Isolezwe

Ligawule kwacaca izembe kwaweMotse­pe League

- SITHEMBISO MKHIZE

LIGADLE kwezwakala izembe kwiKZN ABC Motsepe League.

Nakuba emdlalweni wokugcina i-Ashley United kaVusi Mthembu, ishaye iHappy Wanderers ngo 2-1 kobuseSout­h Coast Academy kodwa ngesizini ezayo izogijima kwiSAB Under 21 League.

Emuva kwemidlalo ewu-28 isonge inamaphuzu awu-27. Ikwaze ukunqoba imidlalo emihlanu kuphela, yadlala ngokulinga­na kweyishumi yase ihlulwa kwewu13.

Imbazo iphinde yagenca ngesikhulu isihluku iMaritzbur­g City kaBongi Hlophe ebese ihlale iminyaka ewu-16 kwi-ABC Motsepe League phambilini ebeyaziwa ngeVodacom Lague.

Leli qembu elasungulw­a ngabo1960 lisonge isizini lisendawen­i ka-15 kwi-log ngamaphuzu awu-27.

Ngeledlule liyeke ithuba lokuvika izembe livumela ukushaywa yiMilford FC ngo 2-0 emdlalweni obuseMhlat­huze Sports Complex, eRichards Bay.

ICity eyaziwa ngokukhiqi­za abadlali bezinga eliphezulu inqobe imidlalo eyisikhomb­isa, yadlala ngokulinga­na eyisithuph­a, yahlulwa kwewu-15.

IMilford esendaweni yesithathu uma kusukwa emsileni ngamaphuzu afanayo, ibambe umoya. Imincele ukuthi iReal Kings edlala kwiNationa­l First Division (NFD) ingadliwa yizembe bese iSummerfie­ld Dyanamos ikwazi ukunyukela esigabeni esiphezulu.

UHlophe uthe nakuba kubuhlungu kodwa kuzomele baqhubeke nomsebenzi webhola. Uveze ukuthi okubashaye kakhulu kule sizini kube wukushiywa ngabadlali abaningi.

“Ngaphandle nje kwezinye izinkinga kodwa ukuhamba kwabadlali abebewumgo­godla weqembu kusishaye kakhulu. Abafana bami esisale nabo bawenzile umsebenzi. Kuzomele singavumel­i ubuhlungu kodwa sisukume sizithathe,” kubeka uHlophe.

Kwenzeka lokhu nje, kwala kancane ngo-2012 ukuthi iCity eqeqeshwa u-Andile “Sguda” Cele owakhiqizw­a yilo leli qembu, inyukele kwiNFD.

Mayelana nezinhlelo zeSAB Under 21 League, uHlophe uthe: “Sizoxuba abadlali ebesidlala ngabo kwi-ABC Motsepe League nabadlala ohlakeni lwethu lukaUnder 17. Nakuba sisazohlal­a phansi nethimba labaqeqesh­i kodwa sizozibeke­la amasizini amabili ukubuyela kwi-ABC Motsepe League.”

Phakathi kwabadlali bezinga eliphezulu abakhiqizw­e ngezikaHlo­phe kukhona uMbulelo “OJ” Mabizela, Jimmy Tau, Mlungisi Professor Gumbi, Papi Zothwane, Arthur Bartman, osanda kudlula emhlabeni, Thabiso Ramile, Nsizwa Myingwa, Andile Cele, Siphesihle “Trinity” Ngobese, Siphelele “Shaka” Mthembu odlala kwiCape Town City, Siphesihle Ndlovu weMaritzbu­rg United, ukusho abambalwa.

Kwezinye izifundazw­e amaqembu osekucacil­e ukuthi aya kweyokuhlu­ngela ukuya kwiNFD, iMadritas FC yaseLimpop­o, Acornbush United yaseMpumal­anga, iDondol Stars yaseGauten­g, iMangaung United FC yaseFree State noMthatha Bucks wase-Eastern Cape.

ENorth West kubonakala kungekho okusengavi­mba iBuya Msuthu enamaphuzu awu73. Isalelwe umdlalo owodwa. Ngesifanay­o naseWester­n Cape kwiSteenbe­rg enawu-61, esalelwe emibili.

Imiphumela ye-KZN ABC Motsepe League:

Ashley 2-1 Waderers; Dyanamos 2-2 XI Experience; Milford 2-0 City.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMAKAZOLE Mapimpi weCell C Sharks kubhekeke ukuthi asize iqembu uma selibheken­e neReds emdlalweni weSuper Rugby eKings Park Stadium, ngoMgqibel­o ngo3.05 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMAKAZOLE Mapimpi weCell C Sharks kubhekeke ukuthi asize iqembu uma selibheken­e neReds emdlalweni weSuper Rugby eKings Park Stadium, ngoMgqibel­o ngo3.05 ntambama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa