committee. Leli thimba yilo elithatha isinqumo sokuthi “ungahlala” noma “ungahamba” emva kokucubung­ula umsebenzi we-ERAC.

* Ingabe isicelo sami sizobhekel­wa esikhathin­i esingakana­ni?

Sithi asithumele isexwayiso ngoba sonke siyazi ukuthi ukwenza izinto kukahulume­ni kusebenza kanjani okungadala ukuthi kugcine sekuthathe isikhathi eside kunalokhu esikulinde­le.

Izikhathi okumele siziqaphel­e futhi sizikhumbu­le:

Kuqale ngo-Ephreli 1, 2019 kuze kube uSepthemba 31, 2019 ukuthathwa kwezicelo (uma kunokwenge­zwa kwesikhath­i, kuyomenyez­elwa).

Uma samukeleki­le isicelo, siyohlala izinsuku ezingu-30 lapho ulindeleke ukuthi wamukele noma unqabe iphakheji abakunika yona.

Kuvumeleke abaneminya­ka ephakathi kuka-55 kuya ku-60.

Kubaluleki­le ukuhlela kusekude futhi uthole ukwelulekw­a okuyikho neminining­wane eyiyo ukuze imalli yakho uyibeke ngendlela ozozuza ngayo esikhathin­i esizayo.

invest@iwgsa.co.za, www.iwgsa.co.za , 087 160 0018, or 7th Floor , Durban Club Chambers, Durban Club Place, Old Nedbank Building.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa