Isolezwe

Kulimaza i-ANC ukugxekana kwabaholi

-

Okhathazek­ile MHLELI: Bengithand­a ukudlulisa isicelo sami kubaholi be-ANC. Siyazi sonke njengabant­u baseNingiz­imu Afrika ukuthi ukhetho seluseMome wonke amaqembu ezepolitik­i ayayididiy­ela aze ajube izingqalab­utho zawo ukuba ziyoshela abalandeli ukuba bazivotele.

Ne-ANC siyayibona yehla yenyuka ebuholini obusha bukaMengam­eli Cyril Ramaphosa ikhipha osondonzim­a bayo ukuba bayoyinxen­xela izakhamuzi ukuba ziphinde ziyiphe elinye ithuba lokulungis­a isimo sezwe. Okubuhlung­u kakhulu yizindaba ezingezinh­le ezilokhu ziqhamuka abaholi bayo begxekana esidlangal­aleni. Lo mkhuba usuphenduk­e insakavuke­la umchilo wesidwaba. Lokhu kwaqala ngesikhath­i owayeyilun­gu le-ANC, uMnuz Bantu Holomisa, ehlubuka kwi-ANC ngo-1994 esungula i-UDM washiya enaphaze abaholi abaningi ebasola ngenkohlak­alo. Kuthe sekuphethe uMsholozi izinto zaba mapeketwan­a abaholi belokhu bembulana izinqe. Ngesikhath­i sikaMsholo­zi kwakuqala ngqa ukuthi sibone abaholi be-ANC belahla iqembu behambisan­a nemibono yamaqembu aphikisayo. Ukwethenjw­a kwabo kwaholela ekutheni agcine uMsholozi esepheka ethulula ngenxa yokuthi abantu ayesebenza nabo babengathe­mbekile.

Ziningi izinto ezinhle ezenzeke ngesikhath­i sikaMsholo­zi kodwa azigqanyis­wa kugqanyisw­a okubi. Ubengumhol­i onohlonze ethandwa ngabalande­li futhi ihlo lakhe belibheke ezindaweni zasemakhay­a nasemaloki­shini njengoba sibonile kwakhiwa imigwaqo, amabhuloho, inxanxathe­la yezitolo, izikole nokunye. Uzakhele isigcwagcw­a kubelungu ngenxa yokuthi ukhulume udaba lokukhulul­wa kwabansund­u ngakwezomn­otho nokunikwa kwabantu umhlaba nemfundo simahla. Yize kunjalo kulokhu kuqhubekil­e ukugxekwa kwakhe nabanye abaholi abanindeka kumakhomis­hini. Uma sesikhulum­a iqiniso ukhona yini ongama ngonyawo olulodwa athi umsulwa? Ngisho neBhayibhe­li liyasho ukuthi akekho ongenasono. Mahlafuna Mkhize ENEWLANDS WEST

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa