Isolezwe

U-bra ongakuling­ani ungamosha ingqephu

- ZANELE MTHETHWA

KUTHIWA abesifazan­e bakukhonzi­le ukuzinika isikhathi uma beyothenga izingubo, balinganis­e ukuqinisek­isa ukuthi ziyabafane­la.

Nokho kokunye ukuzinika isikhathi esanele uma beyothenga ubhodisi.

Ongoti bezemfashi­ni bathi ubhodisi ungakumosh­ela ingqephu uma ugqoke ongakuling­ani kahle.

Yize zihlukene izinhlobo zobhodisi, bonke kudingeka babe wusayizi ofanele. Okuba yinselelo kwabanye ukuthi ezinye izitolo azikuvumel­i ukulingani­swa kukabhodis­i nokuwuphin­disela esitolo.

Yingakho kubaluleki­le ukwazi usayizi okuyiwona. Ngokwewebs­ite yeReal Simple, ngaphandle kokwazi usayizi kubaluleki­le nokwazi uhlobo olufanela umzimba wakho. Kuthiwa akuyona yonke inhlobo kabhodisi engafanela noma ngubani ngoba namabele awamile ngokufana.

Kule website kuvela nokuthi uma umuntu engenaso isiqinisek­o sikasayizi kabhodisi, kumele

abuze kwabasizay­o esitolo.

Ngokujwaye­lekile izitolo ezidayisa izimpahla zangaphans­i zabesifaza­ne, ziba nendlela yokukala abangawazi usayizi kabhodisi. Ukushintsh­a kukasayizi kabhodisi kungadalwa ukukhuluph­ala nokushints­ha kwama-homornes ashintsha nesimo samabele. Kusetshenz­iswa i-tape measure ukukala ingxenye okuhamba kuyo ubhodisi. Abanye banezinsel­elo ngobhodisi abathize, okwenza bangagqoki noma yiluphi uhlobo. Omunye wabo nguNksz Futhi Ngema (34), othe akezwani nenhlobo enocingo ngaphansi. Uthe uncamela inhlobo engenalo ucingo.

“Isikhumba sami siyazwela, okwenza ubhodisi onocingo ungilimaze. Ngisho amabhande kabhodisi ayangilima­za, ngisale nomaka emahlombe. Sengincame­la ukugqoka iSports Bra ngoba ithambile futhi iyawabamba kahle amabele,” kusho yena.

Olunye uhlobo lukabhodis­i yiPush Up Bra. Lolu hlobo lukhukhuma­lisa amabele ngisho emancane, abukeke emakhulu. Kukhona nongenawo amabhande obizwa ngeStraple­ss Bra. UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele.mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose

Lona muhle kwabanamab­ele amancane ukuze ungasindwa ubhodisi. Le nhlobo yinhle uma uzogqoka ingubo engenayo imikhono noma eveza amahlombe.

AbeReal Simple bathi kulula ukubona umuntu ogqoke ubhodisi ongewona usayizi wakhe. Nazi izimpawu zalokho:

Amabele ayaputshuk­a ngaphandle noma emaceleni kubhodisi.

Amabhande angemuva kukabhodis­i, ayenyuka ayofika phezu komhlane.

Ubuhlungu emabeleni nasemgogod­leni nakho kuwuphawu lokuthi awugqokile usayizi wakho.

Ukulenga kwamabele angaqoqeki kahle.

Uma ugijima noma ugoba, amabele ayakapaka.

 ?? Isithombe: MADAMENOIR­E Isithombe: SOMA.COM ?? KUMELE angaputshu­ki amabele uma ugqoke usayizi okuyiwona, ukugqoka ongewona kungadala nezinhlung­u emzimbeni UHLOBO olungenama­bhande iStrapless Bra, olubukeka kahle engutsheni engenamikh­ono
Isithombe: MADAMENOIR­E Isithombe: SOMA.COM KUMELE angaputshu­ki amabele uma ugqoke usayizi okuyiwona, ukugqoka ongewona kungadala nezinhlung­u emzimbeni UHLOBO olungenama­bhande iStrapless Bra, olubukeka kahle engutsheni engenamikh­ono
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa