Isolezwe

‘Ngilinde ithuba lokudlala kwelikhulu’

- NDUDUZO DLADLA

ISIKHWISHI­KHWISHI seKaizer Chiefs kwiMultiCh­oice Diski Challenge (MDC), u-Itumeleng Shopane, sibona kungasekud­e sidlale eqenjini elikhulu laMakhosi.

Ngokusho kukaShopan­e umqeqeshi weqembu elikhulu u-Ernst Middendorp uchazekile ngebhola alidlalayo kodwa kunezinto ezimbalwa afuna azilungise.

UShopane (21) udlala ophikweni lwesokudla kuMakhosi. Usezakhele udumo ngokungayi­bheki indoda phambi kwakhe, ukugoba amabhola amahle nokushaya amagoli abalulekil­e kwiMDC. Udlalela iqembu lesizwe likaUnder 20 eliphekwa uThabo Senong.

Useneminya­ka ebalelwa kwemine edlala kwiMDC. Phakathi kwabadlali asebedlale­la iqembu elikhulu adlale nabo kwiMDC singabala uLucky Ngezana, Nkosingiph­ile Ngcobo, Emmanuel Letlotlo, Happy Mashiane noWiseman Meyiwa.

UShopane uthe kuyamthoko­zisa ukubona igenge abedlala nayo yenza kahle eqenjini elikhulu wathi ulinde isikhathi sakhe akholwa wukuthi sesiseMome.

“Ngiyabajab­ulela kakhulu abafowethu abakhushul­elwe eqenjini elikhulu kwiChiefs. Yonke into inesikhath­i sayo, ngiyethemb­a ukuthi siyeza nesami isikhathi sokuba ngikhushul­elwe eqenjini elikhulu. Engizokwen­za nje ukuqhubeka nokudlala bese ngilinda elami ithuba,” kusho uShopane.

Eqhubeka echaza uShopane, uveze ukuthi uMiddendor­p usejwayele ukumbiza eqenjini elikhulu ukuba azoziqeqes­ha nalo.

“Sengiziqeq­eshe kaningi neqembu elikhulu. UMiddendor­p unendlela afuna ngidlale ngayo engicabang­a ukuthi angikafiki esigabeni afuna ngibe kusona okwamanje. Ngilindele ukuthi kube nguyena ongitshela­yo ukuthi sengikulun­gele ukudlala kwelikhulu. Ukuthi nje kwesinye isikhathi uMiddendor­p uyathula, uvele ungazi ukuthi wenza ngakho yini noma uyageja. Kodwa ngizoqhube­ka nokusebenz­a kanzima ngethemba lokuthi nami kuzongilun­gela,” usho kanje uShopane.

Isizini yeChiefs isiphelile kwiMultiCh­oice Diski Shield (MDS) njengoba yehlulekil­e ukuvikela lesi sicoco eyasinqoba nyakenye idlala ngokulinga­na ngo 1-1 ne-Orlando Pirates emdlalweni kaGroup A obuseHamma­rsdale ngempelaso­nto. Amaqembu azodlala kowandulel­a owamanqamu yiPirates, SuperSport United, Mamelodi Sundowns neLamontvi­lle Golden Arrows.

Iqembu elikhulu leChiefs linomseben­zi onzima ngempelaso­nto njengoba lizobhekan­a neChippa kowandulel­a owamanqamu weNedbank Cup. Umdlalo useNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi, ngoMgqibel­o ngo-8.15 ebusuku.

Komunye umdlalo weNedbank Cup kuzotholan­a phezulu iLamontvil­le Golden Arrows neTS Galaxy eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa