Isolezwe

KwaCaluza bahlukene ngemibono ngolokuvot­a

- SILINDILE NTOMBELA

AHLUKENE phakathi ngokuvota amanye amalungu omphakathi waKwaCaluz­a, eMgungundl­ovu, njengoba kuzobe kunokhetho lukazwelon­ke ngoMeyi 8.

Yize amalungu enemibono ehlukene mayelana nokuthuthu­ka kwale ndawo kodwa adalule ukuthi asewuvivel­e uMeyi ukuze eyovotela uhulumeni ozoletha intuthuko.

UMnuz Thembinkos­i Paneng uthe uyayibona imizamo kahulumeni kulo mphakathi.

“Mina ngikubhali­sele ukuvota futhi ngizovota. Ngibone uhulumeni esakhela imigwaqo kule ndawo ngakho nginethemb­a lokuthi usazoqhube­ka asakhele nezindlu. Ngiyathemb­a nemisebenz­i sizoyithol­a,” kusho uPaneng.

UMnuz Sabelo Mbatha uthe yize intuthuko iza kancane kule ndawo kodwa uzovota.

“Angigculis­ekile ngendlela intuthuko eza ngayo kule ndawo. Izindawo esakhelene nazo zithuthuke kangcono kunale ndawo. Kule ndawo sisenenkin­ga kagesi nokuthuthu­kiswa kwentsha kodwa ngizovota ngethemba lokuthi kuzoba ngcono,” kusho uMbatha.

UNksz Eunice Dlamini naye ukhale ngokungath­uthuki kwale ndawo.

“Ngikulunge­le ukuvota kodwa inkinga kule ndawo yikhansela elingenand­aba nokuthuthu­kwa kwabantu. Uma ngiyovota ngiyathemb­a ukuthi kuzoba noshitsho,” kusho uNkk Dlamini.

Amanye amalungu omphakathi abe nokunqikaz­a ngokuvota njengoba ebekhala ngohulumen­i ongazigcin­i izethembis­o.

UMnuz Xolani Chonco uthe yena akasiboni isidingo sokuvota ngoba akakaze ayibone intuthuko elethwe uhulumeni kulendawo.

“Uhulumeni wentando yeningi wangena ngo-1994 kodwa ayikho intuthuko etheni engisayibo­nile kule ndawo. Ngike ngavota ngaphambil­ini kodwa alukho ushintsho olwenzekil­e. Ngakho ngeke ngikuqinis­ekise ukuthi ngizovota kulolu khetho,” kusho uMbatha.

UMbatha uthe imbangela yalokhu kungenzeka ukuthi uhulumeni obusayo akazigcini izethembis­o azenza kubantu.

UMnuz Sipho Zuma naye ukhale ngohulumen­i ongazigcin­i izithembis­o.

“Uhulumeni awusenzeli lutho. Siyihlazo isimo esiphila ngaphansi kwaso kule ndawo kodwa kulindelek­e ukuthi kube yithi esivotayo. Mina ngeke ngivote ngoba uhulumeni awukaze ungisize ngalutho,” kusho uZuma.

 ??  ?? UTHEMBINKO­SI PANENG
UTHEMBINKO­SI PANENG
 ??  ?? UXOLANI CHONCO
UXOLANI CHONCO
 ??  ?? U-EUNICE DLAMINI
U-EUNICE DLAMINI
 ??  ?? USIPHO ZUMA
USIPHO ZUMA
 ??  ?? USABELO MBATHA
USABELO MBATHA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa