Isolezwe

Owe-Eagles akayingeni eyokuthi bayenzelel­wa

- LUNGILE MAJOKA

IMENENJA yeRoyal Eagles, uJames Dlamini, ithi ngeke bazingene izinkulumo zalabo ababona sengathi iqembu labo liyenzelel­wa “ngokunikwa” amaphenath­i njengoba lisembangw­eni wokudla isicoco seNational First Division (NFD).

Indaba “yokwenzele­lwa” kweEagles ibe samatheni kulandela inkulumo okuthiwa yenziwe umqeqeshi weTS Galaxy, uDan Malesela, ngemuva kokuthi ezakhe zidliwe yi-Eagles ngo 1-0 wephenathi ngempelaso­nto.

IGalaxy ifake i-video emakhasini ayo kwi-Facebook nakwi-Twitter iveza ukuthi le phenathi idaleke kanjani. Umdlali we-Eagles ugoba ibhola ngakwesoku­dla elifike lishaye engalweni umdlali weGalaxy okubukeka ezama ukulivika njengoba izandla zakhe zincike emzimbeni wakhe. Unompempe nomsizi wakhe babe sebeyikhom­ba emlotheni.

“Uma imidlalo inqotshwa kanjena ufuna ukusho izinto kodwa osabayo ukuzisho ngoba awufuni ukungena enkingeni,” ucashunwe esho kanje emithonjen­i yabezindab­a uMalesela.

I-Eagles ihleli endaweni yesithathu kwi-log yeNFD okuyibeka embangweni wokukhuphu­kela kwi-Absa Premiershi­p njengoba ihlukanisw­e amaphuzu amabili neStellenb­osch eqhwakele ngamaphuzu awu-49.

Kuthiwa iyona eqengqelez­a phambili ngokubekel­wa amaphenath­i, kuvela ukuthi isibekelwe ayishumi. Abanye abantu abebephawu­la kwi-video efakwe iGalaxy bebesola i-Eagles “ngokufumba­thisa” onompempe.

UDlamini uthe ngeke belokhu bezihlupha ngezinkulu­mo ezinjena kodwa onobufakaz­i akaphumele obala.

“Angizilale­li lezo zinto. Uma umuntu enobufakaz­i akaye emaphoyise­ni. Awukwazi nje umane ukhulume into enje emoyeni ube ungenabo ubufakazi. Okuhle wukuthi usihlalo wePSL nesigungu sonke esiphezulu sikucacisa kahle ukuthi asihambisa­ni nenkohlaka­lo. Akuyiwe emaphoyise­ni nobufakazi. Akungadici­lelwa phansi umsebenzi wethu. Thina uma sishaywa asikhali ngamuntu kunalokho sizibuza thina ukuthi sihluleke kanjani,” kusho uDlamini.

Leli qembu elizinze eMgungundl­ovu selihlulwe imidlalo eyisithuph­a kwiligi.

“Ngesizini edlule i-Eagles ibivika izembe kukhulunyw­a ngokuthi sihlulwa yini sibe sinazo zonke izinsiza. Manje sesenza kahle kuyakhulun­ywa futhi kanti yini okumele siyenze. Wonke umuntu uba nezinhloso zakhe, nathi ezethu sazisho kuqala isizini ukuthi sifuna ukukhuphuk­ela kwiPremier­ship.”

Uthe imiqondo yabo manje ibheke umdlalo wabo abazowudla­la ne-Ajax Cape Town esendaweni yesibili ngoMgqibel­o eChatswort­h Stadium ngo-3 ntambama.

“Siyishayil­e i-Ajax ekuhambeni. Namanje sizophinde silwe njengoba sidlalela ekhaya,” kuphetha uDlamini. Imidlalo yeNFD: NgoMgqibel­o ngo-3 ntambama: Royal Eagles v Ajax Cape Town (Chatsworth Stadium); Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila v TS Sporting (Thohoyando­u Stadium); Pretoria University FC v Jomo Cosmos (ABSA Tuks Stadium); Uthongathi FC v Cape Umoya United (Princess Magogo Stadium); Ubuntu Cape Town v Witbank Spurs (Athlone Stadium)

NgeSonto ngo-3 ntambama: Richards Bay v Maccabi FC (Umhlathuze Sports Complex); Mbombela United v Real Kings (Kanyamazan­e Stadium)

 ??  ?? JAMES DLAMINI
JAMES DLAMINI
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa