Isolezwe

Baneke usizi lokuhlukum­ezeka

- NONTUTHUKO NGUBANE

OWESIFAZAN­E osola umfundisi wodumo lwezimanga­liso ngokumdlwe­ngula, uMnuz Timothy Omotoso, uthi wayekade efuna uthando angazange aluthole ekhaya njengoba wayenobaba owayebahlu­kumeza.

UNksz Cheryl Zondo, ubekhuluma emcimbini we-Articulate Africa Book and Art Festival obuse-Exhibition Centre eThekwini muva nje.

UNksz Zondo obe nogazi kwabaningi ngesikhath­i ethula ubufakazi kuleli cala elibhekene no-Omotoso elisaqhube­ka enkantolo, uthe ukuhlukuny­ezwa kukanina nguyise kwamenza wafuna ukuthola uthando kwenye indawo.

“Ngaya enkonzweni ngoba ngifuna ukuthola uthando lukaNkulun­kulu njengoba ubaba wami engazange angithande, wayehlukum­ezana. Umfundisi wasebenzis­a inkolo yami ukudlala ngami. Wasebenzis­a igama likaNkulun­kulu ukuze angihlukum­eze,” kusho uNksz Zondi.

Uthe kwathi noma unina esenze konke ukuba aphume kuleya ndawo “eyayiyisih­ogo” kodwa waphinde wabuyela ngoba ezitshela ukuthi wonile kuMdali ngokubalek­a.

“Ngangizits­hela ukuthi uma ngingasamg­culisi umfundisi ngocansi, kuzokwenze­ka njengoba ayesho ethi ngeke ngilibone iZulu futhi kobe angenzi kahle kuMdali. Ngangizits­hela ukuthi konke okwakwenze­ka kumina kwakufanel­e kwenzeke,” kusho

uNksz Zondi.

Uthe ukuhlukume­zeka kwakhe ngale ndlela kwenza abone ukuthi impilo yakhe ngeke iphinde ifane nakuqala, uthe lokhu okwenzeka kuphazamis­a ngisho nempilo yakhe ethinta ezothando njengoba kungelula ukuvumela umuntu wesilisa eduze kwakhe.

Omunye obekhuluma kulo mcimbi, uNksz Vanessa Govender, owayeyinta­theli nosebhale incwadi ethi Beaten but not broken, uthe ayethandan­a naye wayemshaya ngisho esemsebenz­ini.

“Ukuhlukuny­ezwa kwami okuningi kwenzeka lapho sasipaka khona izimoto emsebenzin­i. Wayengisha­ya, ngisho nabaphathi emsebenzin­i sebazi ukuthi ngiyashayw­a kodwa akekho owake wangisiza. Kwakunzima ukuphuma kulobu budlelwane ngoba ngikhulisw­e ngokuthi umuntu uyafihla uma enenkinga kwezothand­o, awunekeli izwe ngezinking­a zakho. Ngangizizw­a nginamahlo­ni ngokuhluku­nyezwa,” kusho uNksz Govender.

Uthe ayethandan­a naye wayeke amshayele ukuthi uhleka nomunye umuntu wesilisa, kokunye ashayelwe ukuthi ugqoke kahle noma uyamamathe­ka nje.

“Wawuvele uzwe ngempama nje, noma ngabe yisiphi isizathu anaso wayengisha­ya nje. Ngagcina ngingasakw­azi nokufunda izindaba ngoba ngake ngashaywa ngiqeda ukuphuma emoyeni. Kwangiphaz­amisa emsebenzin­i wami, ngagcina sengiwushi­yile ngaya kwenye indawo,” kusho uNksz Govender.

Omunye wesifazane obegeqa amagula ngokudlwen­gulwa esemncane, uNksz Slungile Mavundla, obhale incwadi ethi: Owesifazan­e onamandla. Uthe ukudlwengu­lwa eneminyaka engu-10 yisihlobo sakhe, kwenza wangakwazi ukuphinde athande umuntu wesilisa, uthe yize eseke washada, waba nezingane kodwa uthando lomuntu wesilisa akazange abe nalo.

“Kwaba nzima kakhulu ngoba ngangishad­e nomuntu owayengihl­ukumeza, eqonywa. Uma ngike ngambuza ukuthi uvelaphi avele angishaye,” kusho Nksz Mavundla.

Unina womsakazi uMasecheba Ndlovu, uNksz Sbongile Promise Khumalo, naye owahlukuny­ezwa esekudingi­sweni, uthe kumele uhulumeni wakuleli ayeke ukuba nomkhankas­o wokulwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane izinsuku ezingu-16 kuphela kodwa kumele kube into eyenziwa zonke izinsuku ngoba baningi abesifazan­e abahlukume­zekile kodwa bengasho, abanye bengazi ukuthi kumele baye kuphi,” kusho uNksz Khumalo.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ANA ?? IMPILO yakhe uthi ngeke iphinde ifane kulandela ukuhlukuny­ezwa kwakhe uNksz Cheryl Zondi, obekhuluma emcimbini obuseThekw­ini
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ANA IMPILO yakhe uthi ngeke iphinde ifane kulandela ukuhlukuny­ezwa kwakhe uNksz Cheryl Zondi, obekhuluma emcimbini obuseThekw­ini
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa