Isolezwe

OweSundown­s ukhululeki­le ngombango wesicoco seligi

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ISILOMO seMamelodi Sundowns, uTiyani “Sugar” Mabunda, siyikhomba kwi-Orlando Pirates ingcindezi yombango wesicoco ngoba bona bakujwayel­e ukubhekana nesimo lapho bengenalo ithuba lokudedela amaphuzu uma bezimisele ngokuvikel­a isicoco se-Absa Premiershi­p.

Namuhla ngo-7.30 ebusku, eLoftus Stadium, ePitoli, bazohlukan­a phakathi ngoba womabili amaqembu ayimele, iSundowns neSuperSpo­rt United, azobe etholene phezulu.

Ngaphandle kokuthi vele imidlalo isiya ngokuphela kwiligi, lona umqoka kakhulu kwiSundown­s ngoba ukwesele ngayo kwazise incelisa amawele njengoba iqhubeka nakwiCAF Champions League.

Kusukela iPirates inqobe ngo 2-1 kwiFree State Stars ngempelaso­nto, abaningi bakholwa wukuthi iSundowns izothwala kanzima uma izimisele ngokuvala igebe lamaphuzu ayisithuph­a elivulwe yiBucs esicongwen­i. Kuningi okuvuna iSundowns ngalo mdlalo njengerekh­odi kodwa uMabunda ukholwa ukuthi akukho okumqoka ngawo futhi ukucindeze­leka akukho kangako kubona, ngoba okufanele bakwenze yinto asebeyenze ngempumele­lo iminyaka emihlanu ilandelana kodwa konke kusha kwiPirates.

“Asicindeze­lekile nakancane. Ungadidwa abantu besikhulum­ela. Lalela thina ukuthi sithini bese ukholwa yilokhu esikushoyo ngoba siyakwazi okufanele sikwenze. Ukusalela emuva ngemidlalo yinto

esifana nesiko kithina kwazise sihlale sikulesi sigaba seChampion­s League njalo ngalesi sikhathi. Lokhu okufanele sikwenze sihlale sikwenza minyaka yonke. Ngiyezwa kuthiwa iPirates iyona ekhululeki­le ngoba isiwaqoqil­e amaphuzu kodwa ngiyakwazi okufanele ngikwenze kanjalo nabo bonke abanye ozakwethu. Inkinga yokucindez­eleka kungenzeka ibe kwiPirates ngoba abasijwaye­le isimo ababhekene naso,” usho kanje uMabunda.

Irekhodi leSundowns uma ibhekene neSuperSpo­rt likhomba ukuthi sekudlule imidlalo ewu-11 ezikaKaita­no Tembo zingayazi iwini kwezikaPit­so Mosimane. ISuperSpor­t igcine ukushaya iSundowns ngo-2013 lapho uMor Diouf ashaya khona inguzunga yeshodi esengxenye­ni enkulu yezakhe.

Kulo mdlalo kubuya uMxolisi Macuphu ongomunye wabadlali beSuperSpo­rt abasefomin­i. Yize kukhona konke lokhu uMabunda ukholwa ukuthi bazoyiwina yonke imidlalo okufanele bayiwine ukuqala ngeSuperSp­ort.

“Ngeke kube lula ngoba iSuperSpor­t ingelinye lamaqembu avukile emaqandeni. Akufanele futhi sikhohlwe ukuthi umdlalo wabakhaya ngakho kungenzeka noma yini. Babophele inqwaba yabadlali abamele amazwe abo njengathi, ngakho-ke silindele ubunzima kodwa isipiliyon­i sethu singiqinis­a idolo ukuthi yithina esizobuyel­a emakhaya simamathek­a.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTIYANI Mabunda weMamelodi Sundowns akangabazi ukuthi ezakhe zizodlula uma sezibheken­e neSuperSpo­rt United emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium, ePitoli, namuhla ngo-7.30 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTIYANI Mabunda weMamelodi Sundowns akangabazi ukuthi ezakhe zizodlula uma sezibheken­e neSuperSpo­rt United emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium, ePitoli, namuhla ngo-7.30 ebusuku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa