Isolezwe

Ifomu kaMaela kubukeka izomgcina kwiBafana

- LUNGILE MAJOKA

INDLELA ifomu ka-Innocent Maela elokhu inyuka ngayo ebuholini bukaMiluti­n “Micho” Sredojevic, kwi-Orlando Pirates, kubukeka kungasezin­suku zatshwala ukuthi agcine eyithathil­e indawo eyayibanjw­a umnewabo uTsepo Masilela kwiBafana Bafana.

Lo mdlali ogijima ngakwesoku­nxele emuva uqokwe njengomdla­li wosuku ovelele iPirates idla iFree State Stars ngo 2-1 ngempelaso­nto emdlalweni we-Absa Premiershi­p. La maphuzu amathathu asize iPirates yazinza esicongwen­i seligi.

Ekhuluma kwithelevi­shini uMaela uthe umklomelo wakhe uwubhekisa kumfowabo ongasadlal­i ethi uyamkhumbu­la ebholeni.

USredojevi­c uthe indlela adlale ngayo kumele igxivize indawo yakhe eqenjini lesizwe eliya kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezobanjelw­a e-Egypt ngoJuni. KwiBafana Bafana uMaela osize iThanda Royal Zulu inqoba isicoco seligi kumasizini amabili edlule, ubanga indawo noSifiso Hlanti weBidvest Wits. “Ngithemba ukuthi indlela adlale ngayo namuhla (ngoMgqibel­o) imthengele ithikithi eliya eCairo. Usanemidla­lo emithathu ukuthi aqhubeke athenge amanye ukuze nakanjani abe sesikhumul­weni sezindiza, agcine efikile khona (eCairo),” kusho uSredojevi­c ngoMaela. Eqoqweni le-Afcon iBafana iqhathwe ne-Ivory Coast, Morocco neNamibia. UMaela uthe yize libukeka linzima iqoqo kodwa ukuzimisel­a okukhona esikwatini sesizwe kumenza athembe ukuthi bazodlula.

“Ngicabanga ukuthi yiqoqo elinzima kodwa ukuzethemb­a kuphezulu eqenjini. Akekho esimesabay­o futhi siyazi ukuthi ayikho into edlula ukuzilungi­selela ngendlela,” kusho uMaela.

Nomqeqeshi wakhe uMicho uthe ngokwakhe iBafana ingahamba ibanga elide kwi-Afcon.

“Ngikholwa wukuthi iNingizimu Afrika iseqoqweni elidlaleka­yo. IMorocco ne-Ivory Coast ngamaqembu okwaziwa ukuthi ayingozi kodwa awangcono kuneBafana. INamibia izobukelwa phansi, nokho akufanele ngoba uRicardo Mannetti uyavala emuva njengoba kubonakele kwiChan nangendlel­a abazibekis­ele ngayo indawo. Kumele simeseke uStuart Baxter nethimba lakhe ngoba ngiyakholw­a wukuthi iBafana ingahamba ibanga elide kunalokhu esikucaban­gayo,” kusho uMicho.

 ??  ?? UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic, ukholwa wukuthi iBafana Bafana izokwenza kahle kwi-Africa Cup of Nations ngoJuni Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic, ukholwa wukuthi iBafana Bafana izokwenza kahle kwi-Africa Cup of Nations ngoJuni Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa