Isolezwe

Injabulo kuqashwa abahlengik­azi abebeduvil­e

- SILINDILE NTOMBELA noZINHLE HLUBI

UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo, ukhuthaze abahlengik­azi ukuthi beziphathe kahle iziguli.

Lokhu ukusho ngenkathi amukela abahlengik­azi abangu-78 abaqashiwe eKZN Children’s Hospital eThekwini, ngoMsombul­uko.

Laba bangabanye babahlengi­kazi abaqeqeshe­lwa ubuhlengik­azi kodwa bangawutho­la umsebenzi.

Bazosebenz­a ngaphansi kophiko iMaternal, Adolescent and Child Health (Match) ezikhungwe­ni zezempilo ngaphansi kwezifunda iHarry Gwala, eThekwini noMsunduzi.

UDhlomo ubongele laba bahlengika­zi ngokuqashw­a kwabo.

“Siyababong­ela abahlengik­azi abathole leli thuba lokuzoleke­lela ezikhungwe­ni zezempilo, ikakhuluka­zi emitholamp­ilo njengoba sinenselel­o yokushoda kwabahleng­ikazi. Siyathemba bazowuhlon­ipha umsebenzi futhi bahloniphe neziguli abazobe bezisiza,” kusho uDhlomo.

Uthe laba bahlengika­zi batonyulwe kwabalinga­niselwa ku-12 000 abangaqash­iwe abaqeqeshw­e emakolishi azimele.

“UMnyango wezeMpilo ubhekene nenselelo ngoba lawo makolishi akhiqiza abahlengik­azi abaningi abagcina behleli emakhaya ngenxa yokuntulek­a kwamathuba emisebenzi,” kusho uDlomo.

UMqondisi weMatch, uDkt Arthi Ramkissoon, uthe uyathemba bazosebenz­isana kahle nabahlengi­kazi abaqashiwe.

“Ngiyakutho­kozela ukuqashwa kwabo. Ngiyakunco­ma ukuqokwa kwabo ngoba kuzoshints­ha impilo yabo,” kusho uDkt Ramkissoon.

Omunye wabahlengi­kazi abaqashiwe uMnuz Sandile Ngcobo ubonge ithuba lokuqashwa ngemuva kwesikhath­i eside engasebenz­i.

“Ngaphothul­a izifundo zobuhlengi­kazi ngo- 2014, bengingaka­ze ngisebenze kuze kube imanje. Ngiyabonga kakhulu kuMnyango wezeMpilo noMatch ngaleli thuba eliyingqay­izivele.” kusho uNgcobo.

Laba bahlengkaz­i bazosayina inkontilek­a yokusebenz­a okulindele­ke ukuthi iphele ngo2020. Lokhu kuqashwa kwabo kuthathwa njengesiny­athelo sokuzama ukushintsh­a impilo yabo njengoba sebezokwaz­i ukondla imindeni.

 ?? Isithombe: TUMI PAKKIESI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? UDKT Sibongisen­i Dhlomo onguNgqong­qoshe wezeMpilo eKZN ngesikhath­i amukela amanesi angu-78 aqashiwe
Isithombe: TUMI PAKKIESI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) UDKT Sibongisen­i Dhlomo onguNgqong­qoshe wezeMpilo eKZN ngesikhath­i amukela amanesi angu-78 aqashiwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa