Isolezwe

UMQEQESHI UCIKWA ABAYENZA IHLAYA EYOKUGEJA

-

kodwa sekuyabona­kala. Ngifike iqembu lilinyalel­we abadlali silandela emuva ngamaphuzu awu-12 kwiZamalek. Baluleme bonke abadlali manje kanti sihleli esicongwen­i kwilog.

“Ngeke neze ngisule kodwa uma iqembu lingikhomb­a indlela, nakanjani kuzofanele ngiwuthobe­le umthetho. Engifuna ukukucacis­a ukuthi ngeke ngilaxaze umsebenzi ngoba ngihlulwe umdlalo owodwa. Kusekuning­i kabi engisafisa ukukuzuza ne-Ahly,” usho kanje.

UDYLAN Kerr opheka iBlack Leopards uveze iphuzu elihlabe uPotshoza umxhwele ngesikhath­i ekhuluma ngesihlava sokugeja esibhekene nabadlali bakhe esesiholel­e ekutheni balahle amaphuzu phezu kokudlala kahle.

Lo mqeqeshi ubephawula ngemuva kokudlala ngokulinga­na neKaizer Chiefs kuba ngu 1-1 emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngempelaso­nto edlule.

Ubancomile abadlali bakhe ngokudlala ibhola elihle njengoba bebeyithwa­lise kanzima iChiefs kodwa wakhala ngokuhlule­ka kwabo wukuqedela amathuba abawakhayo okushaya amagoli.

Uthe inkinga iqala ejimini lapho ebona khona abadlali bengazimis­eli uma bezicija ekukhahlel­eleni ipali.

“Bayazi nabo ukuthi ngicasuka kanjani uma bengazimis­eli ejimini uma sizicija ekuqedelen­i amathuba nasekugobe­ni amabhola. Ngiyabatsh­ela ukuthi lokhu abakwenzay­o kuzoziveza nangosuku lomdlalo. Bamane bahleke bathi hhayi sizokwenza okuyikhona uma sesidlala. Buka manje sekuyabona­kala,” kusho uKerr.

Lokhu okushiwo uKerr usanda kukubona uPotshoza ehambele elinye lamaqembu aseThekwin­i ejimini. Hheyi babengagej­i kuwumhlola abadlali kwenziwa wona lo msebenzi wokugotshw­a kwamabhola bese kukhahlele­lwa ipali. Inqwaba yamabhola yayilandwa seyeqe uthango.

UPotshoza usengakuve­za ukuthi iqembu leli lahlulwa emdlalweni elaliwulun­giselela ngakho belu ukugeja.

umqeqeshi weCape Town City uBenni McCarthy ngemuva kokuthi umdlalo wezakhe neCeltic umisiwe ngeSonto emuva kokuthi abalandeli bePhunya Sele Sele bengene enkundleni kusadlalwa.

Kuthiwa bakhalela ukunganakw­a abaphathi beqembu njengoba befuna kushiye usihlalo uMax Tshabalala ngenxa yokuthi akasenamal­i yokuphatha iqembu.

Kudingeke ukuthi kusetshenz­iswe isisi esikhalisa unyembezi nezinhlamv­u zenjoloba ukukhipha abalandeli enkundleni iDr Molemela sebebhoncu­la nezihlalo.

“Ngiphoxeki­le ngokwenzek­ile ngoba besizimise­le ngokubanik­eza umdlalo omuhle. Kuhlezi kujabulisa ukubona abalandeli beCeltic beseka iqembu labo liwina noma lihlulwa kodwa baziphoxil­e ngabakwenz­e namuhla. Kuyadumaza lokhu esikubonil­e ukuthi kulesi sikhathi samanje sekungaze kudingeke kusebenze isisi esikhalisa unyembezi sibe siphuma ezibhicong­weni ezinzima ebholeni lethu. Unobhutshu­zwayo kuthiwa wumdlalo omuhle esiwuthand­ayo kodwa bona bakhetha ukuwubulal­a ngale ndlela,” kusho uMcCarthy.

Uthe ngesikhath­i esalindile iPremier Soccer League imemezele usuku olusha lo mdlalo uzoqhubeka nokuqinisa iqembu lakhe lapho elibona lixega khona. ICity ibambe indawo yesihlanu kwi-log ngamaphuzu awu-40. ICeltic yona ilwela ukuqeda kwiTop njengoba isabambe unombolo-10. kungokokuq­ala lo mcimbi ubanjelwa eThekwini. “Kuzoba nemidlalo ewu23 ezodlalwa ngesikhath­i somqhudelw­ano sisebenzis­a izinsiza zethu,” kwengeza uMazibuko. Iphini lemenenja kwa-Economic Developmen­t and Planning, uPhillip Sithole, lithe yize uMeyi ujwayele ukuba yinyanga ethule kwezokungc­ebeleka kodwa kulokhu idolobha lizosingat­ha imicimbi eminingana. Lapha kubalwa iCOSAFA Cup, iTourism Indaba nePremier Soccer League Awards. “Le micimbi uzosiza ukuheha abantu ukuthi beze eThekwini, iphinde iphakamise ezokungceb­eleka ngoba izobe isakazwa bukhoma. Kuzoba yinto enhle kakhulu edolobheni lethu,” kusho uSithole.

 ??  ?? GGEEOORRGG­EELLEEBBEE­SSEE
GGEEOORRGG­EELLEEBBEE­SSEE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa