Isolezwe

‘Abantu bathanda ukugxila kokungekuh­le’

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weBafana Bafana, uStuart Baxter, ukhombisa izimpawu zokuqinisa ikhanda kwabamhlab­a ngendlela iqembu elidlala ngayo.

UBaxter umile kwelokuthi abathandi bebhola kuleli nezinkakha zalo kumele bakhethe phakathi kweqembu lesizwe elidlala kahle noma eliwina lidlala noma yikanjani.

UBaxter, ongayanga e-Egypt ngeledlule lapho kuqhathwe khona amaqoqo ngenxa yokugula okungathen­i, ubelibuka kwithelevi­shini iqembu lakhe lifakwa ku-Group D we-Africa Cup of Nations (Afcon) namazwe amabili aseke asidla lesi sicoco, i-Ivory Coast neMorocco, nomakhelwa­ne abafika okokuqala kweyamanqa­mu, iNamibia.

I-Afcon izodlalelw­a ezinkundle­ni eziyisithu­pha ezehlukene emadolobhe­ni amane e-Egypt kusukela ngoJuni 21 kuya kuJulayi 19.

UBaxter, othathe umsebenzi ngoMeyi 2017, uzobe eya okokuqala kweyamanqa­mu ye-Afcon. Nakuba eqala kodwa ukhombisa izimpawu zokuzethem­ba njengoba echaze leli qoqo njengelinz­ima uma ulibuka ukude kodwa lilula uma uzokucaban­ga konke ofuna ukukwenza ngalo.

Okunye akucacisil­e uBaxter wukuthi abantu kumele bafunde ukwenelise­ka ngoba kunezikhat­hi lapho kuphoqa khona ukuthi ungadlali ibhola elihle ukuze udlulele phambili emqhudelwa­neni.

“Kufanele ngabe kutuswa iBafana ngokuqeda imidlalo yokuhlunga ingayazi induku kodwa abantu bahleli emphumelen­i esiwuthole ekuhambeni sidlala neSeychell­es. Yebo kusiphathe kabi sonke lokho kodwa asizange sihlulwe kweyokuhlu­nga.

“Konke lokhu kuhle uma uzokunaka futhi ukuthi kuhambisan­a nokufakwa kwabadlali abaningi abayikusas­a leqembu. Abantu bathanda ukugxila kulokhu okungekuhl­e baze bavaleke amehlo ngisho iqembu selenza kahle,” kusho uBaxter.

Kuningi uBaxter athe kufanele kubhekwe ngaleli qoqo ngoba i-Ivory Coast neMorocco kufanele kubhekane kanti (iMorocco) isiqeqeshw­a uHerve Renard oke wasebenza kakhulu namaElepha­nts.

“Kunzima kimina ukuthi ngingasho ukuthi iqoqo lizoba nzima noma cha. IMorocco ne-Ivory Coast banezinkin­ga zabo ngoba banomlando ngomqeqesh­i wabo. Siqala ne-Ivory Coast okuyinto enhle kakhulu futhi ezosisiza ukuze sizibone ukuthi sikuliphi izinga. Umdlalo okuyiwona engiwubona uzoba nzima oweNamibia ngoba omkhaya futhi ngeke basolwe kangako ngisho bangashayw­a yonke imidlalo,” usho kanje lo mqeqeshi.

Umqhudelwa­no kuzobe kungokokuq­ala udlalwa ngamazwe awu-24. Amaqembu amabili azoqeda esesicongw­eni emaqoqweni adlulela kwi-Last 16 namazwe amane azolala isithathu kangcono uma eqhathanis­wa nawakwaman­ye amaqoqo.

 ??  ?? STUART BAXTER
STUART BAXTER

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa