Bakhathalele nenhlalakahle yabafundi eHlengimpilo
EZINYE zezinkinga eziholela ekutheni umfundi angenzi kahle ezifundweni zidalwa yindlela aphila ngayo ekhaya.
Lokhu kushiwo uMnuz Simphiwe Mpungose, uthishanhloko waseHlengimpilo Full Service School, eseNanda.
UMpungose uthe ukungenelela endleleni abafundi abaphila ngayo emakhaya sekumdalele amazinyo abushelelezi kubazali abangafuni ukulungisa izinkinga ezithinta izingane zabo.
Uthe abanye abazali abaqondi ukuthi isikole esifana nesabo esinanabafundi abaphila nokukhubazeka okungathinti okokuphazamiseka kwengqondo asigcini ngokubheka umfundi uma esesikoleni kodwa sidlulela nasenhlalakahleni yakhe ekhaya, okuhlanganisa nokuthi akahlukumezeki yini ekhaya, ukuthi abe nawo wonke amaphepha okubalwa kuwo nesitifiketi sokuzalwa, uyasihola yini isibonelelo sabantwana uma kumele asihole, ufika esikoleni ehlanzekile.
“Thina sinikezwe igunya lokuthi sibhekele impilo yomfundi wethu yonke. Angisichithi isikhathi uma ngibona umfundi efika egqoke umfaniswano odabukile, ongcolile, egula noma ebonakala ukuthi unenkinga. Ngishayela umzali ucingo ngibuze ukuze ngithole ukuthi angalekeleleka kanjani. Uma ingane igula kumele umzali ayihambise emtholampilo kodwa kuyenzeka ukuthi umndeni womfundi awukholelwa ekutheni kumele athole usizo lodokotela. Uma kunjalo umzali ngimshayela ucingo ngimazise ukuthi sinikezwe amandla okuthi uma ehluleka ukuhambisa ingane emtholampilo ngiye kosonhlalakahle ukuze babone ukuthi yini okumele yenziwe ngaleyo ngane okuhlanganisa nokuthi aphucwe ingane uma ehluleka ukuyinakekela. Kuba kuye umzali ukuthi ukhethani thina ngeke sikuzibe ukuthi ingane kumele ithole usizo lwezempilo,” kusho yena.
Uthe kukaningi abazali bezingane ezifunda kulesi sikole bephucwa izingane ngenxa yokungenelela kwabo ngoba bebona ukuthi ziyahlukumezeka noma impilo yazo isengcupheni.
UMpungose uthe kulesi sikole kufunda abafundi abajwayelekile nabafundi abadinga ukunakekelwa okuthe xaxa.
Phakathi kulesi sikole kunesikhungo esibhekele ukuxazulula izinkinga zabafundi esinamagumbi okufikela kuwo osonhlalakahle bakhulume nabafundi abahlonzwe njengabanezinkinga.
Njalo ngonyaka uMpungose uthe kufika iminyango ehlukene okungaba uMnyango wezaseKhaya,
abaholela izimpesheni, amaphoyisa nezinye izinhlaka basebenzele khona usuku olulodwa noma ezimbili.
“Ngiye ngikhulume nabafundi ngibheke ukuthi yiziphi izinkinga abanazo futhi zidinga ukuxazululwa yimiphi iminyango, bese ngibiza iminyango ethintekayo ngoba lokho kusuke kungitshela ukuthi nasendaweni baningi abanenkinga efanayo,” kusho yena.
Isikole sinabafundi abangu-1 158. UMpungose ufike kusona ngo-2007 ezoba uthishanhloko. Zonke izingane ezifunda kuso ziyahlomula ohlelweni lokudla. Othisha bangu-37 kuhlanganisa nabangaholelwa wumnyango bese kuba nabaphathi.
Ngenxa yokusebenza ngokuzimisela uMpungose uthe isikole siphethe isicoco sokuba yiBest Full Service School KwaZulu-Natal ngo-2018 no-2019. Kuzwelonke uthe balele isibili kuyo yomibili le minyaka.
Uthe nakuba bengakafiki ekutheni badle umhlanganiso kuzwelonke kodwa kuyabajabulisa ukuthi behlule isifundazwe esifana neGauteng esihamba phambili kwezemfundo.
Uqhube wathi bazibiza ngeModel School for the poor ngenxa yokuthi bazama ngayo yonke indlela ukuthi izinga lemfundo abayifundisayo lisondele kuleyo etholwa ngabafunda izikoleni ezaziwa ngama-ex-model c.
“Ngeshwa imfundo isahlukene ngezigaba ezintathu, eyezingane ezizalwa ngabahola kakhulu, abahola iholo eliphakathi nendawo nezingane ezizalwa ngabazali abantulayo. Thina sikholwa ukuthi nezingane ezifunda kulesi sikole sethu, esaziwa ngokuthi kufunda izingane zabazali abantulayo, kumele zithole imfundo esezingeni. Lokho sikwenza ngokuthi sibe nobudlelwane nezikhungo esibona ukuthi zizothuthukisa isikole sethu,” kusho yena.
Uthe basebenzisana neStar College efundisa iMaths iphinde ihlele imincintiswano yabafundi bakwaGrade 6 no-7. Abanye abafundi abenze kahle kulo mncintiswano uthe bathola umfundaze wokufunda kulesi sikole okufunda kuso abafundi abazalwa ngabazali abanemali.
Uthe basebenzisane neThe Learn Project eshintshe ikilasi lenziwa umtapo wolwazi.
Babuye basebenze nenye futhi inhlangano egqugquzela ukufunda iRead athe iba nezigcawu zokucobelelana ngolwazi zothisha nabafundi kwiNatural Science.
UMpungose, osebenza nabantu abasha abaningi abangothisha, uthe kumele ube nobuciko bokusebenza nabantu abasha.
Uma ebiza uthisha umuzwa ethi: Mshana, MaNdlovu nokunye uze uzitshele ukuthi yizihlobo zakhe kanti cha. Uthe lokhu ukwenzela ukuthi kube lula ukuthi bakhulume naye
kube lula nokwazi ukuthi uthisha othile unenkinga noma kungathiwa yena akashongo atholelwe usizo ngokushesha kungaze kuphazamiseke umsebenzi.
Ukugqugquzela ukuthi othisha bazithuthukise uthe banomgomo wokuthi uthisha owenze okuthile okuthuthukisa impilo yakhe njengokuthola iziqu, ukuthenga imoto nokunye, kushaywe indishi kuthengwe noma yini angazijabulisa ngayo.
Amalungu omphakathi anamakhono nawo athile uthe avumelekile ukuthi alekelele abafundi ngawo njengokuzivocavoca nokunyakazisa umzimba.
Eminye imidlalo eyenziwa esikoleni yiChess athe basizwa ngamaphoyisa ngayo. Izikawoti uthe zikhona kulesi sikole zilekelela abafundi ikakhulukazi labo abakhuliswa ngabazali abangabodwana.